Lapho Ubandlululo Luyobe Lungasekho!
KUBIKWA ukuthi usosayensi u-Albert Einstein wake wathi kulelizwe elidabukisayo, ukunqoba ubandlululo kunzima ngaphezu kokuhlukanisa i-athomu. Ngokufanayo, u-Edward R. Murrow, umlobeli wephephandaba owaba usaziwayo phakathi neMpi Yezwe II futhi kamuva waba umqondisi we-U.S. Information Agency, wathi “akekho umuntu ongaqeda ubandlululo—luqaphele nje kuphela.”
Ingabe lamazwi azwakala eyiqiniso? Ingabe akunakwenzeka ukuqeda ubandlululo nobuhlanga? UNkulunkulu uzizwa kanjani ngobandlululo?
UNkulunkulu Akakhethi
IBhayibheli liyakugxeka ukukhetha. (IzAga 24:23; 28:21) Lithi “ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala kumsulwa, bese kuba okunokuthula, okunengqondo, okusheshayo ukulalela, okugcwele isihe nezithelo ezinhle, okungahlukanisi abantu ngokukhetha, okungazenzisi.” (Jakobe 3:17) Ukuhlakanipha okunjalo kwagcizelelwa kubahluleli bakwa-Israyeli wasendulo. “Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni,” beyalwa. ‘Ningakhethi ubuso bompofu, ningavuni ubuso bomkhulu.’—Levitikusi 19:15.
Ukumelana kweBhayibheli ngokuqinile nokukhetha nobandlululo kwagcizelelwa uJesu Kristu nabaphostoli bakhe uPetru noPawulu. UJesu wayengababandlululi labo ‘ababephundleke futhi behlakazeke njengezimvu ezingenamalusi.’ (Mathewu 9:36) Wafundisa: “Yekani ukwahlulela ngokubonakala kwangaphandle, kodwa yahlulelani ngokwahlulela okulungileyo.”—Johane 7:24.
UPetru noPawulu bayasiqinisekisa ukuthi uJehova uNkulunkulu ngokwakhe akakhethi. UPetru wathi: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Umphostoli uPawulu uyasitshela: “Akukho ukukhetha kuNkulunkulu.”—Roma 2:11.
Ithonya LeBhayibheli
IBhayibheli linamandla okuguqula ubuntu balabo abaqondiswa yilo. EyamaHeberu 4:12 ithi: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla.” Ngosizo lukaJehova umuntu onobandlululo angashintsha ngisho nendlela yakhe yokucabanga abe ongakhethi lapho esebenzelana nabanye.
Ngokwesibonelo, cabangela indaba kaSawulu waseTarsu. Ngokokulandisa kweBhayibheli, wake waphikisana ngobudlova nebandla lobuKristu ngoba wayelandela isiko elingokwenkolo elingaguquki. (IzEnzo 8:1-3) Isiko lobuJuda lalimenze waqiniseka ngokugcwele ukuthi wonke amaKristu ayeyizihlubuki nezitha zokukhulekela kweqiniso. Ubandlululo lwakhe lwambangela ukuba asekele ukubulawa kwamaKristu. IBhayibheli lithi ‘wayephefumula usongo nokubulala ngokungemthetho ngokumelene nabafundi beNkosi.’ (IzEnzo 9:1) Lapho enza kanjalo, wayecabanga ukuthi unikela inkonzo engcwele kuNkulunkulu.—Qhathanisa noJohane 16:2.
Nakuba kunjalo, uSawulu waseTarsu wakwazi ukuluyeka ubandlululo lwakhe olweqile. Waze waba umKristu ngokwakhe! Kamuva, esenguPawulu, umphostoli kaJesu Kristu, wabhala: “Ngaphambili ngangingumhlambalazi nomshushisi nomuntu oweyisayo. Noma kunjalo, ngaboniswa isihe, ngoba ngangingenalwazi futhi ngenza ngokuntula ukholo.”—1 Thimothewu 1:13.
UPawulu wayengeyena ukuphela komuntu owenza ushintsho olukhulu kangako endleleni yakhe yokucabanga. Encwadini yakhe eya kuThithu, umshumayeli wevangeli okanye naye, uPawulu wayala amaKristu ukuba ‘angakhulumi kabi nganoma ubani, angabi izilwi, abe nengqondo, ebonisa bonke ubumnene kubantu bonke. Ngoba ngisho nathi sasikade singenangqondo, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezifiso nezinjabulo ezihlukahlukene, siqhubeka ebubini nasemoneni, singabenyanyekayo, sizondana.’—Thithu 3:2, 3.
Ukususa Isithiyo Sobandlululo
Namuhla, amaKristu eqiniso azama ukulalela leso seluleko. Afuna ukugwema ukwahlulela abantu ngokwendlela ababonakala ngayo ngaphandle. Lokhu kuwavimbela ukuba ‘akhulume kabi’ ngabanye. Ajabulela ubuzalwane bomhlaba wonke obeqa yonke imingcele yalelizwe yobuzwe nobuhlanga.
Cabangela okuhlangenwe nakho kukaHenrique, umuntu waseBrazil onsundu ngebala. Njengoba yena ngokwakhe ayeyisisulu sobandlululo lobuhlanga, wayenenzondo ejulile ngabantu abamhlophe. Uyachaza: “OFakazi ababili abamhlophe bafika emzini wami bezokhuluma ngegama likaNkulunkulu. Ngaqale ngangafuna ukulalela ngoba ngangingabethembi abantu abamhlophe. Kodwa ngokushesha ngabona ukuthi isigijimi sabo sasizwakala siyiqiniso. Ngakho ngasamukela isifundo seBhayibheli. Umbuzo wokuqala engawubuza wawuthi, ‘Bakhona yini abantu abansundu abaningi esontweni lenu?’ Bathi, ‘Yebo.’ Babe sebengibonisa isithombe sokugcina esisencwadini ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli,a esibonisa intsha yezinhlanga ezihlukene. Phakathi kwayo kwakunomfana onsundu, futhi lokhu kwangikhuthaza. Kamuva ngaya eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova, lapho ngabona khona abantu bezinhlanga ezihlukene bephathana ngenhlonipho. Lokhu kwakubaluleke kakhulu kimi.”
Manje, njengoba esengomunye woFakazi BakaJehova, uHenrique uyajabula ngokuba yingxenye yobuzalwane bobuKristu beqiniso. Uyaqonda ukuthi udumo aluyi kunoma yimuphi umuntu. Uthi: “Namuhla ngibonga uJehova noJesu ngakho konke abangenzele khona. Ngisebenza nezigidi zezinceku zikaJehova ezithembekile ezivela kuzo zonke izinhlanga, imibala, izizinda, sibambisene enjongweni eyodwa.”
UDario wayengesinye isisulu sobandlululo lapho esakhula. Lapho eneminyaka engu-16, waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Uyaphawula: “KoFakazi, ngithole ukuthi ayikho imizwa yokuphakama kohlanga oluthile.” Wahlatshwa umxhwele umoya wothando lweqiniso. Waphawula ikakhulukazi ukuthi abantu bezinhlanga ezihlukene babesezikhundleni zomthwalo wemfanelo ebandleni. Noma nini lapho ebandlululwa ngandlela-thile abantu abangaphandle kwebandla, uDario ukhumbula ukuthi uJehova uthanda abantu bazo zonke izizwe, izizwana, nezilimi.
Indlela Yokubhekana Nalo
Sonke siyathanda ukuphathwa ngendlela engalulazi nangenhlonipho. Yingakho ukuba yisisulu sobandlululo kuwuvivinyo okunzima ukulukhuthazelela. Ibandla lobuKristu alisivikeli kukho konke ukuchayeka ezimweni zengqondo zalelizwe zokubandlulula. Uma nje uSathane uDeveli esalawula izindaba zezwe, ngeke kube nobulungisa. (1 Johane 5:19) IsAmbulo 12:12 siyasixwayisa: “Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, enentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.” Inhloso yakhe ayikhona nje ukuphazamisa. Ufaniswa nesilwane esidla ezinye. Umphostoli uPetru uyasitshela: “Isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna ukushwabadela othile.”—1 Petru 5:8.
IBhayibheli futhi liyasitshela: “Ngakho-ke, zithobeni kuNkulunkulu; kodwa melanani noDeveli futhi uyonibalekela.” (Jakobe 4:7) Usizo oluhle ekubhekaneni nobandlululo ukubheka kuNkulunkulu ukuba asivikele, njengoba iNkosi uDavide yenza: “Nkulunkulu wami, ngikhulule esandleni somubi, esandleni songalungile nesonakeleyo.” (IHubo 71:4) Singaze ngisho sithandaze njengomhubi: “Yiba-nomusa kimi, Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwinya; usuku lonke bayangicindezela belwa.”—IHubo 56:1.
UNkulunkulu uyosabela kanjani emithandazweni enjalo? IBhayibheli liyaphendula: ‘Uyokhulula ompofu ozikhalela kuye, nohluphekayo ongenamsizi. Uyohawukela odangeleyo nompofu; uyosindisa imiphefumulo yabampofu.’ (IHubo 72:12, 13) Yeka ukuthi kuhle kangakanani ukwazi ukuthi ngesikhathi esifanele uJehova uzokhulula bonke abayizisulu zokungabi nabulungisa!
“Abayikwenza Okubi”
Ohulumeni balelizwe bangase baqhubeke belwa nobandlululo ngemithetho nezinhlelo zabo. Bangase baqhubeke bethembisa ukulingana nokungakhethi. Kodwa abanakuphumelela. (IHubo 146:3) UNkulunkulu kuphela ongaqeda noyoqeda ukubandlululwa. Uyoguqula isintu asenze umkhaya owodwa onobunye. “Isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala, siphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi” siyosinda ekupheleni kwalesi simiso esibi futhi sijabulele ukuphila ngokuthula.—IsAmbulo 7:9, 10.
UJehova uyosusa konke ukulimala okubangelwe ubandlululo lobuhlanga nolwenhlalo. Cabanga nje, akekho oyophathwa ngokungenabulungisa! “Bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa.” (Mika 4:4) Futhi u-Isaya 11:9 uthi: “Abayikwenza okubi.”
Uma uyisisulu sobandlululo manje, leli themba elimangalisayo lesikhathi esizayo liyoqinisa ubuhlobo bakho noJehova. Liyokusiza ukuba ukhuthazelele ukungabi nabulungisa kwalesi simiso esibi. Njengoba ubhekana nobandlululo futhi uphokophele phambili, lalela iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile: “Qinani, inhliziyo yenu ibe-nesibindi, nina nonke enithemba uJehova.”—IHubo 31:24.
[Umbhalo waphansi]
a Enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
U.S. National Archives photo