Ukunqoba ENkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu
NGO-JANUARY 11, 2007, iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu eStrasbourg, eFrance, yakhipha ngazwilinye isinqumo esivuna oFakazi BakaJehova eRussia ecaleni elaliphakathi kwabo noHulumeni WaseRussia. Lesi sinqumo sasekela inkululeko engokwenkolo yoFakazi BakaJehova nelungelo abanalo lokuba amacala abo athethwe ngobulungisa. Ake sixoxe ngalokho okwaholela kuleli cala.
Edolobheni laseChelyabinsk, eRussia, kunebandla loFakazi BakaJehova elinabantu abaningi abayizithulu. Lalihlanganyela endaweni eyayiqashwe ekolishi lomsebenzi wezandla. NgeSonto ngo-April 16, 2000, umhlangano walo waphazanyiswa owesifazane ongusihlalo, noma uKhomishane, weKhomishane Yamalungelo Abantu yesifunda, izikhulu ezimbili zamaphoyisa nephoyisa elalingayigqokile iyunifomu. Ngenxa yokubandlulula ikakhulu kukaKhomishane, umhlangano wamiswa ngecala elingekho lokuqhuba umhlangano ngokungemthetho. Kusukela ngo-May 1, 2000, isivumelwano sabo sokuqasha ihholo sase sinqanyuliwe.
OFakazi BakaJehova bafaka isikhalo kumshushisi waseChelyabinsk, kodwa saphelela emoyeni. UMthetho-sisekelo WaseRussia neConvention for the Protection of Human Rights and Fundamental Freedoms kuqinisekisa inkululeko engokwenkolo nenkululeko yokuhlangana. Ngakho kwafakwa icala enkantolo yesigodi kamuva ladluliselwa enkantolo yesifunda. Ngaphambili, ngo-July 30, 1999, kwelinye icala inkantolo ephakeme yayikhiphe isinqumo esithi “ngokoMthetho WaseRussia ophathelene nenkululeko kanembeza nokuhlangana ngenjongo yokukhulekela, inkulumo ethi ‘ngaphandle kokuphazanyiswa’ isho ukuthi akudingeki mvume, noma ukugunyaza kweziphathimandla, ukuze kuqhutshwe imikhosi engokwenkolo ezindaweni ezenzelwe [leyo njongo].” (Abakaki ababo.) Naphezu kwaleso sinqumo sangaphambili, izikhalo ezafakwa enkantolo yesigodi neyesifunda zachithwa.
Ngo-December 17, 2001, icala layiswa eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu. Lathethwa ngo-September 9, 2004. Lawa ngamanye amazwi esinqumo sokugcina esakhishwa yile Nkantolo:
“Le Nkantolo ithola ukuthi kwangenelwa elungelweni labamangali lenkululeko engokwenkolo ngokuthi ngomhla ka-16 April 2000, izikhulu zoMbuso zenza ukuba umhlangano wabo ongokwenkolo uqedwe kungakabi isikhathi.”
“Izizathu ezingokomthetho zokuhlakaza lo mbuthano ongokwenkolo owawuqhutshwa esakhiweni esasiqashwe ngokomthetho ngaleyo njongo zazintuleka ngokuphelele.”
“[Le Nkantolo] iphawula isimiso sokwahlulela esingaguquguquki esisekelwe ezinqumweni zeNkantolo Ephakeme YaseRussia esibonisa ukuthi akudingeki ukuba iziphathimandla zigunyaze, noma zaziswe kusengaphambili, ngemibuthano engokwenkolo.”
“Ngakho-ke, kwaphulwa umthetho weSiphakamiso 9 [senkululeko engokwenkolo] seConvention ngokuthi uKhomishane nabasizi bakhe baphazamise umbuthano ongokwenkolo wabamangali ngomhla ka-16 April 2000.”
“Le Nkantolo ithola ukuthi izinkantolo zendawo zahluleka . . . ukubonisa ukuthi icala labahilelekile lalithethwe ngobulungisa nangokungenzeleli. . . . Kuye kwaphulwa umthetho weSiphakamiso 6 [selungelo lokuthethwa kwecala ngobulungisa] seConvention.”
OFakazi BakaJehova babonga uNkulunkulu ngokubenza banqobe eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu. (IHubo 98:1) Isinqumo sale Nkantolo sizoba nomphumela ongakanani ezindaweni eziningi? UJoseph K. Grieboski, umongameli we-Institute on Religion and Public Policy, uthi: “Lesi esinye isinqumo esibaluleke kakhulu esithinta inkululeko engokwenkolo kuyo yonke iYurophu, njengoba sizothinta amalungelo angokwenkolo kuwo wonke amazwe angaphansi kweNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu.”