Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda
1 Isimiso esisha somhlangano wesifunda esiqala ngo-September siyobe sikhuluma ngesihloko esithi “Thola Injabulo Enkulu Ngokupha.” (IzE. 20:35) Injabulo ichazwa ngokuthi “isimo sokuthokomala nokwaneliseka.” Abantu abaningi namuhla babamba noma iyiphi injabulo abangase bayithole ekuphileni, futhi lapho beyithola, ngokuvamile iba eyesikhashana. Leyo akuyona injabulo yeqiniso. Nokho, uJehova usifundisa indlela yokuzizuzisa thina phakade. (Isaya 48:17; 1 Joh. 2:17) Isimiso esisha somhlangano wesifunda sizogcizelela indlela esingazuza ngayo injabulo enkulu ngokupha ngokomoya.
2 Sizofunda izindlela ezingokoqobo esingaphana ngazo ngathi ngokwethu enkonzweni. Ezinye zezinkulumo eziyonikezwa ababonisi abajikelezayo zinesihloko esithi: “Ukuzenzela Abangane Ngengcebo Engalungile,” “Hlonipha Ilungiselelo Laphezulu ‘Lezipho Ezingabantu,’” nesithi “Thola Izici Ezihlukahlukene Zenjabulo Yeqiniso.” Labo abanesifiso sokubhapathizwa kulomhlangano kudingeka bakhulume nombonisi owengamele ukuze ahlele ukuba abadala babukeze nabo imibuzo yobhapathizo. Ukukhonza uJehova ebuhlotsheni obuhlanzekile kuyoletha injabulo enkulu kwabasanda kubhapathizwa.
3 Ukuliqaphela ngokufanele igunya likaJehova nakho kuletha injabulo yeqiniso nokulondeka. Kudingeka bonke abantu bakwazi lokhu. Yingakho-ke inkulumo yeningi emhlanganweni wesifunda iyoba nesihloko esithi “Zihlanganise Nabantu BakaNkulunkulu Abajabulayo.” Qikelela ukuba umeme bonke labo abaye babonisa isithakazelo eqinisweni ukuba beze kulenkulumo. Abazange bakuthole ukulondeka kwangempela nenjabulo ehlala njalo ngaphansi kokubusa komuntu kulelizwe, elingaphansi kwamandla kaSathane. (UmSh. 8:9) Kodwa yeka injabulo abayoyithola ngokuhlanganyela nabantu bakaJehova abajabulayo!—IHu. 144:15b.
4 Naphezu kwezimo eziya ziba zimbi kulesi simiso sezinto, labo abathola injabulo enkulu ekupheni ngokomoya ngeke neze uNkulunkulu ojabulayo abadumaze. (1 Thim. 1:11) Isimiso esisha somhlangano wesifunda siyobonisa ukuthi lokhu kuyiqiniso. Ungaphuthelwa!