Ukufunwa Kwesiqondiso Esiwusizo
UMA ufuna iseluleko ungasithola futhi kunenqwaba yazo. Ibhizinisi elikhiqiza izincwadi nezinye izinto zokuzisiza likhula ngokushesha. Izincwadi zokuzisiza zithengwa ubuthaphuthaphu emazweni anabantu abanhlobonhlobo njengeBrithani, iLatin America, iJapan ne-United States. Aya ngokuya ethandwa kakhulu nama-video, izingqungquthela nezinhlelo ze-TV ezikhuluma ngezindlela zokuzithuthukisa. Okwenza lezi zinto zithandwe ukuthi zenza abantu bakholelwe ukuthi bangazixazululela izinkinga zabo, ngaphandle kokubonana nodokotela wengqondo, nomeluleki womshado noma nomfundisi. Lezi zindlela zokuzisiza zikhuluma ngani?
Ezinye zezihloko ezihamba phambili yilezo ezikhuluma ngokwaneliseka komuntu siqu, ukwaneliseka kwezothando, ukukhuliswa kwezingane, ukubhekana nokucindezeleka, usizi lokushonelwa nemiphumela yokudivosa. Abaningi bafuna nokwazi kabanzi ngezindlela zokulwa nokukhuluphala, ukubhema nokuphuza ngokweqile. Ingabe izeluleko abazitholayo ziyasiza? Ngezinye izikhathi ziyasiza, kodwa kuyaqabukela. Yingakho kuwukuhlakanipha ukucabangela lesi sixwayiso seBhayibheli: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.
Izincwadi zokuzisiza zihluke kakhulu ezincwadini zeziqondiso ezifundisa amakhono anjengokuthatha izithombe, izibalo noma ulimi. Lezi zincwadi zeziqondiso zingaba usizo futhi zingase zingabizi kakhulu kunokuyofundela la makhono. Izincwadi zokuzisiza—ezikhuluma ngezamabhizinisi, umshado, ukuba umzali ophumelelayo noma ngokucindezeleka—zihlukile. Ngokuvamile zitusa indlela ethile yokuphila noma zikhuthaze izindlela ezithile zokucabanga. Ngakho, kuwukuhlakanipha ukubuza: ‘Ubani onikeza lesi seluleko? Izinto azibhalile uzithathephi?’
Ngezinye izikhathi izazi zingase zingasekeli imibono yazo ebufakazini obucwaningisisiwe. Ezinye zingase zinikeze izeluleko ezithandwayo ngoba zazi ukuthi zizogaya imali ngokutshela abantu izinto abafuna ukuzizwa. Phela kwelinye izwe ibhizinisi lezincwadi zokuzisiza lenza izigidi eziyizinkulungwane ezingu-75 zamarandi unyaka ngamunye!
Ziwusizo Kangakanani?
Uma ufunda izincwadi zokuzisiza, ulindela ukuthola izeluleko ezisebenzayo. Kodwa ngezinye izikhathi uthola ukuthi zimane zikhe phezulu noma zikhulume uwangala. Ngokuvamile, zikutshela ukuthi: ‘Uma nje ucabanga ngendlela eqondile, uzophumelela nakanjani. Noma yini oyifunayo, kungakhathaliseki ukuthi imali, impilo enhle noma ubuhlobo obanelisayo nabanye, uzoyithola uma uba nesimo sengqondo esiqondile.’ Ingabe uhlobo olunjalo lweseluleko luwusizo? Ingabe luyokusiza ukuba ukwazi ukubhekana namaqiniso nokudumazeka ohlangabezana nakho ekuphileni?
Ngokwesibonelo, cabanga ngezincwadi ezikhuluma ngobuhlobo nabanye abantu nangomshado, eziphakathi kwezithandwa kakhulu. Ingabe ziyabasiza abantu ukuba bakhe imindeni ejabulayo nezinzile? Hhayi njalo. Omunye wesifazane obukeza izincwadi wakhuluma ngombhali othile owabhala izincwadi zokuzisiza ezidingida ezothando nezavele zadla ubhedu eLatin America. Wathi lo mbhali “utshela abafundi indlela yokwakha ubuhlobo obuhle nabanye nokuba nokuzigqaja.” Lo mbhali uthi ukuqhubeka uhlezi nomuntu kodwa kungemnandi kufana nokuzigwaza ngowakho. Umlayezo oyinhloko uwukuthi into ebalulekile iwukwenza lokho okukwenza uzizwe ujabule kunokuvuma ukuthi unezinkinga futhi uzame ukuzixazulula.
Yiqiniso, izincwadi zokuzisiza zingase zibe nazo izeluleko ezinhle kodwa futhi zingaba nayingozi. Isazi singase sinikeze ukusikisela okuwusizo endabeni ethile, kodwa sona leso seluleko singase senze izinto zibe zimbi kakhulu kwesinye isimo. Akunakwenzeka ukuyihlunga yonke le mibono eminingi futhi ngokuvamile ephikisanayo, enikezwa yilezi zincwadi. Esikabani-ke iseluleko ongasethemba? Zibuze: ‘Ingabe kucwaningisisiwe ngalesi seluleko, noma simane nje siwumbono wombhali? Ukuphishekela ingcebo nokuvelela kuye kwabuthinta ngezinga elingakanani ubuqotho balo mbhali?’
Enye incwadi yokuzisiza eye yazibonakalisa iwusizo iminyaka eminingi yiBhayibheli. Linezeluleko ezisebenzayo ngezindaba eziningi ezidingidwa izincwadi zokuzisiza nezinye ezengeziwe. Liye lashukumisa izigidi ukuba zilalele lesi siyalo: ‘Manenziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yenu. Nigqoke ubuntu obusha.’ (Efesu 4:23, 24) IBhayibheli lisinikeza izizathu ezinengqondo zokuthi yini ebangela izinkinga zethu futhi lisifundisa indlela yokubhekana nazo ngokuphumelelayo. Okubaluleke nakakhulu ukuthi lisinikeza izizathu ezinamandla nezihlakaniphile zokwenza okufanele. Isihloko esilandelayo sizochaza ukuthi likwenza kanjani lokhu.