Isimiso Esisha Sosuku Lomhlangano Okhethekile
1 Kungani kufanele simemezele izindaba ezinhle singayeki? Ziyini izimfuneko zokuba umshumayeli wezindaba ezinhle? Bangenza kanjani ngisho nabantu abanamahloni noma abesabayo ukuba bathathe isinyathelo kuqala sokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye? Lemibuzo kanye neminye eyenza umuntu acabange izophendulwa esimisweni sosuku lomhlangano okhethekile esiqala ngo-September, esinesihloko esithi “Ukufaneleka Njengezikhonzi Zezindaba Ezinhle.”—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 3:5.
2 Njengabantu bakaJehova, kufanele siqaphele ukuziphatha kwethu. Intsha iyolandisa okuhlangenwe nakho okukhuthazayo kwendlela eye yamelana ngayo nokucindezela kontanga. Abazali bayonikezwa isikhuthazo sothando ngokuphathelene nesidingo sokuqeqesha izingane zabo njengezikhonzi zikaNkulunkulu. Sonke siyosizwa ukuba siqaphele isidingo sokushumayela kanye nezibusiso eziza kithi nakulabo abasilalelayo.—1 Thim. 4:16.
3 Ngokuqinisekile ubhapathizo luyoba isenzakalo esivelele salolo suku. Ngaphambi kwalesi senzakalo, inkulumo esekelwe eBhayibhelini iyoqondiswa ngokukhethekile kubantu abasanda kuzinikezela. Yiqiniso, sonke esiyobakhona siyofuna ukulalelisisa njengoba kukhulunywa ngesihloko sobhapathizo futhi kucaciswa lokho olukushoyo. Noma ubani ofisa ukubhapathizwa ngosuku lomhlangano okhethekile kufanele azise umbonisi owengamele kusengaphambili kakhulu ukuze abe nesikhathi esanele sokuhlela ukuba abadala babukeze nalabo abazobhapathizwa imibuzo ekhonjiwe.
4 Esinye isenzakalo esikhethekile siyoba inkulumo eyinhloko eyonikezwa isikhulumi esihambele. Inesihloko esithi “Ukufaneleka Nokuhlonyiswa Njengezikhonzi ZikaNkulunkulu.” Kuyokhulunywa ngamalungiselelo amane ayinhloko asihlomisayo njengezikhonzi, futhi inkulumo iyohlanganisa nokuhlangenwe nakho okwakha ukholo.
5 Eminyakeni embalwa edlule liye lehla inani labantu abeza emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa, ngakho hlela manje ukuba ube khona kuso sonke isimiso. Qikelela ukuba umeme abantu abathakazelayo kanye nabafundi beBhayibheli ukuze nabo bazuze kulolu suku lwemfundo engokwasezulwini. Ngalendlela singaqiniseka ukuthi ‘sifaneleka ngokwanele’ ukuba izikhonzi zezindaba ezinhle.