Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 3/1 kk. 26-29
  • Imihlangano Yesigodi Yasehlobo ERussia Iletha Injabulo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yesigodi Yasehlobo ERussia Iletha Injabulo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imihlangano Yasehlathini Ezweni Lonkana
  • Ukusebenza Komoya KaNkulunkulu
  • Bamangazwa Yinto Abayibona
  • Ubunye Buyabonakala Phakathi Kwabantu BakaNkulunkulu
  • Imihlangano Emikhulu Ubufakazi Bobuzalwane Bethu
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • UMhlangano Wokuqala Wezizwe Zonke WoFakazi BakaJehova ERussia
    I-Phaphama!—1992
  • IMihlangano Yezigodi Neyezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ Ka-1998
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • “Sihlukaniswe Ulimi Kodwa Uthando Lusenza Sibe Munye”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 3/1 kk. 26-29

Imihlangano Yesigodi Yasehlobo ERussia Iletha Injabulo

NJALO ehlobo, abantu baseRussia abakhonze imvelo bayasuka emadolobheni baye ezindaweni ezisemaphandleni ukuze bayochitha isikhathi esithile kuma-dacha, izindawo zokuphumula. Kubo, lesi yisikhathi sokubalekela isiphithiphithi sasedolobheni bayoshaywa umoya. Eminyakeni embalwa edlule, oFakazi BakaJehova baseRussia nabo baye babonakala befuduka ngobuningi beya emaphandleni—kodwa ngesizathu esihlukile.

Naphezu kwemingcele ebekwe emsebenzini wabo wokushumayela kwamanye amadolobha, oFakazi BakaJehova eRussia bayaqhubeka behlangana obala ukuze bakhulekele uNkulunkulu, besebenzisa ilungelo labo elingokomthetho lokukhulekela. Nokho, kwezinye izimo ukuphikisa nokucindezela kwezikhulu ezifunzwe ukwaziswa okunganembile ngoFakazi noma kwabefundisi besonto laseRussia lobu-Orthodox, kuye kwenza kwaba nzima ngabo ukuthola imvume yokusebenzisa izinkundla ezifanelekayo ukuze baqhube imihlangano yabo yesigodi eba sehlobo minyaka yonke. Ngakho, oFakazi baye bahlela imihlangano “yasehlathini” noma “yasesigangeni.” Kusukela ngo-2007 kuya ku-2009, kuye kwaba nala “mapikiniki” angokomoya izikhathi ezingaba ngu-40 ezindaweni ezingu-25 kuyo yonke iRussia.

Omunye uFakazi osekuyiminyaka eminingi eya emihlanganweni yaseRussia, uyakhumbula: “Kudala ngesikhathi sisakwazi ukuqasha izindawo zemihlangano emadolobheni amakhulu, abantu abaningi abaqotho neziphathimandla zendawo babekwazi ukufinyelela eziphethweni ngenhlangano yethu lapho bebona indlela esihlanzeke nesihleleke ngayo. Manje siphoqeleka ukuba sihlangane emahlathini lapho sibonwa khona yizilwane zasendle kuphela. Kuyadabukisa ukuthi abantu abasakwazi ukubona le mihlangano emihle eba nabantu bezizinda, izinhlanga nezinkolo ezahlukahlukene.”

Nakuba kuba mnandi uma sihlangene kule mihlangano, omunye uFakazi uyavuma: “Kuyinjabulo ukubona ukuzidela nobuqotho babanye oFakazi abazivumelanisa nezimo ezihlukile. Kodwa kumelwe ngivume, ukwenqaba kweziphathimandla ukuba sibe nemihlangano kuyasikhandla ngokomzwelo nasemzimbeni. Kwenza singakwazi nokukhulekela uNkulunkulu uMninimandla onke ngendlela ehloniphekile.” OFakazi BakaJehova baseRussia baye babhekana kanjani nale nselele?

Imihlangano Yasehlathini Ezweni Lonkana

Ngokuvamile, abaphethe bazephula ngomzuzu wokugcina izivumelwano zokuqasha izinkundla zokuqhuba imihlangano, ngakho abahleli bomhlangano kufanele beze nelinye iqhinga ngezinsuku ezimbalwa ukuze kutholakale enye indawo engathatha izinkulungwane zabantu abasuke bezoza emhlanganweni. Ngokwesibonelo, ngo-2008, oFakazi baseCheboksary, eRepublic yaseChuvashn, kwadingeka baqhube umhlangano wesigodi endaweni enkulu yokukhempa eyayizungezwe izihlahla ezinde ebheke eMfuleni iVolga. Mkhulu umsebenzi ababebhekene nawo. Kubantu abangu-1 930 ababelindeleke emhlanganweni, abangu-1 700 kubo kwakudingeka balungiselelwe indawo yokulala kuyo le ndawo yokukhempa. Babedinga ama-shower nosinki abanamanzi ashisayo nabandayo, izindlu zangasese nogesi. Ngaphezu kwalokho, kwakudingeka bonke bathole okuya ngasethunjini.

Abazalwane basebenza ngokuzikhandla ukuze babalungiselele lezi zinto. Kwatholakala abantu abangababazi, abasebenza ngogesi nabasebenza ngamapayipi amanzi. OFakazi abangu-350 basebenza ngokuzithandela, futhi abangu-14 kubo bahlala endaweni yokukhempa izinsuku eziyishumi. Basaha amapulangwe, basusa utshani, bahloma amatende, bamisa izindlwana zokugeza nezindlu zangasese. Elinye iqembu labazalwane laya edolobheni izikhathi eziningi liyothenga okudingekayo. Njengoba yayingekho indawo ebandayo yokugcina ukudla, abazalwane banquma ukupheka kathathu ngosuku ukuze abantu bathole ukudla okunomsoco. Abaphathi bale ndawo yokukhempa babambisana nabo ngokuqasha ezinye izisebenzi ezazizopheka ukudla okwakuzodliwa yilabo abeze emhlanganweni. Abangu-500 beza namatende abo, abangu-150 baqasha izindawo zokulala budebuduze nendawo yokukhempa, abangu-15 bakujabulela ukulala efolishini elalisesitebeleni kanti abanye balala ematendeni ayehlonywe abazalwane.

Lapho abeze emhlanganweni befika, bakhangwa izihlalo eziningi zepulasitiki ezimibalabala zihlelwe kahle ngezinhlu. Phambi kwazo kwakumiswe amapulatifomu amabili angadle ngabuhle obutheni ahlotshiswe ngezimbali. Enye ipulatifomu yayizosetshenziswa abazalwane abakhuluma isiRussia enye isetshenziswe abakhuluma isiChuvash. Bonke ababelapho basijabulela isimiso esingokomoya futhi babonga umsebenzi omkhulu owawenziwe yizisebenzi zokuzithandela. Omunye walabo ababepheka wathi, “Ukube bengingazibonelanga ngawami, bengiyophika ukuthi kunenhlangano ekhuthele nehleleke ngale ndlela!” Abanye bafanisa amalungiselelo omhlangano noMkhosi Wamadokodo owawugujwa isizwe sakwa-Israyeli ngezikhathi zeBhayibheli.

Kwamanye amadolobha, oFakazi babevame ukuthola sekusele usuku olulodwa ukuthi abasenayo indawo nokuthi kufanele bavele nelinye isu. Lokho kwenzeka eNizhniy Novgorod, lapho izisebenzi zokuzithandela zasebenza khona ubusuku nemini emzini wothile onegceke elivulekile. Kwadingeka zigawule izihlahla, zicente futhi zibulale imikhaza nezintuthwane. Lapho abeze emhlanganweni befika ngoLwesihlanu ekuseni, kwase kunezihlalo zepulasitiki ezingu-2 000 ezazifike nezisebenzi zokuzithandela kanye nezindlu zangasese ezithwalwayo eziyishumi. Zazimise nosinki bamanzi, zakha ipulatifomu, zalungiselela i-generator nesimiso se-sound. Omunye umzalwane wathi: “Into eyangimangaza kunazo zonke ukuthi abazalwane abazikhandla imini nobusuku abazange bazizwe njengamaqhawe. Baqhubeka bekhonza abafowabo phakathi nomhlangano ngokukhulu ukuthobeka. Bazikhandla ukuze bonke bazizwe besekhaya futhi bajabulele imfundo engokomoya.”

Omunye umzalwane uyabhala: “Kwakunomoya wokubambisana ngempela. Nakuba abazalwane babeqala ngqá ukuhlela umhlangano egcekeni futhi benesikhathi esincane, benza konke okwakufanele kwenziwe ukuze isimiso siqhubeke ngaphandle kweziphazamiso. Ngemva kwawo wonke lowo msebenzi, asizange sizizwe sikhathele. Kwaba njengokungathi uJehova unike ngamunye wethu izimpiko!”

Ukusebenza Komoya KaNkulunkulu

Ukuzama ukusombulula izinkinga ezaziphakama uma kulungiselelwa imihlangano kwenza oFakazi bendawo basondelana ngezindlela eziningi futhi kwabonakala ukusebenza komoya kaNkulunkulu. ESmolensk, izindawo zokulala eziningi ezaziqashiwe zahoxiswa ngobusuku bangaphambi komhlangano. Omunye umdala uyabika: “Lapho amabhasi amaningana efika ngehora lokuqala ekuseni, ayibanga khona indawo yokulalisa abantu. Zavele zehla kimi ngoba kwakungekho engangingakwenza. Ngathandaza kuJehova ngamncenga ukuba asixazululele le nkinga. Ngajabula lapho ngemva kwehora elilodwa sithola enye indawo yokulala yawo wonke umuntu! Kwakuyisimanga ngempela lokho futhi kwafakazela ukuthi uJehova akasoze abashiya abalungileyo!” Komunye umhlangano wesigodi owawusehlathini, abazalwane bacela izakhamuzi ukuba zisize ngendawo yokulala futhi azibanga nankinga yokulalisa oFakazi abangu-2 000 ngenxa yokuthi oFakazi banedumela elihle.

Omunye uFakazi wathi: “Kwakhona nje ukuthi sakwazi ukuba nomhlangano kwakuwubufakazi obukholisayo bokubaluleka kokuncika kuJehova kuzo zonke izimo.” Lokhu sakubona ngokukhethekile lapho kufika “izivakashi” ezingamenywanga zizophazamisa umhlangano. ENovoshakhtinsk, abefundisi besonto lobu-Orthodox laseRussia kanye nababhikishi bafika bacula izingoma zesonto bamemeza ngemibhobho ukuze isikhulumi somhlangano singezwakali lapho sibeka inkulumo. Kodwa amaphoyisa abanqanda bangaphazamisa isimiso. Lapho omunye wababhikishi, owesifazane ongumOrthodox, equleka ngenxa yokushisa, abazalwane bamthatha bamyisa eMnyangweni Wosizo Lokuqala lomhlangano wathola usizo. Lokho kwammangaza kakhulu lona wesifazane.

Bamangazwa Yinto Abayibona

Ngenxa yokuthi ubuphekula obudlangile benza abantu bahlalele ovalweni, sekuvamile ukuthi lapho kunemibuthano emikhulu eRussia izikhulu zomthetho nabantu bendawo baqale ukusolasola. Ngokwesibonelo, umhlangano owawusehlathini eVolzhskiy wawubekwe iso abameleli beqembu lamaphoyisa elimelene nabantu abashiseka ngokweqile. Omunye walaba bameleli walahlekelwa umakhalekhukhwini phakathi nesimiso somhlangano, futhi abazalwane bamsiza ukuba awuthole eMnyangweni Wokulahlekile Kwabuye Kwatholakala. Ngemva kwesikhashana, wathola ucingo luvela esikhulwini esibaphethe sifuna ukwazi ukuthi zikhona yini izinxushunxushu kulowo mhlangano. Leli phoyisa laphendula: “Konke kuhamba kahle; kunabantu abangu-5 000 kodwa akunamuntu ophula umthetho. Akunazinxushunxushu. Lokhu kwenza ubabheke ngenye indlela. Uyazi kwenzekeni? Ngiye ngalahlekelwa umakhalekhukhwini wami, bawuthola futhi bangithozisela wona!”

Omunye unogada wahlatshwa umxhwele amagceke ahlanzekile futhi wamangala ukuthi kwakungekho ngisho nephepha likaswidi nakuba kwakunenqwaba yezingane. Umnikazi wendawo yokukhempa okwakuqhutshelwa kuyo omunye umhlangano wahlangana namaphoyisa ayetshelwe ukuthi kunombuthano omkhulu wenkolo. Wathatha isikhulu saphoyisa waya naso kuvulanda wesitezi sesithathu okuthi uma umi kuwo ukwazi ukubona kahle indawo yokukhempa. Wathi kuso: “Babheke nje! Nawe uyazibonela. Abeve behlelekile!” Umnikazi wendawo wamangazwa ukuthi oFakazi babengaphuzi futhi bengabhemi nokuthi lapho behamba wawungaphika ukuthi kwakunabantu lapho. Babeze bacoshe udoti bahambe nawo. Wathi: “Kunjengokungathi ngisepharadesi!”

Ubunye Buyabonakala Phakathi Kwabantu BakaNkulunkulu

Ngemva komhlangano othile owawusehlathini, induna yendawo ebudebuduze yashukumiseleka ukuba ithi: “Ngiyaqonda ukuthi ningabantu abathobekile, kodwa anibuthakathaka. Thina sikhiphana inyumbazane, kodwa nina niyakwazi ukuhlanganisa abantu!” Kusukela eKaliningrad kuya eKamchatka, izakhamuzi zaleli zwe elikhulukazi zihlatshwa umxhwele ubunye obuboniswa abantu bakaNkulunkulu emibuthanweni yabo emikhulu engokomoya. Kungakhathaliseki ukuthi izinhlelo zabo zishintsha ngokushesha nangokungalindelekile kangakanani, kukhona into eyodwa engashintshi ngabo—bahlale benenhlonipho ngeziphathimandla nangabanye abantu.

Kungakhathaliseki ukuthi isimo sabo sinjani okwamanje, oFakazi BakaJehova eRussia baqhubeka beba nemihlangano ejabulisayo ebanika imfundo engokomoya. Bathandazela “amakhosi nabo bonke abasezikhundleni eziphakeme; ukuze [baqhubeke bephila] ukuphila okuzolile nokunokuthula ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele nokungathathi izinto kalula.”—1 Thimothewu 2:2.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]

Omunye uFakazi oyisisebenzi sokuzithandela esiza ekulungiseleleni umhlangano wasesigangeni

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]

OFakazi BakaJehova eRussia bayaqhubeka bephila “ukuphila okuzolile nokunokuthula ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele”

[Izithombe ekhasini 28]

Izisebenzi zokuzithandela zasebenza ngokubambisana zihlanza amagceke ngaphambi komhlangano futhi zalungisa ukudla okwakuzodliwa yizinkulungwane zababeze emhlanganweni

[Izithombe ekhasini 29]

Bonke ababekhona bajabulela isimiso esingokomoya futhi bawazisa umsebenzi onzima owenziwa yizisebenzi zokuzithandela

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela