Ungajabula Naphezu Kokudumala
UBANI ongakaze adumale? Phela, ngisho noBaba wethu wasezulwini, uJehova uNkulunkulu, useke wabhekana nobuhlungu bokudumala. Ngokwesibonelo, wakhulula ama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe futhi wawabusisa ngokucebile. Kodwa, iBhayibheli lithi: “Ngokuphindaphindiwe babevivinya uNkulunkulu, bamzwisa ubuhlungu oNgcwele ka-Israyeli.” (IHubo 78:41) Noma kunjalo, uJehova ubelokhu ‘enguNkulunkulu ojabulayo.’—1 Thimothewu 1:11.
Ngempela, ziningi izimbangela zokudumala. Singakuvimbela kanjani ukuba kungasiphuci injabulo yethu? Yini esingayifunda endleleni uJehova uNkulunkulu azisingatha ngayo izimo ezidumazayo?
Izinto Ezidumazayo
IZwi likaNkulunkulu lithi sonke sehlelwa “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile.” (UmShumayeli 9:11) Ngokungalindelekile, ubugebengu, ingozi, noma isifo kungaletha ukukhathazeka okukhulu—ngisho nokudumala. IBhayibheli liphinde lithi: “Ukuhlehliswa kwento elindelwe kuyayigulisa inhliziyo.” (IzAga 13:12) Ukulangazela into enhle kusinika injabulo, kodwa uma ingafiki ngokushesha, singase sidumale. Ngokwesibonelo, uDuncan,a owayenesifiso esikhulu sokuba isithunywa sevangeli, wathola ukuthi ngemva kweminyaka eminingi esenkonzweni yezithunywa zevangeli, kwadingeka ukuba yena nomkakhe baphindele ekhaya. Wathi: “Ngokokuqala ngqa ekuphileni kwami, ngaphelelwa yithemba. Ngangingenamigomo. Konke kwakungasabalulekile.” Ubuhlungu bokudumala bungahlala isikhathi eside, njengoba kwaba njalo ngoClaire. Uyachaza: “Nganginezinyanga eziyisikhombisa ngikhulelwe lapho ngiphuphunyelwa yisisu. Kwenzeka eminyakeni eminingi edlule, kodwa ngisho namanje, lapho ngibona umfana enikeza inkulumo esiteji, ngiye ngicabange, ‘Ngabe indodana yami ingaka manje.’”
Kungaba buhlungu nalapho othile ekudumaza, njengalapho kuphela ubuhlobo bothando, kuchitheka umshado, ingane iba yihlongandlebe, ukungathembeki koshade naye noma umngane ongabongiyo. Njengoba siphila nabantu abangaphelele futhi siphila ezikhathini ezinzima, amathuba okudumala maningi kakhulu.
Ubuthakathaka bethu nabo bubangela ukudumala. Ngokwesibonelo, uma sihluleka ukuphumelela esivivinyweni, ukuthola umsebenzi, noma ukuthola othile osithandayo, singase sizibone singelutho. Singase futhi sidumale lapho othile esimthandayo enza iphutha. UMary uthi: “Indodakazi yami yayibonakala iqhuba kahle. Nganginomuzwa wokuthi ngangibe yisibonelo esihle kuyo. Kodwa lapho ishiya uJehova uNkulunkulu nezindinganiso zomkhaya wethu, ngazibona ngiyisehluleki esikhulu. Ezinye izinto engangiphumelele kuzo zazingangenzi ngizizwe kangcono. Ngangidumele ngempela.”
Singabhekana kanjani nokudumala okunjalo? Ukuze uthole impendulo, cabangela isibonelo esabekwa uJehova ekusingatheni ukudumala.
Gxila Esisombululweni
UJehova uNkulunkulu wayewunakekela ngothando umbhangqwana wokuqala ongabantu, kodwa wazibonakalisa ungongabongiyo futhi wavukela. (Genesise, isahluko 2, no-3) Kamuva indodana yawo uKhayini yaqala ukuba nesimo sengqondo esibi. Engasinaki isixwayiso sikaJehova, uKhayini wabulala umfowabo. (Genesise 4:1-8) Ungayicabanga indlela uJehova adumala ngayo?
Kungani uNkulunkulu engazange aphelelwe yinjabulo ngenxa yalokho kudumala? Ngenxa yokuthi wayenomgomo wokugcwalisa umhlaba ngabantu abaphelele, waqhubeka esebenzela ukufeza leyo njongo. (Johane 5:17) Ukuze enze kanjalo, walungiselela umhlatshelo wesihlengo noMbuso wakhe. (Mathewu 6:9, 10; Roma 5:18, 19) UJehova uNkulunkulu akazange agxile enkingeni, kodwa esisombululweni.
IZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba sigxile ezintweni ezakhayo kunokugxila ezintweni ezisehlulile noma obekufanele ngabe sizenzile. Lithi: “Noma yiziphi izinto eziyiqiniso, noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, noma yiziphi izinto ezilungileyo, noma yiziphi izinto ezihlanzekile, noma yiziphi izinto ezithandekayo, noma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezi zinto.”—Filipi 4:8.
Ukuba Nombono Ofanele Ngokudumala
Kungenzeka izinto ezingakushintsha ngokuphelele ukuphila kwethu. Ngokwesibonelo, singase sizithole sesilahlekelwe umsebenzi ngokungalindelekile, umngane womshado, noma amalungelo ebesiwajabulela. Singase sigule, silahlekelwe umuzi noma abangane. Singabhekana kanjani noshintsho olunjalo?
Abanye baye bakuthola kuwusizo ukuhlela izinto okufanele zize kuqala. UDuncan, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Lapho mina nomkami sesibona ukuthi ngeke siphinde sibuyele ekuphileni kwangaphambili, sadumala kakhulu. Ekugcineni, sakhetha ukwenza izinto ezimbili ezibalulekile: ukunakekela umama futhi uma kwenzeka, siqhubeke sisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Lapho kufanele senze izinqumo, sicabangela indlela eziyoba nomthelela ngayo kulezi zinto ezibalulekile. Lokhu kwenza zonke izinto zibe lula.”
Iningi lethu livame ukwenza ihaba ngezinto ezimbi lapho sibhekene nezinto ezibangela ukudumala. Ngokwesibonelo, imizamo yethu yokukhulisa umntwana, ukufanelekela umsebenzi, noma ukushumayela izindaba ezinhle kwelinye izwe kungase kungabi nemiphumela ebesiyilindele. Singase sicabange, ‘Ngiyisehluleki.’ Kodwa, njengoba nje isiqalo esidumazayo sohlanga lwesintu singazange sibonise ukuthi uNkulunkulu uyisehluleki, asizona izehluleki ngoba nje imizamo yethu iyasidumaza ekuqaleni.—Duteronomi 32:4, 5.
Kulula ukuba sicasuke kakhulu lapho abantu besidumaza. UJehova akaziphathi ngaleyo ndlela. INkosi uDavide yadumala lapho isiphingile futhi ibulele nomyeni wowesifazane eyayiphinge naye. Kodwa, uJehova wakubona ukuphenduka okuqotho kukaDavide waqhubeka emsebenzisa njengenceku yakhe. Ngokufanayo, inkosi ethembekile uJehoshafati yona lapho yenza isivumelwano nebutho elaliyizitha zikaNkulunkulu. Umprofethi kaJehova wathi: “Ngenxa yalokhu kukhona intukuthelo ngokumelene nawe evela ebusweni bukaJehova. Noma kunjalo, kukhona izinto ezinhle eziye zatholakala kuwe.” (2 IziKronike 19:2, 3) UJehova wabona ukuthi iphutha elilodwa alizange limenze imbuka uJehoshafati. Ngendlela efanayo, singakugwema ukulahlekelwa abangane ngokuthi singathukutheli ngokweqile lapho benza amaphutha. Abangane abasidumazayo kungenzeka basenezimfanelo ezinhle.—Kolose 3:13.
Ukudumala kungase kubhekwe njengento edingekayo ukuze ekugcineni siphumelele. Singase sidumale lapho sona. Kodwa, singalulama uma sithatha izinyathelo ezifanele futhi ezinenjongo siqhubekele phambili. Lapho iNkosi uDavide idumele kakhulu ngenxa yezenzo zayo, yabhala: “Amathambo ami aguga ngenxa yokububula kwami usuku lonke. . . . Ekugcineni ngasivuma isono sami kuwe [Jehova] . . . , wena wasixolela isiphambeko sezono zami.” (IHubo 32:3-5) Uma sibona ukuthi asikwenzanga lokho uNkulunkulu akulindele kithi, kufanele sicele intethelelo kuye futhi sishintshe izindlela zethu sizimisele ukulandela iseluleko sakhe ngokuseduze esikhathini esizayo.—1 Johane 2:1, 2.
Kulungele Manje Ukubhekana Nokudumala
Ngaphandle kokungabaza, sonke siyobhekana nokudumala okuthile esikhathini esizayo. Yini esingayenza ukuze sikulungele? Kuyathakazelisa okwashiwo uBruno, indoda endala engumKristu eyabhekana nesimo esidumazayo esashintsha ukuphila kwayo. Wathi: “Kimina, into ebaluleke kakhulu eyangisiza ukuba ngibhekane nokudumala ukuthi ngaqhubeka ngenza lokho engangikwenza ngaphambili ukuze ngiqinise ingokomoya lami. Ngangifundile ukuthi kungani uNkulunkulu evumele lesi simiso sezinto esinonya ukuba siqhubeke. Kwase kuphele iminyaka ngihlakulela ubuhlobo obuseduze noJehova. Kwangijabulisa ukuthi ngangikwenzile lokho. Induduzo yokwazi ukuthi wayengisekela yangisiza ukuba ngikhuthazelele ukucindezeleka engangibhekene nakho.”
Njengoba sicabanga ngekusasa, singaqiniseka ngento eyodwa: Nakuba singase sizidumaze noma sidunyazwe abanye, uNkulunkulu akasoze asidumaza. Empeleni, uNkulunkulu wathi igama lakhe, elithi Jehova, lisho ukuthi “ngiyoba yilokho engiyoba yikho.” (Eksodusi 3:14) Lokho kusinika ithemba lokuthi uyoba yinoma yini edingekayo ukuze afeze izithembiso zakhe. Uthembise ukuthi ngoMbuso wakhe, intando yakhe iyokwenziwa ‘nasemhlabeni njengasezulwini.’ Yingakho umphostoli uPawulu abhala: “Ngiyaqiniseka ukuthi nakufa nakuphila nazingelosi nahulumeni . . . nanoma iyiphi enye indalo ngeke kukwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu.”—Mathewu 6:10; Roma 8:38, 39.
Singabheka phambili ngokuqiniseka ekugcwalisekeni kwesithembiso sikaNkulunkulu asenza ngomprofethi u-Isaya: “Ngidala amazulu amasha nomhlaba omusha; izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.” (Isaya 65:17) Yeka ithemba elimangalisayo lokuthi isikhathi siyeza lapho zonke izinkumbulo zokudumala ziyoba yinto yesikhathi esidlule!
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
Asizona izehluleki ngenxa nje yokuthi imizamo yethu iyasidumaza ekuqaleni
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]
IZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba sigxile ezintweni ezakhayo kunokugxila ezintweni ezisehlulile
[Izithombe ekhasini 15]
UNkulunkulu uyajabula, naphezu kokwehluleka kwabantu, ngenxa yokuthi injongo yakhe iyogcwaliseka nakanjani
[Isithombe ekhasini 16]
Ukubeka kuqala izinto ezingokomoya kuwusizo ekubhekaneni nokudumala