Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/96 k. 7
  • Izingxoxo Zobungane Zingafinyelela Inhliziyo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izingxoxo Zobungane Zingafinyelela Inhliziyo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingxoxo Eyakhayo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—Ukuqala Ingxoxo Ukuze Ufakaze Ngokwethukela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indlela Yokuthuthukisa Amakhono Okuxoxa
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuxoxa Nabantu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 6/96 k. 7

Izingxoxo Zobungane Zingafinyelela Inhliziyo

1 Ingxoxo ingachazwa ngokuthi “iwukudlulisela imibono ngomlomo.” Ukuqala izingxoxo zobungane ngesihloko esibathintayo abanye kungavusa isithakazelo sabo futhi kungasisiza nathi ukuba sifinyelele izinhliziyo zabo ngesigijimi soMbuso. Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi kuphumelela kakhulu ukuhilela abantu engxoxweni yobungane nekhululekile kunokubashumayeza.

2 Indlela Yokuqala Ingxoxo Yobungane: Ukukwazi kwethu ukuxoxa nabanye akusho ukuthi kufanele sihlele imiqondo nemibhalo ngobuciko obuhlaba umxhwele. Kumane nje kuhilela ukwenza omunye umuntu akhulume nathi. Ngokwesibonelo, lapho sinengxoxo yobungane nomakhelwane wethu, ayishubi kodwa iba ekhululekile. Asicabangi ngalokho esizokusho ngokulandelayo kodwa sivele nje siphendule ngokuzenzakalelayo kulokho akushoyo. Ukubonisa isithakazelo esiqotho kulokho akushoyo kungamkhuthaza ukuba aqhubeke exoxa nathi. Kufanele senze okufanayo nalapho sifakaza kwabanye.

3 Izihloko ezifana nobugebengu, izinkinga zentsha, izindaba ezisematheni zasendaweni, izimo zezwe, noma ngisho nesimo sezulu zingasetshenziselwa ukuqala izingxoxo zobungane. Izindaba ezikuthinta ngokuqondile ukuphila kwabantu ziphumelela kakhulu ekuvuseni isithakazelo sabo. Lapho nje ingxoxo isiqaliwe, kancane kancane singayishintshela esigijimini soMbuso.

4 Ukuba nengxoxo ekhululekile akusho ukuthi ukulungiselela kusengaphambili akudingekile. Kuyadingeka. Nokho, asikho isidingo sokwakha uhlaka oluhlelekile noma ukuyibamba ngekhanda intshumayelo, okungabangela ukuba ingxoxo ingashintshashintshi noma ingavumelani nezimo zangaleso sikhathi. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 9:20-23.) Indlela enhle kakhulu yokulungiselela iwukukhetha iphuzu elilodwa noma amabili angokomBhalo, ngenjongo yokwakha izingxoxo ngawo. Ukubukeza izihloko ezitholakala encwadini ethi Ukubonisana kungaba usizo kulokhu.

5 Izimfanelo Ezibalulekile Zengxoxo Yobungane: Lapho sixoxa nabanye, kufanele sifudumale futhi sibe qotho. Ukumoyizela nokwenama kuyasiza ekuboniseni lezi zimfanelo. Sinesigijimi esihle kunazo zonke emhlabeni; siyakhanga kakhulu kwabanhliziyo ziqotho. Uma bebona ukuthi isithakazelo sethu kubo sishukunyiswa isifiso esiqotho sokuhlanganyela nabo izindaba ezinhle, bangase bashukumiseleke ukuba balalele.—2 Kor. 2:17.

6 Ukuhileleka engxoxweni kufanele kube okuhlangenwe nakho okujabulisayo. Khona-ke, kufanele sibe nomusa nesu lokungacunuli lapho sinikeza isigijimi soMbuso. (Gal. 5:22; Kol. 4:6) Lwela ukushiya umuntu oxoxa naye enombono omuhle ngathi. Ngalendlela, ngisho noma singazange siphumelele ukufinyelela inhliziyo yakhe ekuqaleni, angase amamukele uFakazi oyoxoxa naye esikhathini esizayo.

7 Ukuqala ingxoxo yobungane akubangelwa ikhono lokusho ngobuciko intshumayelo eyinkimbinkimbi. Kumane nje kuyindaba yokuvusa isithakazelo ngendaba emthintayo lowo muntu. Lapho nje silungiselele kusengaphambili, siyokulungela ukuhilela abantu ezingxoxweni zobungane. Masenze umzamo wokufinyelela izinhliziyo zalabo esihlangana nabo ngokuhlanganyela nabo izindaba ezinhle kunazo zonke ezingatholakala, zezibusiso zaphakade zoMbuso.—2 Pet. 3:13.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela