Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 9/1 k. 15
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphila KukaJesu Esengumntwana Ekhaya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukuphila KukaJesu Kwasekhaya Esemncane
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ingabe Wake Wazibuza?
    I-Phaphama!—1996
  • UJesu Wafunda Ukulalela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 9/1 k. 15

Ingabe Bewazi?

Ingabe uJesu wayehlobene nabanye babaphostoli bakhe abangu-12?

▪ ImiBhalo ayisinikezi impendulo eqondile. Kodwa ubufakazi nokwaziswa okuthile komlando kusikisela ukuthi kunabathile kubafundi bakhe abangu-12 ababeyizihlobo zakhe.

Ababhali bamaVangeli basho amagama abesifazane ababekhona ngesikhathi uJesu efa esigxotsheni sokuhlushwa. UJohane 19:25 ubala abane: “Unina [uMariya] nodadewabo kanina; uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.” Uma kuqhathaniswa leli vesi nezincazelo ezikuMathewu nakuMarku ezikhuluma ngendaba efanayo sifika esiphethweni sokuthi uSalome wayengudadewabo kanina kaJesu. Kubonakala futhi sengathi lo Salome wayengunina wamadodana kaZebedewu. (Mathewu 27:55, 56; Marku 15:40) Lokhu kusho ukuthi amadodana akhe, kwamanye amavesi abizwa ngokuthi uJakobe noJohane, ayengabazala bakaJesu. UJesu wenza lezi zelamani ezimbili ezazingabadobi abafundi bakhe.—Mathewu 4:21, 22.

Okunye ukwaziswa okungekho eBhayibhelini kuthi uKleyophase, noma u-Alfewu, umyeni womunye wabesifazane okukhulunywe ngabo kuJohane 19:25, wayengumfowabo kaJosefa, uyise kaJesu. Uma lokhu kwaziswa kusekelwe eqinisweni, kusho ukuthi uJakobe, indodana ka-Alfewu, owayengomunye wabaphostoli abangu-12, naye wayengumzala kaJesu.—Mathewu 10:3.

UJesu noJohane uMbhapathizi babehlobene kanjani?

▪ Abanye bakholelwa ukuthi la madoda amabili ayengabazala. Le nkolelo isekelwe enguqulweni eyahumusha uLuka 1:36 ngokunganembile. Ngokwesibonelo, i-King James Version ithi unina kaJohane, u-Elizabethe, nonina kaJesu, uMariya, babeyizelamani.

Nokho, igama elisetshenziswe esiGrekini sokuqala alicacisi. Limane nje libonise ukuthi laba besifazane ababili babeyizihlobo, hhayi ukuthi babezalwa yizelamani, noma abazala. I-Interpreter’s Dictionary of the Bible ithi “lelo gama linemiqondo eminingi, alisizi ekutholeni ukuthi babehlobene kanjani ngempela.” Pho yavelaphi indaba yokuthi uJesu noJohane babengabazala? I-Catholic Encyclopedia iyaphendula: “Yonke imininingwane esinayo mayelana . . . nabazali bakaMariya . . . ithathwe ezincwadini ezingekho ohlwini lwezincwadi zeBhayibheli.”

Ngakho-ke, uJesu noJohane babengebona ngempela abazala, babemane beyizihlobo eziqhelile.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela