Ukusebenza Kuyindida
“Ukusebenza—ukusebenza! Kuyinjabulo enkulu ukwazi ukuthi sisenezinto ezingcono kakhulu esingazenza.”—Umlobi uKatherine Mansfield, (1888-1923).
INGABE nawe unombono omuhle njengalona ngomsebenzi? Wena uwubheka kanjani umsebenzi? Kungenzeka yini ukuthi unomuzwa wokuthi umsebenzi uyinto engajabulisi futhi okumelwe uyibekezelele kuze kube impelasonto ejabulisayo? Noma ingabe uwuthanda kakhulu kangangokuthi cishe usungumlutha wawo?
Iningi labantu lichitha isikhathi salo esiningi sasemini lisemsebenzini. Umsebenzi unganquma ukuthi sihlalaphi nokuthi siphila kanjani. Kusukela ebusheni kuze kube yilapho sebethatha umhlalaphansi, abaningi bathola ukuthi ukusebenza yiyona nto eyinhloko abayenzayo ekuphileni kwabo. Abanye kithi bathola ukwaneliseka okukhulu ngomshikashika wabo. Abanye balinganisa izinzuzo zomsebenzi ngeholo noma ngesithunzi, kuyilapho abanye bebheka umsebenzi njengento okumelwe yenziwe ngoba kunesikhathi noma njengento yokuchitha isikhathi.
Kunalabo abasebenzayo ukuze baphile nalabo abaphilela ukusebenza; abanye bafela emsebenzini noma babulawe yiwo. Ngokwesibonelo, ngokombiko wamuva weZizwe Ezihlangene, ukusebenza kubangela ubuhlungu obukhulu nokufa kwabantu abaningi “kunalokho okubangelwa izimpi noma izidakamizwa nokusetshenziswa kabi kotshwala kuhlangene.” Liphawula ngalokhu, iphephandaba laseLondon i-Guardian labika: “Unyaka nonyaka kufa abantu abangaphezu kwezigidi ezimbili bebulawa izingozi noma izifo ezihlobene nomsebenzi . . . Ukuchayeka ezintulini, kumakhemikhali, emsindweni nasemisebeni elimazayo kubangela umdlavuza, isifo senhliziyo nokufa uhlangothi.” Ukugqilazwa kwezingane nokusetshenziswa ngempoqo kumane nje kuyizinto ezimbili ezimbi kakhulu kwezikhona emsebenzini namuhla.
Ngaphezu kwalokho, kunalokho uSteven Berglas, isazi sokusebenza kwengqondo, akubiza ngokuthi “ukutubeka okukhulu kakhulu.” Uchaza isisebenzi esikhuthele esiye safinyelela isikhundla esiphakeme sase siba nomuzwa “wokwesaba okungapheli, ukucindezeleka, ukudangala okubangelwa ukuthi sizibona sibanjwe ugibe lomsebenzi esingeke siphunyuke noma sithole ukwaneliseka kuwo.”
Ukukhuthala Kuqhathaniswa Nokuba Umlutha Womsebenzi
Ezweni lapho abaningi bekhandleka amahora amaningi, kuyasiza ukukwazi ukuhlukanisa phakathi kwezisebenzi ezikhuthele nalabo abayimilutha yomsebenzi. Abantu abaningi abayimilutha yomsebenzi babheka umsebenzi njengendawo yokuphepha ezweni eliyingozi, elishintshashintshayo; izisebenzi ezikhuthele zibheka umsebenzi njengesibopho esibalulekile futhi ngezinye izikhathi esanelisayo. Ngokwesibonelo, abantu abayimilutha yomsebenzi bavumela umsebenzi uminyanise zonke ezinye izici zokuphila kanti izisebenzi ezikhuthele ziyazi ukuthi kunini lapho kumelwe ziyeke khona ukusebenza, ziyeke ukucabanga ngomsebenzi, futhi zigubhe usuku lwazo lomshado. Abantu abayimilutha yomsebenzi bathola umuzwa wokwaneliseka uma besebenza ngokweqile futhi lokho kubanika ugqozi; izisebenzi ezikhuthele azinawo lowo muzwa.
Umphakathi wanamuhla ufiphaza umngcele ophakathi kwalezi zinto ezimbili njengoba ukhazimulisa ukusebenza ngokweqile. Ama-modem, omakhal’ ekhukhwini nama-pager kungafiphaza umngcele phakathi kwendawo yomsebenzi nekhaya. Lapho abantu bekwazi ukusebenzela noma yikuphi, futhi bekwazi ukusebenza nganoma isiphi isikhathi, abanye basebenza kuze kube sezingeni lokuzilimaza.
Abanye abantu basabela kanjani kulesi simo sengqondo esigulisayo? Izazi zezokuhlalisana kwabantu ziye zabona ukuthi abantu abasebenza ngokweqile nabacindezeleke kakhulu bathambekele ekuletheni izinto eziphathelene nokukhulekela emsebenzini futhi bahlanganisa inkolo nomsebenzi. I-San Francisco Examiner yabika ukuthi “ukuhlanganisa isimo esingokomoya nomsebenzi sekuyinto ethanda ukuvama emphakathini.”
Maqondana neSilicon Valley, isikhungo esibalulekile sentuthuko yezobuchwepheshe esise-United States, umbiko wamuva wathi: “Njengoba izikhulu zibala izindawo zokupaka ezingenamoto ngenxa yokudilizwa kwabantu okuqhubekayo, izindawo zokupaka ezifundweni zeBhayibheli zakusihlwa ziyasweleka.” Kungakhathaliseki ukuthi lokhu kubaluleke ngani, abaningi kuwo wonke umhlaba baye bathola ukuthi iBhayibheli linethonya endleleni ababheka ngayo umsebenzi, okubenza baphile ngendlela enokulinganisela kakhudlwana.
IBhayibheli lingasisiza kanjani ukuba sithole umbono olinganiselayo ngomsebenzi? Ingabe zikhona izimiso ezingokomBhalo ezingasisiza sibhekane ngokuphumelelayo nezinselele zasemsebenzini namuhla? Isihloko esilandelayo sizoyiphendula le mibuzo.