Ungazindeli
1. Yini edinga isibindi futhi kungani?
1 Ingabe wake wazindela ukushumayela esikoleni ngenxa yokwesaba ukuthi uzohlekwa? Kudinga isibindi ngempela ukukhuluma, ikakhulukazi uma unamahloni. Yini engakusiza?
2. Uma kuziwa ekushumayeleni esikoleni, kuhileleke kanjani ukwahlulela kahle?
2 Yahlulela Kahle: Nakuba isikole singase sibhekwe kufanele njengensimu yakho siqu, khumbula ukuthi akulindelekile ukuba uqale ingxoxo ngezinto ezingokomoya nabo bonke njengoba bekungaba njalo lapho ushumayela endlini ngendlu. Yahlulela kahle lapho unquma ukuthi kufanele yini ukhulume. (UmSh. 3:1, 7) Indaba okuxoxwa ngayo ekilasini noma umsebenzi othile wesikole ungakunika ithuba lokuveza lokho okukholelwayo. Noma omunye umfundi angase akubuze ukuthi kungani ungahlanganyeli ezintweni ezithile. Amanye amaKristu atshela othisha bawo ekuqaleni konyaka ukuthi angoFakazi BakaJehova futhi abanike nezincwadi ezichaza izinkolelo zethu. Abanye baye bashiya izincwadi ematafuleni abo ukuze abanye abafundi bababuze imibuzo ethile.
3. Ungakulungiselela kanjani ukushumayela esikoleni?
3 Lungiselela Kahle: Uma ulungiselela, kuyakhula ukuzethemba. (1 Pet. 3:15) Ngakho zama ukucabanga kusengaphambili ngemibuzo engase iphakame, bese ucabanga ukuthi ungaphendula kanjani. (IzAga 15:28) Uma kungenzeka, lapho usesikoleni zama ukuhlala uneBhayibheli nezincwadi ezimbalwa, ezinjengethi Ukubonisana, Intsha Iyabuza, nezikhuluma ngendalo, ukuze ukwazi ukubhekisela kuzo uma kudingeka. Cela abazali bakho ukuba baprakthize nawe phakathi nokukhulekela komkhaya.
4. Kungani kufanele uqhubeke ufakaza esikoleni?
4 Lindela Okuhle: Ungavele nje uzitshele ukuthi ofunda nabo bayokuhleka njalo uma ukhuluma ngeqiniso. Cishe abanye bayokuhlonipha ngesibindi sakho futhi mhlawumbe baze bakulalele. Kodwa ungadumali uma engekho osabela kahle. UJehova uyojabula kakhulu ngokuthi uzamile. (Heb. 13:15, 16) Qhubeka umcela ukuba akusize ‘uqhubeke ukhuluma ngesibindi.’ (IzE. 4:29; 2 Thim. 1:7, 8) Cabanga nje ukuthi uyojabula kanjani uma kuba khona olalelayo. Lowo muntu angase agcine eseyisikhonzi sikaJehova!