Izindaba Ezinhle Zabamnene
1 Siphila esikhathini lapho ukwahlulela kuseduze khona. (Hez. 9:5, 6) Kuyaphuthuma ukuba abantu abamnene kuyo yonke indawo baziswe ukuze bakulungiselele okuzayo. Ngothando lwakhe lomusa, uJehova uye wathuma abantu bakhe ukuba ‘bashumayele izindaba ezinhle [kwabamnene, NW].’ (Isaya 61:1, 2) Omagazini bethu basisiza ukuba simemezele lezizindaba ezinhle kuyo yonke indawo.
2 Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! banikeza ukudla okuqinile okungokomoya okusiqinisayo futhi kusishukumise. INqabayokulinda iduduza abamnene ngezindaba ezinhle zokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngokushesha uzoguqula umhlaba ube ipharadesi. I-Phaphama! yakha ukuthembela esithembisweni soMdali somhlaba omusha onokuthula nokulondeka. Ukusakazwa kabanzi kwalabomagazini kungenye yezindlela ezishesha kakhulu zokuyisa izindaba ezinhle kwabamnene. Yimaphi amaphuzu okukhulunyelwa esingawaqokomisa komagazini bamuva?
3 Ungahambisa “INqabayokulinda” ka-May 1 ngokukhulumela isihloko esithi “Ukuzuza Ekufundeni IBhayibheli Nsuku Zonke” bese ubuza lombuzo:
◼ “Ucabanga ukuthi iyiphi inzuzo esingayithola ngokufunda iBhayibheli? [Lindela impendulo.] IBhayibheli ngokwalo, kweyabaseRoma 15:4, lisisiza ukuba sicabangisise ngalowombuzo. [Funda eyabaseRoma 15:4.] Abantu abaningi emphakathini wakithi banalo iBhayibheli, kodwa bambalwa abasitholayo isikhathi sokulifunda njalo. Sikholelwa ukuthi okuwukuphela kwethemba eliqinisekile lesikhathi esizayo lingatholakala eBhayibhelini, futhi siyobusiswa uma silifunda.” Nikeza okunye ukukhulumela okufanelekile, bese uhambisa isikhokhelo. Uma isipho sesikhokhelo senqatshwa, hambisa omagazini ababili.
4 “INqabayokulinda” ka-May 15 iqokomisa isihloko esithakazelisayo esithi: “Ukuphila Okusha Kokhokho Bethu.” Ungase ukwazi ukuvusa isithakazelo ngalesisingeniso:
◼ “Abaningi baye bazibuza ukuthi engabe babenjani okhokho babo. Njengoba sebefile futhi bengasekho, abantu abaningi baphetha ngokuthi ngeke sazi. Ucabanga ukuthi kuyoke kwenzeke yini sibazi okhokho bethu?” Lindela impendulo. Funda uJohane 5:28, 29, bese uchaza ukuthi uNkulunkulu uthembise ukubanikeza ukuphila okusha emhlabeni oyipharadesi.
5 Ungahambisa i-“Phaphama!” ka-May 8 ngokubuza umbuzo:
◼ “Ucabanga ukuthi kuyodingekani ukuze ukuphila kube nenzuzo ngempela?” Lindela impendulo. Bhekisela esihlokweni esithi “Iyini Injongo Yokuphila?”, ikhasi 26, bese ufunda amazwi kaSolomoni akumShumayeli 2:11. Khona-ke, mbonise iseluleko sakhe esikusahluko 12, ivesi 13. Khuthaza umninikhaya ukuba amukele isikhokhelo sikamagazini. Uma enemali elinganiselwe, ungase umhambisele isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha, noma omagazini ababili.
6 Uma wenza umsebenzi kamagazini ngaphambi kuka-May 14, qikelela ukuba uphathe amakhophi e-Kingdom News No. 34 futhi uwahambisele noma ubani ongakayitholi ikhophi. Kufanele njalo sizimisele ukuhambisa izincwadi zethu, siqaphela ukuthi abanye emkhayeni nabangane ababavakashele bangase bazifunde. (1 Thim. 6:18) Izindaba ezinhle esiziletha kwabamnene zingasindisa ukuphila kwabo.—1 Thim. 4:16.