Isifundo Somuntu Siqu—Indaba Yokukhathalelwa
1 Yiziphi izinto esizikhathalela kakhulu? Kufanele sikukhathalele ngempela ukwakha nokulondoloza ubuhlobo obuseduze noJehova. Isifundo somuntu siqu sifeza indima enkulu ekwakheni ukusondelana okunjalo. Namuhla, bambalwa kithi abanezimo ezibavumela ukuba babe nesikhathi eside sokuzindla nesesifundo somuntu siqu. Kodwa uma singalifundi njalo iZwi likaNkulunkulu, singaba buthakathaka kangangokuba singabi namandla okumelana nomoya wezwe nezifiso zawo zenyama.
2 Yakhani Ukulangazelela IZwi: Lapho siqala ukuzwa ngezinjongo zikaNkulunkulu, cishe sasikushisekela ukuzuza ulwazi olwengeziwe. Nokho, ngemva kwesikhathi esithile kungenzeka ukuthi ukulambela kwethu ukondliwa okungokomoya kwaphela. Kungase kudingeke ‘sakhe ukulangazelela’ ukudla okungokomoya. (1 Pet. 2:2, NW) Singasakha kanjani lesosifiso?
3 Iphunga lokudla okuthandayo lingakwenza ulambe ngenxa yezinkumbulo ezinhle. Izikhathi ezimfushane zesifundo somuntu siqu zingasithinta ngendlela efanayo ngokomoya. Ukujabulela imithamo embalwa yokudla okungokomoya kungasenza silangazelele amaqiniso ajulile. Ukwaneliseka okubangelwa ukufunda kungasikhuthaza ukuba simbe sijule eZwini likaJehova.
4 Yenza Isimiso Esisebenza Kangcono Kuwe: Abanye babekela eceleni ubusuku obubodwa bokuba nesifundo somuntu siqu, kuyilapho abanye bekhetha izikhathi ezimfushane neziningi zokutadisha. Uma uthola ukuthi ungagxilisa ingqondo kangcono ekuseni, ungase unqume ukuba uthi ukutadisha ngaphambi kokudla kwasekuseni. Uma uphaphama ngokwengeziwe ebusuku, ungase ukhethe ukutadisha ngaphambi kokuba uyolala ebusuku. Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, into ebalulekile iwukukwenza njalo nokunamathela esimisweni esifanelana kangcono nezidingo zakho.
5 Uma sikhuthazwa ukuba sibe nesifundo somuntu siqu ngokwengeziwe, singase sisheshe ukusho ukuthi kakade isimiso sethu sigcwele. Nokho, sonke kudingeka sithembeke lapho sihlola indlela esisebenzisa ngayo isikhathi sethu. Ingabe usuku ngalunye sichitha amahora amaningi sibuké izinhlelo zethelevishini? Ingabe sizimisele ukudela ezinye izinto zomuntu siqu esizithandayo? Ukuhlola ngokoqobo indlela esisebenzisa ngayo isikhathi sethu cishe kuyoveza izikhathi zansuku zonke esingase sizisebenzise ngokunenzuzo ngokwengeziwe esifundweni somuntu siqu.—Efe. 5:15, 16.
6 Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kudinga yonke ingqondo yethu. Ukuzama ukwenza okunye ngesikhathi utadisha kunciphisa izinzuzo. Uma sinomkhuba wokufunda sibe sidla, silalele umsakazo, noma sibukele ithelevishini, cishe ingqondo yethu ngeke igxile kulokho esisuke sizama ukukufunda. (1 Thim. 4:15) Ngakho kunesidingo sokususa iziphazamiso.—Bheka ethi Incwadi Yokuchasisa Isikole, amakhasi 33-4.
7 Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke nokusebenzisa iseluleko salo kubalulekile ngoba yileyondlela esithola ngayo isiqondiso sikaJehova. Kwenze umgomo wakho ukwenza iqiniso elisencwadini lithonye inhliziyo yakho. Wasebenzise ngokunenzuzo wonke amathuba, kungakhathaliseki ukuthi mancane kangakanani, ukuba ufunde, ubukeze, noma uzindle ngezinto ezingokomoya.—Dut. 6:6-8; Kol. 1:9, 10.