Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 6/15 kk. 15-19
  • “Qhubeka Unqoba Okubi” Ngokulawula Intukuthelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Qhubeka Unqoba Okubi” Ngokulawula Intukuthelo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlala Ezweni Labantu Abagcwele Intukuthelo
  • Izibonelo Ezinhle Nezimbi
  • Isimo Sengqondo SamaKristu
  • Ukuba Mnene Kubo Bonke Kuthela Izithelo Ezinhle
  • “Ukuqondisisa Komuntu Ngokuqinisekile Kubambezela Intukuthelo Yakhe”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ukubhekana Nentukuthelo—Eyakho Neyabanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Intukuthelo—Iyini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Lithini IBhayibheli Ngentukuthelo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 6/15 kk. 15-19

“Qhubeka Unqoba Okubi” Ngokulawula Intukuthelo

‘Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhubekani ninqoba okubi ngokuhle.’—ROMA 12:19, 21.

1, 2. Isiphi isibonelo esihle esabekwa abanye oFakazi ababesendizeni?

IQEMBU loFakazi BakaJehova abangu-34 elalilibangise kwelinye ihhovisi legatsha elalinikezelwa, labambezeleka lapho indiza elalihamba ngayo iba nenkinga. Kwakucatshangwa ukuthi kuzomiwa ihora elilodwa kuphela kwethiwe uphethiloli esikhumulweni sezindiza esicezile kodwa kwagcina kuthathe amahora angu-44 kungenakudla, namanzi nezindlu zangasese ezanele. Abagibeli abaningi bathukuthela bagana unwabu baze basongela nezisebenzi zasesikhumulweni. Kodwa abafowethu nodadewethu bahlala bezolile.

2 Ekugcineni, labo Fakazi bafika egatsheni ababeya kulo isimiso sesizophela. Nakuba babekhathele, bahlala ngemva kwesimiso bajabulela ubudlelwane nabazalwane bendawo. Kamuva, bezwa ukuthi kukhona abasiphawula isibonelo sabo sokubekezela nokuzithiba. Omunye wabagibeli watshela inkampane yaleyo ndiza: “Ukube bekungengenxa yamaKristu angu-34 abegibele nathi, ngabe sasusa isidumo esikhumulweni.”

Ukuhlala Ezweni Labantu Abagcwele Intukuthelo

3, 4. (a) Sekuyisikhathi eside kangakanani intukuthelo nobudlova kuhlupha abantu, futhi kanjani? (b) Ingabe uKhayini wayengayilawula intukuthelo yakhe? Chaza.

3 Izingcindezi zokuphila kulesi simiso esibi zingenza abantu bagcwale intukuthelo. (UmSh. 7:7) Le ntukuthelo ivame ukuholela enzondweni nasebudloveni. Sibona izimpi zangaphakathi nezamazwe, kanti nezingxabano eziba khona emakhaya amaningi zibangela izimpi. Intukuthelo nobudlova obunjalo akuqali manje. UKhayini, izibulo lika-Adamu no-Eva, wabulala umfowabo omncane, u-Abela, ngenxa yentukuthelo ebangelwa umona. Wenza lesi senzo esibi nakuba uJehova ayemnxuse ukuba alawule imizwelo yakhe futhi emthembise ukuthi wayezombusisa uma enza kanjalo.—Funda uGenesise 4:6-8.

4 Naphezu kokungapheleli kwakhe ayekuzuze njengefa, kwakuxhomeke kuye ukuthi wenzenjani kule ndaba. Wayengayilawula intukuthelo yakhe. Yingakho ayengenakusola muntu ngesenzo sakhe sobudlova. Ngokufanayo nathi, ukungapheleli kwethu kwenza kube nzima ngathi ukugwema intukuthelo nezenzo ezihambisana nayo. Ngaphezu kwalokho, kunezimo ezingezinhle ezisenza sicindezeleke ngokwengeziwe kulezi “zikhathi ezibucayi.” (2 Thim. 3:1) Ngokwesibonelo, ubunzima kwezomnotho bungasicindezela ngokomzwelo. Amaphoyisa nezinhlangano ezisiza imikhaya bahlobanisa ukuwa komnotho nokwanda kokuqubuka kwentukuthelo nobudlova basekhaya.

5, 6. Isiphi isimo sengqondo izwe elinaso ngentukuthelo esingase sisisulele?

5 Ngaphezu kwalokho, abantu abaningi esihlangana nabo ‘bangabazithandayo,’ “abazazisayo,” futhi “banolaka.” Kulula ukuba izici ezimbi njengalezi zisisulele futhi zisithukuthelise. (2 Thim. 3:2-5) Empeleni, amabhayisikobho nezinhlelo zethelevishini kuvame ukuveza impindiselo njengento enhle, ubudlova njengento engokwemvelo neyisixazululo esifanelekayo sezinkinga. Imidlalo eminingi ewuchungechunge ivame ukwenza izibukeli zilangazelele isikhathi lapho umenzi wobubi “evuna khona ngakwenzile”—okuvame ukuba kube ukufa kwakhe kabuhlungu ebulawa iqhawe lomdlalo.

6 Leyo nkulumo-ze ayikhuthazi izindlela zikaNkulunkulu kodwa ikhuthaza “umoya wezwe” nowombusi walo othukuthele, uSathane. (1 Kor. 2:12; Efe. 2:2; IsAm. 12:12) Lo moya ukhuthaza izifiso zenyama yethu engaphelele futhi umelene ngokuphelele nomoya ongcwele kaNkulunkulu nezithelo zawo. Ngempela, imfundiso yobuKristu eyisisekelo iwukuthi singaphindiseli lapho sicasulwa. (Funda uMathewu 5:39, 44, 45.) Ngakho-ke, singazisebenzisa kanjani ngokugcwele izimfundiso zikaJesu?

Izibonelo Ezinhle Nezimbi

7. Ukungalawuli kukaSimeyoni noLevi intukuthelo yabo kwaba namuphi umphumela?

7 IBhayibheli linezeluleko eziningi eziphathelene nokulawula intukuthelo futhi liqukethe izibonelo ezingokoqobo zalokho okungenzeka lapho siyilawula nalapho singayilawuli. Cabanga ngalokho okwenzeka lapho amadodana kaJakobe, uSimeyoni noLevi, eziphindiselela kuShekemi ngokona udadewabo uDina. “Ezwa ubuhlungu futhi athukuthela kakhulu.” (Gen. 34:7) Ngemva kwalokho, amanye amadodana kaJakobe ahlasela umuzi wakubo kaShekemi, awuphanga futhi athumba abesifazane nezingane. Lokhu awakwenzanga ngenxa kaDina kuphela kodwa cishe kwase kuhlangene nokuzizwa elulazekile, ephelelwe isithunzi. Ayebona sengathi uShekemi wayedelele wona noyise, uJakobe. Kodwa uJakobe wazizwa kanjani ngalokho amadodana akhe akwenza?

8. Indaba kaSimeyoni noLevi ibonisani ngokuziphindiselela?

8 Okwenzeka kuDina kumelwe ukuba kwamzwisa ubuhlungu kakhulu uJakobe; noma kunjalo, wakulahla ukuziphindiselela kwamadodana akhe. USimeyoni noLevi bazama ukuthethelela abakwenza, bathi: “Ingabe udadewethu kufanele aphathwe njengesifebe?” (Gen. 34:31) Kodwa le ndaba ayiphelelanga lapho ngoba abakwenza akumjabulisanga uJehova. Ngemva kweminyaka eminingi, uJakobe wabikezela ukuthi ngenxa yezenzo zobudlova zentukuthelo kaSimeyoni noLevi, inzalo yabo yayiyohlakazeka ezizweni zakwa-Israyeli. (Funda uGenesise 49:5-7.) Yebo, intukuthelo yabo engalawuliwe yabenza bangathandeka kuNkulunkulu nakuyise.

9. Kunini lapho kwasale kancane khona ukuba uDavide eqiwe intukuthelo?

9 INkosi uDavide yenza okuhluke kakhulu. Yaba namathuba amaningi okuziphindiselela, kodwa ayizange. (1 Sam. 24:3-7) Nokho, kunesikhathi lapho yacishe yeqiwa khona intukuthelo. Umuntu ocebile okuthiwa uNabali waklabalasa wathuka amadoda kaDavide, nakuba ayevikele imihlambi nabelusi bakhe. Mhlawumbe ecasulwe kakhulu indlela amadoda akhe ayephathwe ngayo, uDavide wayesezoziphindiselela ngobudlova. Ngesikhathi uDavide namadoda akhe besendleleni beyohlasela uNabali nendlu yakhe, enye insizwa yatshela u-Abhigayili, inkosikazi kaNabali ehlakaniphile, lokho okwakwenzekile futhi yamnxusa ukuba enze okuthile. Ngokushesha, waqoqa izipho eziningi wabe esehlangabeza uDavide. Wafike waxolisa kakhulu ngokwedelela kukaNabali futhi wanxusa uDavide ukuba esabe uJehova. UDavide wasanguluka, wathi: ‘Ubusisiwe wena ongivimbele kulolu suku ukuba ngingangeni ecaleni legazi.’—1 Sam. 25:2-35.

Isimo Sengqondo SamaKristu

10. AmaKristu kufanele akubheke kanjani ukuziphindiselela?

10 Lokho okwenzeka kuSimeyoni noLevi nalokho okwenzeka kuDavide no-Abhigayili kubonisa ngokucacile ukuthi uJehova umelene nentukuthelo engalawulwa nobudlova nokuthi uyayibusisa imizamo yokwenza ukuthula. Umphostoli uPawulu wathi: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke. Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’ Kodwa, ‘uma isitha sakho silambile, siphe ukudla; uma somile, sinike okokuphuza; ngoba ngokwenza lokhu uyonqwabelanisa amalahle avuthayo phezu kwekhanda laso.’ Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.”—Roma 12:18-21.a

11. Udade othile wafunda kanjani ukulawula intukuthelo yakhe?

11 Nathi singasisebenzisa lesi seluleko. Ngokwesibonelo, udade othile wakhononda kumdala ngomphathi wakhe omusha emsebenzini. Wamchaza njengomuntu owenzelelayo nongenamusa. Wayemcasukele kabi kangangokuthi wayefuna ukuyeka umsebenzi. Umdala wamkhuthaza ukuba angaphamazeli. Wabona ukuthi ukusabela kukadade ngentukuthelo kulokho okwakwenziwa umphathi kwakwenze isimo saba sibi kakhulu. (Thithu 3:1-3) Umdala waveza nokuthi ngisho noma angagcina ethole omunye umsebenzi, kwakusazodingeka ashintshe indlela asabela ngayo lapho ephathwa kabi. Wameluleka ukuba aphathe umphathi wakhe ngendlela ayengathanda ukuphathwa ngayo, njengoba kwasho uJesu. (Funda uLuka 6:31.) Lo dade wathi uzozama. Waba yini umphumela? Ngemva kwesikhathi esithile, isimo sengqondo somphathi saba ngcono, waze wambonga lo dade ngomsebenzi wakhe.

12. Kungani ukungezwani phakathi kwamaKristu kungaba buhlungu nakakhulu?

12 Singase singethuki kakhulu lapho kuvela izinkinga ezinjalo phakathi kwethu nomuntu ongaphandle kwebandla lobuKristu. Siyazi ukuthi abantu balesi simiso sikaSathane ngokuvamile bayenzelela nokuthi kudingeka silwele ukungavumeli abenzi bokubi ukuba basithukuthelise. (IHu. 37:1-11; UmSh. 8:12, 13; 12:13, 14) Nokho, lapho kuphakama izinkinga phakathi kwethu nomfowethu noma udadewethu ongokomoya, kuba buhlungu nakakhulu. Omunye uFakazi uyakhumbula, “Inkinga enkulu engaba nayo lapho ngisanda kuba umKristu kwakuwukwamukela ukuthi abantu bakaJehova abaphelele.” Siphume ezweni labantu abangenaluthando nabangakhathalelani sicabanga ukuthi kumelwe ukuba bonke ebandleni baphathana ngomusa njengamaKristu. Ngakho, uma umKristu, ikakhulukazi onamalungelo ebandleni, enza ngendlela engacabangeli noma ephambene nezimiso zobuKristu, lokho kungasilimaza noma kusithukuthelise. Singase sizibuze, ‘Lokhu kungenzeka kanjani phakathi kwabantu bakaJehova?’ Empeleni, izinto ezinjalo zenzeka ngisho naphakathi kwamaKristu agcotshiwe ezinsukwini zabaphostoli. (Gal. 2:11-14; 5:15; Jak. 3:14, 15) Kufanele senzenjani lapho lokhu kwenzeka kithi?

13. Kungani kufanele silwele ukulungisa ukungezwani, futhi singakwenza kanjani?

13 Udade okusanda kukhulunywa ngaye wathi: “Ngafunda ukuthandazela wonke umuntu ongiphatha kabi. Kuyasiza ngaso sonke isikhathi.” Njengoba sesifundile, uJesu wasifundisa ukuba sithandazele abasishushisayo. (Math. 5:44) Kangakanani-ke abafowethu nodadewethu abangokomoya! Njengoba nje ubaba efuna izingane zakhe zithandane, noJehova ufuna ukuba izinceku zakhe emhlabeni zithandane. Sibheke phambili ekuhlalisaneni ngokuthula nangenjabulo phakade futhi uJehova uyasifundisa kwamanje ukuba senze kanjalo. Ufuna sibambisane ekwenzeni umsebenzi wakhe omkhulu. Ngakho-ke, masilungise izinkinga noma simane ‘siseqe’ isiphambeko futhi siqhubekele phambili ngobunye. (Funda izAga 19:11.) Kunokuba siqhele kubafowethu lapho kuphakama izinkinga, kufanele sisizane ukuze siqhubeke siphakathi kwabantu bakaNkulunkulu, siphephile ‘ezingalweni ezingunaphakade’ zikaJehova.—Dut. 33:27, IBhayibheli LesiZulu Elivamile.

Ukuba Mnene Kubo Bonke Kuthela Izithelo Ezinhle

14. Singamelana kanjani namathonya kaSathane abangela ukwehlukana?

14 Ukuze basiphazamise ekusakazeni izindaba ezinhle, uSathane namademoni akhe bazama ngamandla ukuxova imikhaya namabandla ajabulayo. Bazama ukuhlwanyela ukungezwani ngoba bayazi ukuthi ukwehlukana okwenzeka ngaphakathi emabandleni kuyawaqeda. (Math. 12:25) Ukuze simelane nethonya labo elibi, kumelwe silalele iseluleko sikaPawulu: “Inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke.” (2 Thim. 2:24) Khumbula ukuthi asilwi “negazi nenyama kodwa . . . nebandla lomoya ababi.” Ukuze siyinqobe le mpi, kudingeka sigqoke izikhali ezingokomoya, ezihlanganisa “ukuhlonyiselwa izindaba ezinhle zokuthula.”—Efe. 6:12-18.

15. Kufanele sisabele kanjani lapho sihlaselwa abantu abangaphandle kwebandla?

15 Izitha zikaJehova ezingaphandle kwebandla zihlasela ngonya abantu bakhe abanokuthula. Ezinye zalezi zitha zibahlasela ngokoqobo oFakazi BakaJehova. Ezinye zisinyundela kwabezindaba noma ezinkantolo. UJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bakulindele lokhu. (Math. 5:11, 12) Kufanele sisabele kanjani? Akumelwe nanini ‘sibuyisele okubi ngokubi,’ ngamazwi noma ngezenzo.—Roma 12:17; funda eyoku-1 Petru 3:16.

16, 17. Isiphi isimo esivivinyayo elinye ibandla elabhekana naso?

16 Kungakhathaliseki ukuthi uSathane usenzani, lapho ‘siqhubeka sinqoba okubi ngokuhle,’ singanikeza ubufakazi obuhle. Ngokwesibonelo, ibandla elithile esiqhingini sasePacific laqasha ihholo ukuze lilisebenzisele iSikhumbuzo. Lapho izikhulu zesonto lendawo zizwa ngalokhu, zatshela abantu bazo ukuba babuthanele inkonzo yesonto kulelo hholo ngesikhathi esihlelelwe iSikhumbuzo. Nokho, isikhulu samaphoyisa sayala ukuba baphume kulelo hholo ukuze lisetshenziswe oFakazi. Noma kunjalo, kwaze kwashaya isikhathi ihholo lisagcwele lawo malungu esonto futhi aqala inkonzo yawo.

17 Ngesikhathi amaphoyisa esethi abaxosha ngodlí, umongameli wesonto waya komunye wabadala wafike wambuza: “Kukhona yini okukhethekile enihlela ukukwenza manje kusihlwa?” Lo mzalwane wamtshela ngeSikhumbuzo futhi lo muntu waphendula: “Awu, bengingazi!” Elinye iphoyisa lathi: “Kodwa sinitshelile ekuseni!” Lo mongameli wabheka umdala wahleka inhlinini wayesethi: “Manje nizokwenzani? Ihholo ligcwele abantu. Nicabanga ukutshela amaphoyisa asixoshe?” Wayesebenzise ubuqili ukuze kubonakale sengathi oFakazi yibona ababebahlupha! Abafowethu babezosabela kanjani?

18. Abazalwane basabela kanjani lapho bechukuluzwa, futhi kwaba namuphi umphumela?

18 OFakazi balidedela isonto ukuba liqhubeke nenkonzo yalo imizuzu engu-30, ngemva kwalokho babezoqhubeka neSikhumbuzo. Inkonzo yadla isikhathi, iSikhumbuzo saze saqala ngemva kokuba inkonzo isiphelile. Ngakusasa, uhulumeni wabiza ithimba ukuba lenze uphenyo. Ngemva kokucabangela amaqiniso, leli thimba layala isonto ukuba lazise umphakathi ukuthi wumongameli wesonto owayebangele le nkinga, akubona oFakazi. Leli thimba laphinde labonga oFakazi BakaJehova ngokusingatha kwabo lesi simo esinzima ngesineke. Imizamo yoFakazi yokuba “nokuthula nabantu bonke” yayibe nezithelo ezinhle.

19. Yini enye engathuthukisa ukuthula nabanye abantu?

19 Esinye isihluthulelo sokulondoloza ukuthula nabanye siwukukhuluma ngomusa. Isihloko esilandelayo sizodingida ukuthi kusho ukuthini ukukhuluma ngomusa nokuthi singakuhlakulela futhi sikusebenzise kanjani.

[Umbhalo waphansi]

a “Amalahle avuthayo” abhekisela endleleni yasendulo yokuncibilikisa itshe elinensimbi ngokubeka amalahle ngaphansi nangaphezulu ukuze kukhishwe insimbi. Ukubonisa kwethu umusa kulabo abangenamusa kungathambisa isimo sabo sengqondo futhi kuveze izimfanelo ezinhle kubo.

Ungachaza?

• Kungani abantu ezweni lanamuhla begcwele intukuthelo?

• Iziphi izibonelo zeBhayibheli ezibonisa imiphumela yokulawula noma ukungayilawuli intukuthelo?

• Kufanele sisabele kanjani uma omunye umKristu esiphatha kabi?

• Kufanele sisabele kanjani lapho sihlaselwa abantu bangaphandle kwebandla?

[Isithombe ekhasini 16]

USimeyoni noLevi babuyela ekhaya ngemva kokunqotshwa intukuthelo

[Izithombe ekhasini 18]

Ukubonisa umusa kungathambisa isimo sengqondo sabanye

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela