UNkulunkulu Uthule Uthini?
September 11, 2001: Ngo-8:46 ekuseni, indiza ethwala abantu ishayise isakhiwo seWorld Trade Center esisenyakatho, eNew York City. Nokho, lokho bekuyisiqalo nje ngoba amaphekula aphinde ahlasela, futhi phakathi nemizuzu engu-102 kufe abantu abangaba ngu-3 000.
December 26, 2004
E-Indian Ocean, kube nokuzamazama komhlaba okungu-9.0 esikalini sokulinganisa amandla okuzamazama komhlaba futhi amagagasi anamandla agasele amazwe angu-11, kuhlanganise ne-Afrika—eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-5 000. Ngosuku olulodwa, kufe futhi kwalahleka abantu abangu-150 000. Abangaphezu kwesigidi basale bengenamakhaya.
August 1, 2009: Ubaba oneminyaka engu-42 ubezitshwizela ngesikebhe nendodana yakhe eneminyaka emihlanu ngesikhathi beshayisa ipulatifomu yokhuni esikhumulweni semikhumbi. Ubaba ushonele lapho, indodana yona yashona ngakusasa. Isihlobo sabo ebesidabuke kakhulu sithe: “Besethemba ukuthi kuzokwenzeka isimangaliso, umfana wethu asinde.”
Lapho ufunda ngokuhlasela kwamaphekula noma ngezinhlekelele zemvelo noma lapho wehlelwa usizi, ingabe uye uzibuze ukuthi uNkulunkulu uyakubona yini okwenzekayo? Ingabe uye uzibuze ukuthi akasilahlile nje? IBhayibheli linikeza impendulo eduduzayo, njengoba sizobona emakhasini alandelayo.
[Imithombo Yesithombe ekhasini 3]
© Dieter Telemans/Panos Pictures
PRAKASH SINGH/AFP/Getty Images
© Dieter Telemans/Panos Pictures