Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 10/1 k. 3
  • Ingabe Wake Wakhohliswa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Wake Wakhohliswa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umonakalo Obangelwe Amanga Okuqala
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
  • UPetru No-Ananiya Baqamba Amanga—Singafundani Kulokho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Kungani Kulula Kangaka Ukuqamba Amanga?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Kungani Kufanele Uthembeke?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 10/1 k. 3

Ingabe Wake Wakhohliswa?

ZIMBALWA izenzakalo ezibuhlungu njengokwazi ukuthi umuntu omethembayo ukukhohlisile. Ungase uzizwe uphoxekile, uthukuthele noma ube nomuzwa wokuthi kudlalwe ngawe. Amanga aqeda ubungane nemishado; abantu baze balahlekelwe izigidi zamarandi ngenxa yamanga.

Cabanga nje ukuthi ungazizwa kanjani uma ungathola ukuthi utshelwe amanga ngoNkulunkulu. Uma uyikholwa, lokho kungakuthinta ngokujulile, njengoba kwaba njalo ngalaba bantu abasontayo:

● “Ngaba nomuzwa wokuthi isonto lidlale ngami.”—UDEANNE.

● “Ngathukuthela. Ngaba nomuzwa wokuthi ngikhohlisiwe—amathemba namaphupho ami aba yize.”—ULUIS.

Kungase kube nzima ngisho nokucabanga ukuthi kungenzeka utshelwe amanga ngoNkulunkulu. Kungenzeka ukuthi okwaziyo wakuzwa ngomuntu omethembayo nongasoze akuzwisa ubuhlungu ngamabomu—abazali bakho, umfundisi noma umngane oseduze. Kungenzeka ukuthi selokhu kwathi nhlo, kunemfundiso eyodwa oyikholelwayo. Kodwa awuvumi yini ukuthi ngisho nombono owamukelwa abantu abaningi ungaba amanga? Owayengumongameli wase-United States uFranklin D. Roosevelt walivuma leli qiniso, ngoba wathi: “Ukuthi amanga aseshiwo kaninginingi akuwashintshi abe yiqiniso.”

Ungabona kanjani ukuthi uye wakhohliswa? Lapho ethandaza kuNkulunkulu, uJesu wake wathi: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Yebo, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liqukethe esikudingayo ukuze sikwazi ukuhlukanisa phakathi kweqiniso namanga.

Sikukhuthaza ukuba uvumele iBhayibheli likudalulele amanga amahlanu avame ukushiwo ngoNkulunkulu. Uzobona ukuthi iqiniso lingakwenza kanjani ukuphila kwakho kube ngcono.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela