Imibuzo Evela Kubafundi
Lapho uJesu eyala abalandeli bakhe ukuba ‘babolekise ngaphandle kwenzalo, bangathembi ukubuyiselwa utho,’ ingabe wayesho ukuthi akufanele bacele ukubuyiselwa ngisho nemali ababolekise ngayo?
Amazwi kaJesu alotshwe kuLuka 6:35 aqondakala kahle lapho umuntu enolwazi loMthetho KaMose. Lapho, uNkulunkulu wayala ama-Israyeli ukuba angabizi nzalo lapho eboleka ama-Israyeli akubo aphundlekile ngokwezimali nadinga usizo. (Eksodusi 22:25; Levitikusi 25:35-37; Mathewu 5:42) Lokhu kubolekisa ngemali kwakungafanele kwenziwe ngenjongo yebhizinisi. Kunalokho, ukubolekisa ngaphandle kwenzalo okunjalo kwakufanele kunciphise ubumpofu noma usizi. Futhi nje, kwakuyoba unya olukhulu ukusizakala ngokuswela ngokwezimali kukamakhelwane. Noma kunjalo, umuntu obolekise ngemali wayenelungelo lokuthola leyo mali abolekise ngayo, ngezinye izikhathi athathe ngisho nesibambiso.—Duteronomi 15:7, 8.
Njengoba ayewusekela uMthetho, uJesu wabonisa indlela ebanzi osebenza ngayo, ethi lowo onikeza usizo akufanele athembe “ukubuyiselwa utho.” Njengama-Israyeli, ngezinye izikhathi amaKristu abhekana nobunzima obungokwezimali noma ezinye izimo ezingawashiya empofu, kokunye ephundlekile imbala. Uma umfowethu ongumKristu esesimweni esibucayi kanjalo futhi edinga usizo lwezimali, ngeke yini kube umusa ukumsiza? Yiqiniso, uthando lweqiniso beluyoshukumisa umKristu okanye naye ukuba afune ukusiza lo mzalwane ozithola esebunzimeni bezimali obungathí sina kungephutha lakhe. (IzAga 3:27) Umzalwane onjalo odinga usizo angase aphiwe imali, ngisho noma leyo mali eyisipho ingaba ncane kunaleyo umuntu abengabolekisa ngayo.—IHubo 37:21.
Ekhulwini lokuqala C.E., ngenxa yendlala eyayikhona, umphostoli uPawulu noBarnaba bathunywa ukuba bahambise iminikelo eyayivela kumaKristu ase-Asia Minor iya kubazalwane baseJudiya. (IzEnzo 11:28-30) Ngokufanayo nanamuhla, lapho inhlekelele igadla, amaKristu avame ukuthumela izipho kubafowabo abaswele. Ngokwenza kanjalo, anikeza nobufakazi obuhle kwabanye. (Mathewu 5:16) Yiqiniso, kufanele kucatshangelwe isimo sengqondo nezimo zalowo ofuna usizo. Kungani edinga usizo? Kudingeka acatshangelwe amazwi kaPawulu: “Uma umuntu engafuni ukusebenza, makangadli futhi.”—2 Thesalonika 3:10.
Uma umzalwane ocela ukubolekwa imali engekho esimweni esibucayi kakhulu kodwa efuna nje usizo lwesikhashana ukuze alungise izimo zakhe ngemva kobunzima obuthile obungokwezimali, kungase kufaneleke ukumboleka imali ngaphandle kwenzalo. Ezimweni ezinjalo, ukubolekisa ngemali ulindele ukubuyiselwa yona iphelele ngeke kube ukungawalaleli amazwi kaJesu akuLuka 6:35. Kufanele kwenziwe isivumelwano esibhalwe phansi, futhi lowo obolekwa imali kufanele enze wonke umzamo wokuyibuyisa, kuye ngendlela okuvunyelwane ngayo. Ngempela, uthando lobuKristu kufanele lushukumisele obolekile ukuba ayibuyise imali ayibolekile njengoba nje lolo thando lwashukumisela umzalwane ukuba amboleke.
Lowo ocabangela ukubolekisa ngemali (noma ukuphisana ngayo) kuyodingeka abheke nesimo somkhaya wakhe. Ngokwesibonelo, ngeke yini azibeke esimweni esimenza angakwazi ukunakekela izidingo zamalungu omkhaya wakhe, okuyinto eza kuqala ngokwemiBhalo? (2 Korinte 8:12; 1 Thimothewu 5:8) Yebo, amaKristu afuna izindlela zokubonisana uthando, alubonise ngokoqobo lolo thando ngezindlela ezivumelana nezimiso zeBhayibheli.—Jakobe 1:27; 1 Johane 3:18; 4:7-11.