Qiniseka Ukuthi Uyaphindela
1 “Ngakhuliswa njengomKatolika, ngasonta esontweni laseWeseli lapho ngisekholiji, ngaqoma umfana ongumJuda, ngase ngishada nomLuthela. Angizange ngijabulele neyodwa yalezinkolo ezaziqhubeka ‘zishintsha nezikhathi.’ Ngaqala ukufunda incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, ngaqala ngokungabaza nokho ngijabulela imifanekiso emihle. Ngakhangeka futhi ngafunda ngentshiseko ingxenye yokugcina ngamahora amane. [Ngiyambonga uNkulunkulu] ngolwazi lwami olusha nangokuthula kwangaphakathi.” Wabhala kanjalo owesifazane osemusha eU.S.A., njengoba kubikwe kuNqabayokulinda kaFebruary 1, 1988, ikhasi 32.
2 Njengoba lencwadi inconywa kahle kangaka, ingabe akufanele yini ukuba sonke sifune ukusekela ngenhliziyo yonke ukudluliselwa kwalencwadi ethi Ungaphila Phakade ezandleni zabantu abathakazelayo abaningi ngangokunokwenzeka? Khona-ke kumelwe siqiniseke ukuthi senza izimpindelo ukuze sivuse isithakazelo esiqhubekayo kulencwadi evelele.
3 Njengoba incwadi ethi Ungaphila Phakade iklanyelwe ukuba kuqhutshwe ngayo izifundo zeBhayibheli, singaqalisa lomsebenzi ngentshiseko nangokuqiniseka. Ungalibali ukubuyela kubantu abathakazelayo. Nakuba bengase bayithathe lencwadi, ukucindezela kokuphila kwansuku zonke nokukhathazeka okuba umphumela kungase kubangele ukuba isithakazelo siphele ngokushesha, njengoba nje kubonisiwe emfanekisweni kaJesu womhlwanyeli. (Math. 13:18-23) Kungase kudingeke ukuphindela kaningana ngaphambi kokuba kuqaliswe isifundo.
4 Ukusebenzisa Incwadi Ethi Ungaphila Phakade Ekuqaliseni Isifundo SeBhayibheli: Ungase ufune ukuzama lendlela lapho uphindela kubantu abathakazelayo: “Lencwadi iphendula eminingi yemibuzo eyisisekelo ngokuvamile abantu abayibuzayo ngokuphathelene noNkulunkulu neBhayibheli. Ngokwesibonelo, izinkolo eziningi zifundisa ukuthi isihogo siyindawo yokuhlushwa kwababi phakade ngomlilo. Yini wena ngokomuntu siqu oyikholelwayo ngalendaba? [Lindela impendulo.] Ingabe ubungakuthakazelela ukuthola impendulo eyiqiniso yeBhayibheli yalowombuzo?” Mcele ukuba aphenye ekhasini 81 encwadini yakhe ethi Ungaphila Phakade futhi afunde isihloko sesahluko 9. Mema umninikhaya ukuba acabangele izigaba ezintathu zokuqala kanye nawe. Ningase nithande ukushintshana ekufundeni izigaba. Funda imibuzo enyathelisiwe futhi usize umninikhaya ukuba athole izimpendulo ezigabeni enisanda kuzifunda. Ngemva kokucabangela izigaba ezintathu zokuqala, buza umninikhaya ukuthi ungabuya yini ngesonto elilandelayo ukuze niqhubekisele phambili ingxoxo. Mbonise ukuthi angalungiselela kanjani ngokudwebela izimpendulo zemibuzo enyathelisiwe nangokubheka imibhalo kwelakhe iBhayibheli.
5 Noma ungase uthi:
◼ “Lapho ngikuvakashele ezinsukwini ezimbalwa ezidlule saxoxa ngesithembiso seBhayibheli sokuthi ukufa ngeke kusaba khona. Ingabe uke ucabange ngokuphila phakade? [Lindela impendulo.] Yebo, abaningi ngeke bawujabulele umqondo wokuphila phakade ngenxa yokuhlupheka, ubudlova nendlala okusihluphayo kakade.” Lapho uvula emakhasini 11-13 ungase uthi: “Kodwa ake sithi ungaphila phakade ngaphansi kwezimo ezinjengalezi—bekungeke yini kujabulise lokho? [Lindela impendulo.] Nokho, ukuze senze kanjalo kudingeka okuthile kithina. Phawula lokho isigaba 19 esikushoyo. [Sifunde.] Mangikubonise indlela lencwadi eklanywe ngayo ukuze ikusize ukuba wenze lokho kanye.”
6 Lencwadi enhle iye yasiza izinkulungwane zabantu ukuba bathole indlela eya ekuphileni. Lwela ukuphindela nakanjani futhi ulandelele isithakazelo oye wasithola. Cela uJehova ukuba akusize, bese wenza ingxenye yakho ekuyisebenziseni kahle lensiza-kufunda yeBhayibheli enhle kangaka ekusizeni nomunye umuntu ukuba afunde ngethemba lokuphila phakade ePharadesi emhlabeni.