Basha Ingabe Niyathuthuka Ngokomoya?
“NAKUBA ngangiya emihlanganweni yobuKristu, ngangingenaso isifiso esinamandla sokukhonza uJehova,” kusho uHideo njengoba ekhumbula izinsuku zakhe esafunda esikoleni esiphakeme. “Ngangivame ukuzibona ngeso lengqondo ngiyintandokazi kulabo engifunda nabo futhi ngitetemuka nentombi yami ngehla nomgwaqo. Imigomo yami yayingacacile, futhi ngangingenaso isifiso sokuthuthuka ngokomoya.” NjengoHideo, intsha eningi imane iyalandela nje, ayinaso isifiso sokufinyelela noma yimiphi imigomo ezuzisayo noma sokuthuthuka.
Uma usemusha, cishe uye ujabule kakhulu lapho udlala imidlalo ethile noma uzilibazisa ngokuthile okuthandayo. Kodwa lapho kuziwa ezintweni ezingokomoya, ungase ungazizwa ngaleyo ndlela. Kungenzeka yini ukuba uthole injabulo ngemigomo engokomoya? Cabangela la mazwi omhubi: “Isikhumbuzo sikaJehova sithembekile, sihlakaniphisa ongenalwazi. . . . Umyalo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.” (IHubo 19:7, 8) IZwi likaNkulunkulu lingamqondisa “ongenalwazi” ukuba enze ngokuhlakanipha, ‘likhanyise amehlo akhe.’ Yebo, izinto ezingokomoya zingakujabulisa futhi zikuthokozise. Kodwa yini edingekayo ukuze uzizwe ngaleyo ndlela? Kumelwe uqale kuphi?
Shukumiseleka Ukuba Ukhonze UNkulunkulu
Okokuqala, kumelwe kube khona okukushukumisayo. Cabanga ngendaba yeNkosi yakwaJuda esencane, uJosiya. Lapho kutholakala incwadi yoMthetho kaJehova ethempelini, uJosiya wayala ukuba ifundwe futhi kwamthinta ngokujulile lokho akuzwa. Ngenxa yalokho, “uJosiya wasusa zonke izinto ezinengekayo kuwo wonke amazwe abantwana bakwa-Israyeli.” (2 IziKronike 34:14-21, 33) Ukufundwa kweZwi likaNkulunkulu kwashukumisela uJosiya ukuba enze okwengeziwe ekukhuthazeni ukukhulekela okumsulwa.
Nawe ungasihlakulela isifiso sokukhonza uJehova uma ulifunda njalo iBhayibheli futhi uzindla ngalokho okufundayo. Yilokho okwashukumisa uHideo. Waqala ukuzihlanganisa nephayona elase likhulile, isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova. Lelo phayona lalingumfundi weBhayibheli okhuthele futhi lizama ukusebenzisa izimfundiso zeBhayibheli ekuphileni kwalo. Ekhuthazwe kakhulu isibonelo salelo phayona, uHideo waqala ukwenza okufanayo futhi waba nesifiso sokukhonza uNkulunkulu kanye nabanye abantu. Umphumela wentuthuko yakhe engokomoya waba ukuphila okunenjongo.
Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kungayishukumisa intsha. UTakahiro uyachaza: “Noma nini lapho ngikhumbula sengilele ukuthi angilifundanga iBhayibheli ngalelo langa, ngangivuka ngilifunde. Ngenxa yalokho, ngangisizwa isiqondiso sikaJehova. Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kwaba nengxenye enkulu entuthukweni yami engokomoya. Ngenxa yokuzimisela ukuba nengxenye enkulu enkonzweni kaJehova, ngaqala ukusebenza njengephayona elivamile ngemva nje kokuphothula esikoleni esiphakeme. Futhi ngiyijabulela kakhulu.”
Ngaphandle kokufunda iBhayibheli, yini enye engakusiza ukuba uqinise isisusa sakho sokudumisa uJehova? UTomohiro walifundiswa ngunina iqiniso leBhayibheli. Uthi: “Kwaze kwaba yilapho ngifundisisa incwadi ethi Life Does Have a Purpose ngineminyaka engu-19, lapho ngezwa lungithinta ngokujulile uthando lukaJehova nomhlatshelo kaJesu wesihlengo. Lokho kwazisa ngothando lukaNkulunkulu kwangishukumisela ukuba ngenze okwengeziwe enkonzweni kaJehova.” (2 Korinte 5:14, 15) NjengoTomohiro, intsha eningi ikhuthazwa ukuba ithuthuke ngokomoya ngokuphishekela ngenkuthalo isifundo seBhayibheli somuntu siqu.
Ngisho noma sewenze kanjalo, kuthiwani uma usantula isifiso esiqotho sokukhonza uJehova? Ingabe ukhona ongaya kuye ukuze uthole usizo? Umphostoli uPawulu wabhala: ‘Ngoba uNkulunkulu usebenza ngaphakathi kini ukuze nithande futhi nenze.’ (Filipi 2:13) Uma uthandazela usizo kuJehova, uyokupha mahhala umoya wakhe ongcwele, ongeke nje ukunike amandla okuba “wenze,” kodwa futhi oyokunika namandla okuba ‘uthande.’ Lokhu kusho ukuthi umoya kaNkulunkulu ongcwele uyokhulisa isifiso sakho sokwenza konke okusemandleni akho enkonzweni kaJehova futhi uyokusiza ukuba ukhule ngokomoya. Yebo, thembela emandleni kaJehova futhi uqinise inhliziyo yakho!
Zibekele Imigomo Yakho Siqu
Lapho nje usunqume ukukhonza uJehova ngokugcwele, kudingeka uzibekele imigomo yakho siqu ukuze uthuthuke ngokomoya. UMana, intombazane esencane engumKristu, wathi: “Ukubeka imigomo kwangisiza kakhulu. Kunokuba ngibuyele emuva, ngaqhubekela phambili ngesibindi. Ngicabanga ngemigomo yami, ngathandazela isiqondiso kuJehova ngobuqotho, futhi ngakwazi ukuthuthuka ngaphandle kokuphazamiseka.”
Imigomo yakho kumelwe ibe enengqondo nefinyelelekayo. Ukufunda isahluko seBhayibheli ngosuku kungaba umgomo okahle. Ungaqala nokucwaninga. Ngokwesibonelo, ungase ufunde ngezimfanelo zikaJehova ezihlelwe ngaphansi kwesihlokwana esithi “Qualities by Name [Izimfanelo Ngokwamagama Azo]” ngaphansi kwesithi “Jehovah” kuyi-Watch Tower Publications Index, etholakala ngesiNgisi. Kunohlu lwezimfanelo ezingaba ngu-40 ongazicabangela, futhi ngokungangabazeki ucwaningo luyokusondeza eduze noJehova futhi lukushukumisele ukuba umenzele okwengeziwe. (Incwadi ethi Sondela KuNkulunkulu nayo ingaba lusizo kulokhu.) Eminye imigomo efinyelelekayo ihlanganisa ukuphendula okungenani kanye phakathi nomhlangano ngamunye wobuKristu odinga ukuhlanganyela kwezilaleli, ukwazi kangcono okungenani ilungu elilodwa lebandla emhlanganweni ngamunye, nokungavumeli nolulodwa usuku ludlule ungazange uthandaze kuJehova futhi ungakhulumanga ngaye kwabanye.
Uma ubungakabhalisi eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, kungaba umgomo omuhle lowo. Ingabe uyahlanganyela enkonzweni yasobala? Uma kungenjalo, ungase ufune ukusebenzela ekubeni ummemezeli ongabhapathiziwe. Ukucabanga ngokujulile ngobuhlobo bakho noJehova nokuzinikezela kuye kusobala ukuthi kuyoba isinyathelo esilandelayo. Intsha eningi izama ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwayo ngokufinyelela inkonzo yesikhathi esigcwele.
Nakuba kukuhle ukuba nemigomo ekuphileni kwakho, qaphela umoya wokuncintisana. Uyothola injabulo eyangeziwe kulokho okwenzayo uma ungaziqhathanisi nabanye.—Galathiya 5:26; 6:4.
Mhlawumbe unomuzwa wokuthi awunalwazi olutheni futhi ukuthola kunzima ukubeka imigomo ekahle. Khona-ke landela iseluleko seBhayibheli: “Thambekisa indlebe yakho uzwe amazwi abahlakaniphile.” (IzAga 22:17) Funa usizo lwabazali bakho noma amanye amaKristu avuthiwe. Yebo, abazali nabanye, kudingeka babe abacabangelayo nabakhuthazayo kule ndaba. Ukuzizwa becindezelwe ukulwela ukufinyelela umgomo abawubekelwe abanye, kungabancisha injabulo abasebasha futhi kululaze ngisho nenjongo yemigomo. Yilokho okwenzeka kwenye intombazane, eyathi: “Abazali bami bangibekela uhide lwemigomo, njengokubhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwni, ukuya enkonzweni yasensimini, ukubhapathizwa, nokuba iphayona. Ngazikhandla kanzima ukuze ngifinyelele ngamunye wayo. Lapho ngifinyelela owodwa, abazali bami abazange bangituse, kunalokho, banginika omunye umgomo ukuba ngiwulwele. Ngenxa yalokho, njalo ngangizizwa ngiphoqelelwa ukuba ngifinyelele imigomo. Ngangizizwa ngitubekile futhi ngiyisehluleki.” Konakalaphi? Yonke leyo migomo yayibalulekile, kodwa kwakungeyona eyakhe. Ukuze uphumelele, kumelwe wena uqale ushukumiseleke ukuba uzibekele imigomo yakho!
Cabanga ngoJesu Kristu. Lapho eza emhlabeni, wayazi ukuthi uYise, uJehova, wayelindeleni kuye. Ukwenza intando kaJehova, kwakungewona nje umgomo kuJesu, kodwa kwakungumsebenzi okwakumelwe ufezwe. Wasibheka kanjani uJesu isabelo sakhe? Wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) UJesu wakujabulela ukwenza intando kaJehova futhi wakufeza lokho uYise ayekulindele. Kwakufana nokudla kuJesu—wathola injabulo nokwaneliseka ekufezeni umsebenzi owawulindeleke kuye. (Hebheru 10:5-10) Nawe ungayithola injabulo lapho ushukumiseleka ngokufanele ukuba wenze lokho abazali bakho abakukhuthaza ukuba ukwenze.
Ungayeki Ukwenza Okuhle
Lapho nje usunawo umgomo engqondweni, zabalazela ukuwufinyelela. EyabaseGalathiya 6:9 ithi: “Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.” Ungenciki emandleni akho siqu noma ekhonweni kuphela. Uyohlangabezana nezithiyo futhi ngezinye izikhathi uyobhekana nomuzwa wesikhashana wokuhluleka. Kodwa iBhayibheli liyasiqinisekisa: “Mqaphele [uNkulunkulu] kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” (IzAga 3:6) UJehova uyokusekela njengoba uzabalazela ukufinyelela imigomo yakho engokomoya.
Yebo, ngokuhlakulela isifiso sokukhonza uJehova nokuzama ukufinyelela imigomo engokomoya, uyokwazi ukwenza ‘intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.’ (1 Thimothewu 4:15) Khona-ke uyojabulela ukuphila okunenjongo enkonzweni kaNkulunkulu.
[Isithombe ekhasini 9]
Ukufunda iBhayibheli nokuzindla ngalokho okufundile kuyokushukumisela ukuba ukhonze uJehova
[Isithombe ekhasini 10]
UJesu wakufeza lokho okwakulindelwe nguYise