Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/95 k. 4
  • UJehova UnguMdali Wethu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova UnguMdali Wethu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusiza Abanye Badumise UMenzi Wethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Izintshumayelo Zenkonzo Yasensimini Ezisikiselwayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ulwazi Oluvela KuNkulunkulu Luphendula Imibuzo Eminingi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngesimo Sengqondo Esiqondile
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 6/95 k. 4

UJehova UnguMdali Wethu

1 Izigidi zabantu ziyakholelwa ukuthi nguNkulunkulu owadala ukuphila. Abanye abaningi bakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo. Bese kuba nalabo abangaqiniseki ukuthi yini okufanele bayikholelwe. Incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ifanele bonke abantu abanjalo. Lencwadi ngempela ivelele ngoba inikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi ngempela iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Ngo-June, sizobe sihambisa lencwadi enhle.

2 Nansi intshumayelo elula, eqondile.

Ngemva kokubingelela umninikhaya, veza umfanekiso osekhasini 4, bese ubuza:

◼ “Kungani kufanele ufunde iBhayibheli? Ingabe liseyincwadi ewusizo osukwini lwethu? Uyakholelwa yini ukuthi iBhayibheli lingasisiza ukuba sixazulule izinkinga zethu eziningi? [Lindela impendulo.] Lencwadi inikeza izimpendulo ezivumelana ngokugcwele neBhayibheli. Ngingathanda ukuba uyithole ukuze ukwazi ukuhlolisisa bonke ubufakazi bese uzinqumela wena. Sizokushiyela yona ngomnikelo omncane ka-R3,50.”

3 Ngemva kokuzethula, ungase uthi:

◼ “Awuvumi yini ukuthi sonke sidinga isiqondiso esihlakaniphile ekuphileni ukuze siphumelele? [Lindela impendulo.] Phawula lokho iBhayibheli elikushoyo lapha kuzAga 14:12. [Funda.] Isiqondiso esingaqondile singabangela inhlekelele. Lapha kuzAga 2:6, 7 iBhayibheli libonisa ukuthi uJehova unikeza ukuhlakanipha kwangempela. [Funda.] Kunesidingo esiphuthumayo sokuba sonke siphendukele eBhayibhelini ukuze sithole ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu. Lencwadi ibonisa ukuthi iBhayibheli liwumthombo onokwethenjelwa weseluleko esinengqondo ngokuphathelene nezinkinga abantu ababhekana nazo. Ngicela uphawule lokho okushiwo lapha esigabeni 2 ekhasini 5. [Funda.] Ngingathanda ukukushiyela lencwadi ngomnikelo ka-R3,50.” Uma umninikhaya ebonisa isithakazelo, mtshele ukuthi lapho uphinda ubuya niyoxoxa ngombuzo othi, Liyini ikusasa lomuntu nomhlaba?

4 Noma, uma umninikhaya ebonakala ematasa, ungase uthi:

◼ “Cishe uzovuma ukuthi kunezinkinga eziningi isintu esibhekene nazo.” Yibe usufunda isigaba sesethulo esahlukweni 1. Ngemva kokuba umninikhaya enikeze impendulo yombuzo wokuphetha okuleso sigaba, ungase uthi: “IBhayibheli lisitshela ukuthi ngokushesha manje uNkulunkulu ngokwakhe uzoxazulula zonke izinkinga zesintu ezikhungathekisayo. Lencwadi inikeza ubufakazi obunamandla obubonisa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Ngingathanda ukuba uyithole ngomnikelo ka-R3,50.”

5 Lapho ungena endlini okubonakalayo ukuthi kunezingane kuyo, ungase uthi:

◼ “Besilokhu sixoxa nabazali emphakathini ngokuphathelene neziqondiso abazinikeza izingane zabo. Abazali abaningi bakhathazekile ngokungabibikho kwesiqondiso sokuziphatha kwezingane esinikezwa esikoleni. Ingabe ikhona inkinga oyiqaphelile kulokhu? [Lindela impendulo.] Kuyathakazelisa ukuthi iBhayibheli libonisa ukuthi kunesidingo sokuba thina nezingane zethu sithole isiqondiso esihlakaniphile. Phawula lokho okushiwo lapha kuzAga 14:12. [Funda.]” Vula ikhasi 174 lencwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu bese ufunda isigaba sokugcina kuleso sahluko. Hambisa lencwadi ngo-R3,50. Uma umninikhaya eyamukela incwadi, phakamisa umbuzo ongase uphendulwe ekuhambeleni okulandelayo.

6 Ingabe uyakulangazelela ukusiza abanye ukuba bafunde amaqiniso amangalisayo ngoMdali wethu nenjongo yakhe yothando ngendalo yakhe njengoba iseBhayibhelini? Incwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu ingakusiza ukuba ukwenze lokho. Idumisa uMdali wethu Omkhulu, iNkosi enguMbusi uJehova. Qhubeka usiza abanhliziyo ziqotho ensimini yenu ukuba bazuze esiqondisweni esihlakaniphile esiseBhayibhelini.—2 Pet. 1:19-21.

7 Lencwadi ingaba isibusiso kubantu abaqotho abaye bakhohliswa abantu abangenalo ukholo kuJehova noma eZwini lakhe. Ukwaziswa okuthembekile okuqukethwe incwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu kungabasiza abanjalo ukuba bakhule ekwaziseni uMdali wethu, osinakekela ngothando.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela