Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 9/1 kk. 4-7
  • Imivuzo Yokwazisa Abazali Asebekhulile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imivuzo Yokwazisa Abazali Asebekhulile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukupha Ngokwezinto Ezibonakalayo
  • Ukupha Ngokomzwelo
  • Ukupha Ngokomoya
  • Ukuziphatha Okuhle Kudonsela Abantu KuNkulunkulu
  • Kungani Ugogo Nomkhulu Behlala Nathi?
    I-Phaphama!—1992
  • Ukwazisa Abazali Bethu Abagugile
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Kungani Kufanele Ngimazi Ugogo Nomkhulu?
    I-Phaphama!—2001
  • Ngingasondelana Kanjani Nogogo Nomkhulu?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 9/1 kk. 4-7

Imivuzo Yokwazisa Abazali Asebekhulile

ABAKHULEKELI bakaNkulunkulu beqiniso bahlonipha, bazise futhi banakekele abazali babo asebekhulile ngoba bayabathanda. Kuyingxenye yokukhulekela kwabo. IBhayibheli lithi: “[Abantwana noma abazukulu] mabafunde ukuqhuba ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu endlini yakwabo siqu kuqala nokuqhubeka bekhokha imbuyiselo abayikweletayo kubazali babo nakubazali babazali babo, ngoba lokhu kuyamukeleka emehlweni kaNkulunkulu.” (1 Thimothewu 5:4) Kungakhathaliseki ukuthi sibancane noma sibadala, kuyafaneleka ukuba sinike abazali bethu nabazali babazali bethu ‘imbuyiselo esiyikweletayo.’ Ngalendlela sibonisa ukwazisa ngothando lwabo, ukuzikhandla nokusinakekela kwabo iminyaka eminingi kangaka. Empeleni, abazali bethu sibakweleta kona kanye ukuphila kwethu!

Phawula ukuthi ukukhokhela abazali bethu nabazali babazali bethu imbuyiselo esibakweleta yona “kuyamukeleka emehlweni kaNkulunkulu.” Kuhlotshaniswa ‘nokuzinikela kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu.’ Ngakho, ngokwenza ngokuvumelana nalesi seluleko, siyavuzwa, ngenxa yokwazi ukuthi senza okujabulisa uNkulunkulu. Lokho kusilethela injabulo.

Kunenjabulo ekupheni abanye, ikakhulukazi lapho sipha labo abaye basipha ngokungagodli. (IzEnzo 20:35) Khona-ke, yeka ukuthi kunomvuzo kangakanani ukwenza ngokuvumelana nesimiso seBhayibheli: “Nikeza uyihlo nonyoko isizathu sokujabula, makajabule lowo owakubeletha”!—IzAga 23:25, The New English Bible.

Singabanika kanjani abazali bethu nabazali babazali bethu imbuyiselo esibakweleta yona? Ngezindlela ezintathu: ngokwezinto ezibonakalayo, ngokomzwelo nangokomoya. Ngayinye inemivuzo yayo.

Ukupha Ngokwezinto Ezibonakalayo

Labo abakhonza uNkulunkulu bayazi ukuthi kubalulekile ukunakekela amalungu omkhaya ngokwezinto ezibonakalayo. Umphostoli uPawulu wayala: “Uma noma ubani engabondli abakubo siqu, futhi ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.”—1 Thimothewu 5:8.

UTunji noJoy bahlala eNtshonalanga Afrika. Nakuba babengamile kahle ngokwezimali, bacela abazali bakaJoy asebekhulile ukuba bazohlala nabo. Uyise wayegula futhi wagcina eshonile. UTunji uyakhumbula: “Lapho ubaba eshona, umama wasingatha umkami wathi: ‘Wenze konke okusemandleni akho njengomuntu. Akufanele neze ube nomuzwa wecala ngokushona kukayihlo.’ Nakuba simkhumbula ubaba, siyazi ukuthi sasimthengela imithi engcono kakhulu futhi sasizama njalo ukumenza azizwe efunwa futhi edingeka; senza okusemandleni ethu ukuze sihlangabezane nomthwalo wethu wemfanelo esiwunikwe uNkulunkulu. Sinakho lokho kwaneliseka.”

Yiqiniso, akubona bonke abasesimweni sokusiza abanye ngokwezinto ezibonakalayo. Indoda ethile ehlala eNigeria yathi: “Uma indoda ingenakuzondla ngokwayo, khona-ke ingakwazi kanjani ukondla omunye umuntu?” Emazweni amaningi isimo singase sibe sibi nakakhulu eminyakeni ezayo. Ngokwesibikezelo seZizwe Ezihlangene, maduze nje ingxenye yabantu base-Afrika eseningizimu yeSahara izodla imbuya ngothi.

Uma uphila ngaphansi kwezimo zobumpofu, ungase ududuzwe indaba engokoqobo yomfelokazi oswele. Lapho uJesu esemhlabeni, wabona umfelokazi enza umnikelo omncane endaweni yomcebo yethempeli. Wanikela nje ‘ngezinhlamvu zemali ezimbili ezincane zenani elincane kakhulu.’ Noma kunjalo, esazi isimo sakhe, uJesu wathi: “Nginitshela iqiniso, Lomfelokazi, nakuba empofu, ukhalakathelisele okungaphezulu kunokuba bonke benzile. Ngoba bonke laba bakhalakathelisele izipho ezivela ensaleleni yabo, kodwa lona wesifazane ekusweleni kwakhe ukhalakathelisele konke abenakho abeziphilisa ngakho.”—Luka 21:1-4.

Ngokufanayo, uma senza okusemandleni ethu ukunakekela abazali bethu nabazali babazali bethu ngokwezinto ezibonakalayo, nakuba kungase kube kuncane, uJehova uyakuqaphela futhi uyakwazisa. Akalindele ukuba senze okungaphezu kwalokho esinamandla okukwenza. Cishe abazali bethu nabazali babazali bethu bayozizwa ngendlela efanayo.

Ukupha Ngokomzwelo

Ukunakekela abazali bethu nabazali babazali bethu kuhilela okungaphezu kokumane sinakekele izidingo zabo zezinto ezibonakalayo. Sonke sinezidingo ezingokomzwelo. Wonke umuntu, kuhlanganise nasebekhulile, unesifiso sokuthandwa, ukuzizwa edingeka futhi efunwa, nesokuba ilungu lomkhaya elaziswayo.

UMary, ohlala eKenya, uye wanakekela umamezala wakhe osekhulile iminyaka emithathu. UMary uthi: “Ngaphandle kokunakekela izidingo zakhe zezinto ezibonakalayo, sihlale sixoxa naye. Umama akakwazi ukwenza okuningi endlini, kodwa siyaxoxa futhi siye saba abangane abakhulu. Ngezinye izikhathi sixoxa ngoNkulunkulu, ngezinye sixoxe ngabantu bangasekhaya. Nakuba eseneminyaka engaphezu kuka-90, unenkumbulo enhle kakhulu. Uyakhumbula futhi axoxe ngokuphila kwangesikhathi eseyintombazanyana, ezinsukwini ezingaphambi kuka-1914.”

UMary uyaqhubeka: “Akulula ukunakekela umuntu osekhulile, kodwa ukuba naye kuye kwasilethela imivuzo ecebile. Sinokuthula nokuzwana emkhayeni. Ukubonisa kwami umoya wokupha kuye kwashukumisela abanye emkhayeni ukuba babe nomoya wokuphana. Umyeni wami ungihlonipha ngokwengeziwe. Futhi uma umama ezwa noma ubani ekhuluma nami ngokhahlo, uyangenela ngokushesha angivikele. Akekho ongasho izwi elihlabayo kimi ekhona!”

Ukupha Ngokomoya

Njengoba nje ukupha ngokwezinto ezibonakalayo nangokomzwelo kuletha imivuzo kulowo ophayo, kungokufanayo nangezinto ezingokomoya. Umphostoli uPawulu wabhalela ibandla lobuKristu eRoma: “Ngilangazelela ukunibona, ukuze ngidlulisele kini isipho esithile esingokomoya ukuze niqiniswe; noma, kunalokho, ukuze kube khona ukukhuthazana phakathi kwenu, omunye nomunye ngokholo lomunye, kokubili olwenu nolwami.”—Roma 1:11, 12.

Ngokufanayo, lapho kuziwa ekupheni ngokomoya kulabo asebekhulile abakhonza uNkulunkulu, ngokuvamile kuba nokukhuthazana. U-Osondu ohlala eNigeria, uyalandisa: “Okungithakazelisa kakhulu ngabazali babazali bami ithuba abanginika lona lokuba nombono wesikhathi esidlule. Umkhulu, ngamehlo agcwele injabulo, ulandisa ngensimu ayeyisebenza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele ngawo-1950 nawo-1960. Uqhathanisa ukwakheka kwebandla kwanamuhla nendlela elalakheke ngayo lapho eba uFakazi. Lokhu okuhlangenwe nakho kuyangisiza enkonzweni yami njengephayona.”

Abanye ebandleni lobuKristu nabo bangasiza ekupheni kulabo asebekhulile. UTunji, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wachaza lokho okwenzeka ebandleni akulo: “Umzalwane osemusha oyiphayona owayabelwe ukunikeza inkulumo yeningi weza nohlaka kubaba ukuze bayilungiselele ndawonye. Umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda wafika wathi kubaba: ‘Unokuhlangenwe nakho. Yini ongayisho engangisiza ngithuthuke.’ Ubaba wakwazi ukunikeza lowo mdala iseluleko esithile esiwusizo. Abafowethu babemthinta izikhathi eziningana ubaba emithandazweni yebandla. Konke lokhu kwakumenza azizwe edingeka.”

Ukuziphatha Okuhle Kudonsela Abantu KuNkulunkulu

Ngezinye izikhathi, njengoba sibonisa abazali bethu nabazali babazali bethu ukwazisa nothando, sidonsela abantu kuNkulunkulu. Umphostoli uPetru wabhala: “Londolozani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe, ukuze kuthi, entweni ezikhuluma kabi ngani kuyo njengokungathi ningabenzi bokubi, zikhazimulise uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yenu emihle ezingofakazi bayo bokuzibonela.”—1 Petru 2:12.

U-Andrew, umdala ongumKristu eNtshonalanga Afrika, wayehamba amakhilomitha angu-95 kabili ngesonto eyonakekela uyise ogulayo, owayengakholwa. Uyalandisa: “Lapho ngiba omunye woFakazi BakaJehova, ubaba wayephikisa kakhulu. Kodwa lapho eqaphela indlela engangimnakekela ngayo ngesikhathi egula, wayehlale enxusa abafowethu nodadewethu abancane ethi, ‘Kumelwe niye enkolweni yomfowenu!’ Lokho kwabashukumisa, futhi manje izingane eziyisishiyagalolunye zikababa zonke zingoFakazi BakaJehova.”

Ukwazisa nokunakekela abazali bethu asebekhulile kungaba inselele, ikakhulukazi ezikhathini ezinzima ngokwezomnotho. Kodwa njengoba amaKristu ezama ukwenza kanjalo, athola imivuzo eminingi. Ngaphezu kwakho konke, aba nenjabulo yokupha, kanye nokwaneliseka kokwazi ukuthi ajabulisa uJehova uNkulunkulu, ngokwakhe “onguYise wabo bonke abantu.”—Efesu 4:6.

[Ibhokisi ekhasini 6]

Iseluleko Saphezulu Kulabo Abanakekelwayo Nabanakekelayo

Yiba Okhuthazayo: “Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane wakhe kokuhle ukuba akheke.”—Roma 15:2.

Yiba Ogxilile: “Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.”—Galathiya 6:9.

Yiba Othobekile: “Ningenzi lutho ngokubanga noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo nibheka abanye njengabaphakeme kunani.”—Filipi 2:3.

Yiba Umenzi Wokuhle: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.” —1 Korinte 10:24.

Yiba Osebenzisa Ingqondo: “Ukuba nengqondo kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.”—Filipi 4:5.

Yiba Nobubele: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile.”—Efesu 4:32.

[Isithombe ekhasini 7]

Abadala abasebasha bangazuza kokuhlangenwe nakho kwasebekhulile

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela