Ubuhlungu Obujulile Nobungapheli
MUVA NJE, omunye umcwaningi wayefuna ukwazi ukuthi ukuhamba kwesikhathi kuyithinta kanjani imizwa yalabo abasosizini lokushonelwa abantu ababathandayo. Wathumela imibuzo kubazali abaningana abashonelwa abantwana babo eminyakeni eminingana edlule. Akubona bonke abazali abaphendula. Ubaba okuthiwa uVladimir, osekuyiminyaka emihlanu ashonelwa indodana yakhe, wathi usakuthola kunzima kakhulu ukukhuluma ngendodana yakhe.a
Lolo sizi oluhlala isikhathi eside luvamile kubazali abashonelwe. Eminyakeni eyishumi edlule indodana kaWilliam eneminyaka engu-18 yaminza. Uyabhala: “Ngisabuzwa ubuhlungu ngokushona kwakhe, futhi uma nje ngisaphila ngiyohlala ngibuzwa.” Ngemva kweminyaka emihlanu uLucy eshonelwe indodana yakhe ngokugula okungalindelekile, wabhala: “Ngenkathi kusanda kwenzeka ngangingakholwa ukuthi kuyiqiniso. Nganginomuzwa wokuthi kuyiphupho elibi futhi ngizophaphama liphele. Ngokuhamba kwesikhathi ngaqala ukubona ukuthi yayishonile ngempela, ukuthi indodana yami yayingeke isabuya ekhaya. Sekuyiminyaka emihlanu yashona, kodwa ngezinye izikhathi, lapho ngingedwa ngisayikhalela.”
Kungani abazali abashonelwe, njengoVladimir, uWilliam noLucy, bezwa ubuhlungu obujule kangaka nobungapheli? Ake sicabangele ezinye zezizathu.
Kungani Kuba Nosizi Olungaka?
Lapho kuzalwa umntwana ekhaya, abazali baba nenjabulo engatholakali kobunye ubuhlobo nabantu. Ukugona nje umntwana wabo, ukumbuka elele, noma ukumbuka emomotheka kamnandi kubenza babe nenjabulo nokwaneliseka okungenakuqhathaniswa. Abazali abanothando babathanda kakhulu abantwana babo. Bayabaqeqesha ukuze baziphathe ngokufanele futhi bahloniphe. (1 Thesalonika 2:7, 11) Njengoba abantwana benza izinto abazifundiswe abazali babo, abazali bayaziqhenya ngabo futhi baqala ukubeka amathemba amakhulu kubo.
Abazali abakhathalelayo bayazikhandla ukuze bondle abantwana babo. Bangase babeke imali noma izimpahla njalo ukuze zisize abantwana babo lapho sebeqala eyabo imikhaya ngesikhathi esizayo. (2 Korinte 12:14) Imizwelo ejulile, ukuzikhandla, imali nesikhathi esiningi kangaka esihilelekayo kucacisa leli qiniso—abazali bakhulisa abantwana babo ukuze baphile, hhayi bafe. Lapho umntwana eshona, umsebenzi wokumkhulisa usuke ungakapheli, futhi amathemba abazali abanawo ngaye ayashabalala. Uthando olufudumele nokusondelana ngokomzwelo okugeleza kusuka kubazali kuya kumntwana akusamfinyeleli, kuvinjwe udonga olungenakusuka oluwukufa. Enhliziyweni lapho kwakunendawo yendodana noma yendodakazi yabo manje sekusele isikhala. Abazali bezwa usizi olujulile nolungapheli kalula.
IBhayibheli liyafakaza ukuthi abazali abashonelwe bezwa ubuhlungu obukhulu nobuphikelelayo. Lichaza okwenzeka lapho inzalamizi uJakobe izwa ukuthi indodana yayo uJosefa ibulewe, lithi: “UJakobe waklebhula iziphuku zakhe wembatha indwangu yesaka okhalweni lwakhe walilela indodana yakhe izinsuku eziningi. Wonke amadodana akhe nawo wonke amadodakazi akhe ayelokhu esukuma ukuba amduduze, kodwa wayelokhu enqaba ukududuzeka, ethi: ‘Ngiyokwehlela eShiyoli [noma, ethuneni] endodaneni yami ngilila!’” Kwadlula iminyaka eminingi uJakobe elokhu elilela indodana yakhe ayecabanga ukuthi ifile. (Genesise 37:34, 35; 42:36-38) Esinye isibonelo esiseBhayibhelini sihilela owesifazane othembekile ogama lakhe linguNawomi owashonelwa amadodana akhe amabili. Njengoba ayedabuke kakhulu, wafuna ukushintsha igama lakhe lingabi uNawomi, okusho ukuthi “Injabulo Yami,” libe uMara, okusho ukuthi “Omunyu.”—Ruthe 1:3-5, 20, 21.
Nokho, iBhayibheli aligcini ngokuvuma ukuthi abazali baba lusizi lapho beshonelwe. Libuye libonise nendlela uJehova aqinisa ngayo labo abasosizini. Esihlokweni esilandelayo sizoxoxa ngezinye zezindlela uNkulunkulu aduduza ngazo abalilayo.
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.