Ingabe Ukuphila Kwakho Kulawulwa Ukudalelwa?
“ALA NÒ DON.” Ngolimi lwesiBambara lwaseMali, eNtshonalanga Afrika, lamazwi asho ukuthi, “Ngumsebenzi kaNkulunkulu.” Iziqubulo ezinjengalezi zivame kakhulu kuleyo ngxenye yezwe. Ngolimi lwesiWolof, lenkulumo ithi, “Yallah mo ko def” (Kwenziwe uNkulunkulu). Ngolunye ulimi lwesigodi sesizwe samaDogon, kuthiwa, “Ama biray” (Kubangelwe uNkulunkulu).
Lamazwi ashiwo ngezinye izindlela kwamanye amazwe. Izinkulumo ezinjengokuthi, “Bese kufike isikhathi sakhe” nokuthi, “Bekuyintando kaNkulunkulu,” zivame ukuzwakala njalo lapho kushoniwe noma kube nenhlekelele. ENtshonalanga Afrika, iziqubulo ezinjengokuthi “Umuntu uyahlongoza, uNkulunkulu ahlele” zivame ukubhalwa ezintweni zokuthutha umphakathi futhi zichonywe njengezimpawu ezitolo. Kubantu abaningi zimane nje ziyizisho. Nokho, ezikhathini eziningi zibonakalisa ukukholelwa ngokujulile enkolelweni yokudalelwa.
Iyini ngempela inkolelo yokudalelwa? I-World Book Encyclopedia iyichaza ngokuthi “inkolelo yokuthi izenzakalo zinqunywa amandla angenakulawulwa abantu.” Ayini ‘lamandla’? Ezinkulungwaneni zeminyaka edlule, abantu baseBabiloni babekholelwa ukuthi ikusasa lomuntu lithonywa kakhulu ukuma kwezinkanyezi lapho ezalwa. (Qhathanisa no-Isaya 47:13.) AmaGreki ayekholelwa ukuthi ikusasa lilawulwa onkulunkulukazi abathathu abanamandla abaphotha, balinganise, bese benquma intambo yokuphila. Nokho, yizazi zemfundiso yenkolo zeLobukholwa ezavela nomqondo wokuthi uNkulunkulu ngokwakhe onquma ikusasa lomuntu!
Ngokwesibonelo, “uSanta” Augustine wayenqaba “imibono engamanga nelimazayo” yezazi zezinkanyezi. Ngakolunye uhlangothi, wathi “ukuvuma ukuthi uNkulunkulu ukhona, ngesikhathi esifanayo uphike ukuthi uzazi kusengaphambili izinto zesikhathi esizayo, kuwubuwula obusobala kunabo bonke.” Wathi ukuze uNkulunkulu abe umninimandla onke ngempela, kumelwe “azi zonke izinto ngaphambi kokuba zenzeke” angashiyi “lutho lunganqunyelwe kusengaphambili.” Nokho, u-Augustine wakusho ngentshiseko ukuthi nakuba uNkulunkulu ekwazi kusengaphambili konke okwenzekayo, abantu banayo inkululeko yokuzikhethela.—The City of God, Incwadi V, Izahluko 7-9.
Emakhulwini eminyaka kamuva, isazi semfundiso yenkolo esingumProthestani uJohn Calvin sawuthuthukisa lomqondo, sathi nakuba abathile “benqunyelwe [uNkulunkulu] kusengaphambili ukuba babe abantwana nezindlalifa zombuso wasezulwini,” abanye banqunyelwe kusengaphambili ukuba “bathole ulaka lwakhe”!
Namuhla, inkolelo yokudalelwa ithathwa ngokungathi sína ezingxenyeni eziningi zezwe. Cabanga ngokuhlangenwe nakho kuka-Ousmane, insizwa yaseNtshonalanga Afrika. Wayekade engomunye wabafundi abaphuma phambili esikoleni ayefunda kuso, kodwa lapho ebhala isivivinyo sokugcina akaphumelelanga! Lokhu kwakungasho nje kuphela ukuphinda ikilasi unyaka kodwa futhi kwakusho nokuphoxeka phambi komkhaya wakubo nabangane bakhe. Umngane wakhe wazama ukumduduza ngokuba athi kwakuyintando kaNkulunkulu. Unina ka-Ousmane ngokufanayo wathi kwakudaliwe ukuba angaphumeleli.
Ekuqaleni u-Ousmane wayamukela ngenjabulo imizamo yabo yokuzwelana naye. Vele ayikho into ayengayenza ukuze avimbele ukungaphumeleli kwakhe, uma kwakuyintando kaNkulunkulu ngempela. Kodwa uyise wayengaboni kanjalo. Watshela u-Ousmane ukuthi ukungaphumeleli esivivinyweni kwakube iphutha lakhe siqu—hhayi elikaNkulunkulu. U-Ousmane akaphumelelanga ngenxa nje yokuthi wayedebeselele izifundo zakhe.
Njengoba ukukholelwa kwakhe ekudalelweni kwase kwenziwe buthaka, u-Ousmane wanquma ukuba azihlolele ngokwakhe lendaba. Siyakumema manje ukuba wenze okufanayo ngokucabangela isihloko esilandelayo.