Abamemezeli BoMbuso Bayabika
OFakazi BakaJehova Bashumayela Ngokwethukela Kube Nemiphumela Emihle
ABANTU abaningi bathola iqiniso leBhayibheli ngokokuqala ngqá lapho omunye woFakazi BakaJehova ebashumayeza ngokwethukela. Kulokhu oFakazi balandela isibonelo sikaJesu Kristu, owashumayela ngokwethukela kowesifazane ongumSamariya emthonjeni lapho ezokukha amanzi. (Johane, isahluko 4) EMpumalanga Afrika, omunye woFakazi BakaJehova washumayeza indelakazi engumKatolika ngokwethukela. Ihhovisi legatsha leWatch Tower Society lilandisa lokho okwaba umphumela:
◻ Ekuseni ngolunye usuku lapho eya edolobheni, uFakazi othile wahlangana nendelakazi engumKatolika. Wasebenzisa lelithula ukuba abuze lendelakazi: “Uyaphi ngalesikhathi sosuku?” Impendulo yathi: “Ngiyothandaza kuNkulunkulu wami.” Khona-ke wabuza lendelakazi: “Ingabe uyalazi igama likaNkulunkulu wakho?” “Igama lakhe akuyena yini uNkulunkulu?” kuphendula indelakazi. LoFakazi wacela ukufika ekhaya layo ngaleyontambama ukuze baxoxe ngegama likaNkulunkulu. Ngemva kwalengxoxo indelakazi yaya esontweni layo futhi yabuza omunye wabapristi ukuthi wayazi yini ukuthi igama elithi “Jehova” lisho ukuthini. Impendulo yathi, “Yigama likaNkulunkulu.” Lendelakazi yamangala kakhulu ukuzwa ukuthi umpristi wayekwazi lokhu kodwa wayengazange ayifundise khona.
LoFakazi wavakashela lona wesifazane izinsuku eziyisishiyagalolunye zilandelana futhi wamfundisa iqiniso ngoZiqu-zintathu, umphefumulo, isihogo somlilo, nethemba ngabafileyo. Lona wesifazane wakwemukela konke wabe esecela ukuba loFakazi amnikeze isikhathi esithile ukuze akwazi ukucabanga ngazo zonke lezimfundiso ezintsha. Ngemva kwamasonto amabili waphinde wathintana naloFakazi futhi wacela ukuba babe nezingxoxo ezengeziwe. Ngalesikhathi lendelakazi yase inqume ukulishiya isonto futhi kakade yase izibhubhisile izithixo zayo, amarosali, nesiphambano. Umpristi wazama ukuyinxusa ukuba ibuye, kodwa yayizimisele ukuphishekela iqiniso. Kamuva yabhapathizwa futhi iye yakhonza njengephayona elisizayo lasikhathi sonke izinyanga eziningi naphezu kwempilo yayo ebuthaka nokukhula ngeminyaka.
Njengoba indlu yayo inkulu, yanikela ngayo ebandleni ukuba liyisebenzise njengeHholo LoMbuso. Abazalwane bashintsha uphahla, badiliza izindonga zangaphakathi, futhi benza ingxenye enkulu yalesisakhiwo yaba indawo ekhangayo yokuhlanganyela. Lona owayeyindelakazi engumKatolika uhlala egunjini elingemuva kwehholo. Ujabula kakhulu ngokuba eye wakwazi ukwenza lomnikelo ekukhulekeleni kukaJehova.
◻ Okunye okuhlangenwe nakho okubonisa ukuhlakanipha kokufakaza ngokwethukela kuvela eKampala, eUganda. Lapho siya ehhovisi likahulumeni, isithunywa sevangeli esinguFakazi sakhuluma ngokwethukela nalabo esasigibele nabo ekheshini. Indoda ethile, uMnu. L————, yabonisa isifiso sokwamukela incwadi eyayihanjiswa kodwa yayingenakuyithatha ngalesosikhathi. Ngakho yanikeza lesithunywa sevangeli igama layo nekheli lehhovisi layo. Kamuva lesithunywa sevangeli saya lapho futhi sacela uMnu. L————, Wabizwa kodwa okwamangalisa lesithunywa sevangeli ukuthi kwaqhamuka enye indoda. Kwakunamadoda amabili anegama elifanayo asebenza kulelohhovisi. Kwanikezwa ubufakazi obufushane kuMnu. L———— wesibili, futhi wabonisa isithakazelo esingavamile. Lapho uMnu. L———— wokuqala ephelelwa isithakazelo, kwaqaliswa isifundo seBhayibheli noMnu. L———— wesibili. Manje usenguFakazi obhapathiziwe, futhi umkakhe nendodana yakhe bathuthukela obhapathizweni.
UJesu Kristu unguMalusi Omuhle futhi uyabazi abantu abanjengezimvu abanhliziyo zabo zithambekele ekulungeni. Lokhu okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi uqondisa abalandeli bakhe kubantu abanjalo. Ukushumayela ngokwethukela kungaba nezithelo!—Johane 10:14.