Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 5/15 kk. 29-31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ungawenzi Lusizi Umoya Ongcwele KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Umoya KaJehova Uhola Abantu Bakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Isibusiso SikaJehova Siyacebisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 5/15 kk. 29-31

Imibuzo Evela Kubafundi

• Singawenza kanjani lusizi umoya ongcwele kaNkulunkulu, njengoba ungeyena umuntu?

Ngumphostoli uPawulu owabhala: “Ningawenzi lusizi umoya ongcwele kaNkulunkulu.” (Efesu 4:30) Abanye bacabanga ukuthi la mazwi abonisa ukuthi umoya ongcwele ungumuntu. Nokho, izincwadi ‘zomphathi othembekile’ ziye zanikeza ubufakazi obungokomBhalo nobungokomlando bokuthi amaKristu ekhulu lokuqala awazange abheke umoya ongcwele njengomuntu, noma njengonkulunkulu olingana noPhezukonke, oyingxenye yalokho okuthiwa uZiqu-zintathu.a (Luka 12:42) Ngakho uPawulu wayengasho ukuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu ungumuntu.

Umoya ongcwele kaNkulunkulu ungamandla akhe asebenzayo angabonakali. (Genesise 1:2) UJesu wayezobhapathiza “ngomoya ongcwele,” njengoba uJohane ayebhapathiza ngamanzi. (Luka 3:16) NgePhentekoste lika 33 C.E., abafundi abangaba ngu-120 “bagcwala umoya ongcwele”—ngokusobala ongeyena umuntu. (IzEnzo 1:5, 8; 2:4, 33) Laba abagcotshiwe bámukela ithemba lokuyophila ezulwini, futhi umoya kaNkulunkulu wabaqondisa ukuba baphile ngokwethembeka. (Roma 8:14-17; 2 Korinte 1:22) Umoya waveza izithelo zikaNkulunkulu futhi wabasiza ukuba bagweme “imisebenzi yenyama” eyisono eyayingaholela ekubeni bangamukelwa uNkulunkulu.—Galathiya 5:19-25.

Uma siyizinceku zikaNkulunkulu ezinethemba lokuphila emhlabeni, asigcotshiwe ngomoya ongcwele. Noma kunjalo, singaba nomoya kaNkulunkulu ongangowalabo abanethemba lokuyophila ezulwini. Ngakho-ke, nathi singawenza lusizi umoya. Kodwa kanjani?

Uma singasinaki iseluleko esingokomBhalo esilotshwe ngokuqondisa komoya ongcwele, singaba nezici ezingasiholela ekoneni umoya ngamabomu, ekulahlekelweni umusa kaJehova, ekugcineni zisiholele ekubhujisweni. (Mathewu 12:31, 32) Kungenzeka ukuthi asikaweli esonweni esikhulu, kodwa kungenzeka ukuthi sesiphambukela endleleni embi, leyo ekugcineni engasiholela ekuziphatheni okuphambene nokuhola komoya. Ngaphansi kwalezo zimo, siyobe siwenza lusizi umoya ongcwele.

Ngakho, singakugwema kanjani ukuwenza lusizi umoya kaNkulunkulu? Ngokuqinisekile kumelwe silawule imicabango nezenzo zethu. Encwadini yakhe eya kwabase-Efesu, esahlukweni 4, umphostoli uPawulu wakhuluma ngokuthambekela ezinkulumweni eziwukungathembeki, ukuthukuthela isikhathi eside, ubuvila, nenkulumo engafanele. Uma siye sagqoka “ubuntu obusha” kodwa futhi sizivumele ukuba sihlehlele emuva emikhubeni enjalo, siyobe senzani ngempela? Siyobe simelana neseluleko esiphefumulelwe umoya seZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ngokwenza lokhu, singabe siwenza lusizi umoya ongcwele.

Kweyabase-Efesu isahluko 5, sifunda iseluleko sikaPawulu sokugwema ukukhanukela ubufebe. Umphostoli uPawulu unxusa ayekholwa nabo ukuba bagweme ukuziphatha okuyihlazo nokuntela okuyichilo. Uma singafuni ukuwenza lusizi umoya ongcwele kaNkulunkulu, kumelwe sisikhumbule lesi seluleko lapho sikhetha esizijabulisa ngako. Kungani nje ngempela kufanele sibe nesithakazelo kulezi zinto ngokukhuluma ngazo, ngokufunda ngazo, nangokuzibuka kuthelevishini noma kwenye indawo?

Yiqiniso, singawenza lusizi umoya nangezinye izindlela. Umoya kaJehova uthuthukisa ubunye ebandleni. Kodwa kuthiwani lapho sisakaza inhlebo elimazayo noma sikhuthaza amaqembuqembu ebandleni? Besiyobe asimelani yini nokuqondisa komoya ngokuqondene nobunye? Impela, besiyobe siwenza lusizi umoya ongcwele, njengalabo abábangela ukwahlukana ebandleni laseKorinte. (1 Korinte 1:10; 3:1-4, 16, 17) Besiyobe siwenza lusizi futhi umoya ongcwele uma ngamabomu silulaza ukuhlonishwa kwamadoda amiswe ngumoya ebandleni.—Izenzo 20:28; Jude 8. 

Kusobala-ke ukuthi kuwukuhlakanipha ukucabangela isimo sethu sengqondo nezenzo zethu ngokwalokho esaziyo ukuthi kuyisiqondiso somoya ongcwele njengoba kuvezwa eBhayibhelini nasebandleni lobuKristu. Futhi ‘masithandaze ngomoya ongcwele,’ siwuvumele usithonye futhi njalo senze ngokuvumelana nalokho okushiwo eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe. (Jude 20) Kwangathi singazimisela ukungawenzi lusizi umoya kodwa njalo siholwe yiwo kube udumo egameni likaJehova elingcwele.

• UJesu Kristu waqhathanisa ubunzima bokungena kwesicebi eMbusweni nekamela elizama ukungena embotsheni yenaliti. Ingabe uJesu wayekhuluma ngekamela elingokoqobo kanye nenaliti yokuthunga yangempela?

ImiBhalo emibili kwemithathu ecaphuna la mazwi kaJesu iyafana. Ngokokulandisa kukaMathewu, uJesu wathi: “Kulula ukuba ikamela lichushe embotsheni yenaliti kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.” (Mathewu 19:24) Ngokufanayo, uMarku 10:25 ufundeka kanje: “Kulula ukuba ikamela lichushe embotsheni yenaliti kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.”

Ezinye izincwadi ezichaza iBhayibheli zisikisela ukuthi ‘imbobo yenaliti’ kwakuyisango elincane phakathi kwamasango amakhulu ayeseJerusalema. Uma isango elikhulu lalivaliwe ebusuku, elincane lona lalivulwa. Kukholelwa ukuthi ikamela lalingangena kuleli sango. Ingabe yilokhu uJesu ayekhuluma ngakho?

Ngokusobala akunjalo. Kuyacaca ukuthi uJesu wayekhuluma ngenaliti yokuthunga. Njengoba kuleyo ndawo kuye kwatholakala izinaliti zasendulo ezenziwe ngethambo nezenziwe ngensimbi, kumelwe ukuba zaziyizinto ezivamile ukusetshenziswa ekhaya. ULuka 18:25 ukususa konke ukungaqiniseki ngamazwi kaJesu, ngoba umcaphuna ethi: “Eqinisweni, kulula ukuba ikamela lichushe entunjeni yenaliti yokuthunga kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.”

Abalobi bezichaza-mazwi abehlukahlukene bavumelana nokuhumusha okutholakala kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha okuthi ‘inaliti yokuthunga.’ Igama lesiGreki elithi ‘inaliti’ elikuMathewu 19:24 nakuMarku 10:25 (rha·phisʹ) lisuselwa esenzweni esisho “ukuthunga.” Futhi igama lesiGreki elitholakala kuLuka 18:25 (be·loʹne) lisetshenziswa ukubhekisela enalitini yokuhlinza engokoqobo. I-Vine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words ithi: “Umqondo wokubhekisela esangweni elincane ‘njengembobo yenaliti’ ubonakala ungowesimanje; abukho ubufakazi basendulo balokho. Injongo yeNkosi ngala mazwi ukubonisa into umuntu angenakuyenza, futhi akudingeki ukuba kuzanywe ukunciphisa ubunzima ngokuba sithi inaliti isho okunye ngaphandle kwethuluzi elivamile.”—1981, Umqulu 3, ikhasi 106.

Abanye basikisela ukuthi elithi ‘ikamela’ kula mavesi kufanele lihunyushwe ngokuthi “indophi.” Igama lesiGreki elithi indophi (kaʹmi·los) nelithi ikamela (kaʹme·los) acishe afane. Nokho, kuMathewu 19:24 emibhalweni yesandla yakudala yesiGreki esatholakala yeVangeli likaMathewu (iSinaitic, iVatican No. 1209, kanye ne-Alexandrine) kuvela igama lesiGreki elisho “ikamela” hhayi “indophi.” Kubikwa ukuthi, ekuqaleni uMathewu wabhala iVangeli lakhe ngesiHebheru futhi kungenzeka ukuthi nguye owalihumushela esiGrekini. Wayazi kahle-hle ukuthi uJesu wayetheni, ngakho wasebenzisa igama elifanele.

Ngakho-ke, uJesu wayesho inaliti yokuthunga engokoqobo nekamela langempela. Wayesebenzisa lezi zinto ukuze agcizelele ukungabi nakwenzeka kwento ethile. Kodwa ingabe uJesu wayesho ukuthi akukho sicebi esingangena eMbusweni? Cha, ngoba amazwi kaJesu kwakungafanele athathwe njengoba enjalo. Wayesebenzisa ihaba ukufanekisa ukuthi njengoba ikamela elingokoqobo lingeke lingene embotsheni yenaliti yokuthunga yangempela, kuyinto engenakwenzeka ngesicebi ukuba singene eMbusweni uma siqhubeka sinamathele engcebweni yaso futhi singambeki uJehova kuqala ekuphileni kwaso.—Luka 13:24; 1 Thimothewu 6:17-19.

UJesu washo la mazwi ngemva kokuba umbusi osemusha ocebile enqabe ilungelo elikhethekile lokuba umlandeli wakhe. (Luka 18:18-24) Umuntu ocebile othanda kakhulu impahla yakhe kunezinto ezingokomoya ngeke alindele ukuba athole ukuphila okuphakade elungiselelweni loMbuso. Nokho, bakhona abantu abacebile abába abafundi bakaJesu. (Mathewu 27:57; Luka 19:2, 9) Ngakho umuntu ocebile osiqaphelayo isidingo sakhe esingokomoya nolufunayo usizo lwaphezulu angayithola insindiso evela kuNkulunkulu.—Mathewu 5:3; 19:16-26.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka incwajana ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? ekhishwa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela