Isimiso Esisha Somhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa
1 Isifundo sethu sencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila siye sakhulisa ukwazisa esinakho ngoJesu Kristu. Ngokufanelekile, isimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa esizoqala ngo-September sizoba nesihloko esithi “Ukulandela Ngokuseduze Isibonelo Sethu Esikhulu,” esizosisiza ukuba siqonde ngokugcwele lokho okushiwo ukumlandela.
2 Kungakhathaliseki ukuthi badala kangakanani noma banesikhathi esingakanani beseqinisweni, bonke abayoba khona emhlanganweni bayokhuthazwa ukuba babe njengoKristu ngokwengeziwe. Ingxenye yesimiso iyoba neseluleko esikhethekile esiqondiswe entsheni. Iyoyihlomisela ukubhekana nezinselele eziphathelene nemfundo, ukuzijabulisa, nokuthanda izinto ezibonakalayo. Kuyoba nezinkulumo, okuhlangenwe nakho, nemiboniso ebonisa indlela yokumelana nethonya lezwe nokuthi umuntu angazenza kanjani afane noKristu.—1 Pet. 2:21.
3 Abantu abasanda kuzinikezela bayoba nethuba lokuvuma obala ngokubhapathizwa ukuthi bangabalandeli bakaKristu. Inkulumo engokomBhalo eshukumisayo ephathelene nalendaba iyokwandulela ubhapathizo. Labo abafisa ukubhapathizwa emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa kufanele bazise umbonisi wabo owengamele kusenesikhathi ukuze ahlele ukuba abadala babukeze imibuzo ehlelelwe abazobhapathizwa.
4 Isikhulumi esivakashile siyobeka inkulumo eyinhloko, enesihloko esithi “Ukulandela Isibonelo Sethu Esikhulu—Siholelwaphi?” Qikelela ukuba umemele bonke abathakazelayo kulesimiso esikhuthazayo nesiqinisa ukholo. Ayikho inkambo enkulu nenomvuzo ngokwengeziwe kunokulandela iSibonelo sethu eSikhulu, uJesu Kristu.—Math. 19:27-29.