Umbono Othuthukayo Ngomsebenzi Ophuthumayo Wokwenza Abafundi
1 Ngaphambi kokuba ahambe emhlabeni, uJesu wayala abalandeli bakhe ukuba ‘benze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ Lokhu kwakudinga ukuba babe nomkhankaso omkhulu wokushumayela nokufundisa futhi bandise umsebenzi wabo ufinyelele kuwo wonke umhlaba owakhiwe. (Math. 28:19, 20; IzE. 1:8) Ingabe lokhu kuthunywa bakubheka njengokuwumthwalo okunzima kakhulu ukuwuthwala? Kwakungenjalo ngokukamphostoli uJohane. Ngemva kokuchitha iminyaka engu-65 enza abafundi, wabhala: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo osindayo.”—1 Joh. 5:3.
2 Umlando ongokomBhalo womsebenzi wamaKristu okuqala ubonisa ukuthi afeza ukuthunywa kwawo kokwenza abafundi bakaJesu Kristu enomuzwa wokuphuthuma. (2 Thim. 4:1, 2) Lokhu awakwenzanga ngoba kungumthetho, kodwa ngenxa yesifiso sawo sothando sokudumisa uNkulunkulu nokuletha ithemba lensindiso kwabanye. (IzE. 13:47-49) Ibandla lobuKristu lakhula ngokushesha ekhulwini lokuqala ngenxa yokuthi bonke ababa abafundi kamuva nabo benza abafundi.—IzE. 5:14; 6:7; 16:5.
3 Umsebenzi Wokwenza Abafundi Uyasheshiswa: Kuleli khulu lama-20 kufezwa umsebenzi wokwenza abafundi omkhulu kunayo yonke! Kuze kube manje, izigidi zabantu ziye zamukela izindaba ezinhle futhi zenza ngokuvumelana nazo. (Luka 8:15) Njengoba lesi simiso sezinto siphelelwa yisikhathi ngokushesha, ‘isigqila esikholekile nesiqondayo’ siye sasilungiselela amathuluzi enza ukuba abantu abanhliziyo ziqotho bakwazi ukufunda iqiniso ngokushesha.—Math. 24:45.
4 Ngo-1995 sathola incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, futhi ngo-1996 yalandelwa incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngokuphathelene nencwadi Ulwazi, INqabayokulinda ka-January 15, 1996, ikhasi 14, yathi: “Lencwadi enamakhasi angu-192 ingafundwa ngesikhathi esifushane uma kuqhathaniswa, futhi ngokuyitadisha, labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade’ kufanele bakwazi ukufunda okwanele ukuba bazinikezele kuJehova futhi babhapathizwe.”—IzE. 13:48.
5 Isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1996, esithi “Indlela Yokwenza Abafundi Ngencwadi Ethi Ulwazi,” sasibekela lo mgomo: “Izahluko eziningi ningase nikwazi ukuzihlanganisa ngesikhathi esingangehora noma ngaphezudlwana, ngaphandle kokugijima kakhulu esifundweni, kuye ngezimo nekhono lomfundi. Abafundi bayothuthuka kangcono lapho umfundisi nomfundi begcina isikhathi sabo sesifundo sesonto ngalinye.” Lesi sihloko saqhubeka sithi: “Kulindeleke ukuthi lapho umuntu eseqedile ukufunda incwadi ethi Ulwazi, ubuqotho bakhe nokujula kwesithakazelo sakhe sokukhonza uNkulunkulu kuyobe sekusobala.” IBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1996 lachaza: “Kulindeleke ukuba phakathi nesikhathi esifushane, umfundisi onekhono akwazi ukusiza umfundi ovamile oqotho ukuba azuze ulwazi olwanele lokwenza isinqumo esihlakaniphile sokukhonza uJehova.”
6 Incwadi Ulwazi Inemiphumela Emihle: Lapho owesifazane othile osemusha ebhapathizwa, walandisa indlela ayezizwa ngayo ngokufunda incwadi Ulwazi. Kwase kuyisikhathi eside efunda incwadi Ungaphila Phakade. Lapho kukhululwa incwadi Ulwazi, udade owayemqhubela isifundo wamshintshela kule ncwadi entsha. Ngokushesha, lo mfundi wabona ukuthi lokhu kwakuzodinga ukuba enze isinqumo, futhi washukumiseleka ukuba athuthuke ngokushesha kusukela ngaleso sikhathi. Lona wesifazane osemusha, manje ongudadewethu, uthi: “Incwadi Ungaphila Phakade yangisiza ukuba ngithande uJehova, kodwa incwadi Ulwazi yangisiza ukuba ngenze isinqumo sokumkhonza.”
7 Cabanga ngendlela omunye wesifazane alifunda ngayo ngokushesha iqiniso. Ngemva kwesifundo sakhe sesibili, waba khona emhlanganweni eHholo LoMbuso phakathi nokuhambela kombonisi wesifunda. Ngalelo sonto, esifundweni sakhe sesithathu, watshela umbonisi wesifunda ukuthi wayesezinikezele kuJehova futhi efuna ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe. Wahlangana nabadala, abammisa njengommemezeli futhi ngesonto elilandelayo waqala enkonzweni yasensimini. Isifundo sakhe seBhayibheli wasithanda kangangokuba wathatha isikhathi sokuphumula emsebenzini ukuze afunde kabili noma kathathu ngesonto futhi achithe isikhathi esengeziwe enkonzweni. Ngezinye izikhathi, babehlanganisa izahluko ezimbili noma ezintathu ngesikhathi esisodwa. Waqala ukusebenzisa ayekufunda kuzo zonke izici zokuphila kwakhe, waqeda incwadi Ulwazi ngamasonto amane, futhi wathuthukela obhapathizweni!
8 Umyeni kadade othile uzichaza ngokuthi “wayeyindoda engakholwa ngempela.” Ngolunye usuku, umzalwane othile wasikisela ukutadisha naye iBhayibheli ngencwadi ethi Ulwazi ethi le ndoda ingazikhethela ukuyeka ngemva kwesifundo sokuqala noma nganoma isiphi isikhathi ngemva kwalokho. Le ndoda yavuma ukuthi izoke ikuzame, nakuba yayingeyena umfundi omuhle kusukela isengumfana futhi ingakaze ifunde noma iziphi izincwadi zenkolo isikhathi esiyiminyaka engaphezu kuka-20. Yasabela kanjani ngemva kokufunda incwadi Ulwazi? Yathi: “Kwangijabulisa ngempela ukuthi lensiza-kufunda yeBhayibheli yayibhalwe ngendlela elula kangaka. Indaba yayibekwe ngokucacile nangendlela enengqondo kangangokuba ngokushesha, ngase ngibheka phambili esifundweni esilandelayo ngokukhulu ukulangazela. Uthisha wami wayezisebenzisa ngobuchwepheshe izindlela zokwenza abafundi ezichazwe yiNhlangano, futhi ngosizo lomoya kaJehova, ngabhapathizwa ezinyangeni ezine kamuva. Ngingasho ngempela ukuthi uma sihlakulela uthando lokwenza abafundi, siqhubeka sifuna labo abanhliziyo ziqotho enkonzweni yasensimini, sisebenzisa incwadi Ulwazi nezinye izinsiza-kufunda zeBhayibheli ezilungiselelwa iNhlangano, futhi okubaluleke nakakhulu, sithandazela isiqondiso sikaJehova, singaba nelungelo elikhethekile lokusiza ekwenzeni abafundi.” Lokhu okungenhla kungokuhlangenwe nakho okungavamile. Abantu abaningi esifunda nabo abangeni eqinisweni ngokushesha okungako.
9 Abafundi Bathuthuka Ngesivinini Esingefani: Kufanele kuvunywe ukuthi amakhono abafundisi nabafundi beZwi likaNkulunkulu angahluka kakhulu. Ukukhula ngokomoya kungashesha noma kuhambe kancane. Abanye abafundi ngezinyanga ezimbalwa benza intuthuko ebingase yenziwe abanye ngesikhathi esijana kunaleso. Izinga lokukhula komuntu ngokomoya lithonywa isizinda sakhe semfundo, izinga azisa ngalo izinto ezingokomoya, kanye nokujula kokuzinikela kwakhe kuJehova. Akubona bonke abantu esifunda nabo ‘abanokulangazela okukhulu kakhulu kwengqondo’ kokutadisha imiBhalo nsuku zonke, njengoba kwakunjalo ngabantu basendulo baseBereya ababa amakholwa.—IzE. 17:11, 12.
10 Yingakho isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-April 1998 esithi, “Kufuneka Izifundo ZeBhayibheli Ezengeziwe,” sinikeza lesi siqondiso: “Yiqiniso, akubona bonke abafundi beBhayibheli abathuthuka ngendlela efanayo. Abanye abathambekele ezintweni ezingokomoya njengabanye futhi abazibambi ngokushesha izinto abazifundiswayo. Abanye bamatasa kakhulu futhi kungenzeka bangabi naso isikhathi esidingekayo sokuhlanganisa isahluko sonke isonto ngalinye. Ngakho, kwezinye izimo kungase kudingeke ukuba ezinye izahluko nizifunde ngaphezu kwesikhathi esisodwa futhi kuthathe izinyanga ezengeziwe ukuqeda incwadi.”
11 Abenzi Babafundi Bagcina Umbono Olinganiselayo: Kubalulekile ukubheka isivinini isifundo esiqhubeka ngaso kucatshangelwa izimo zomfundi kanye nekhono lakhe lokufunda. Njengoba sikhuthazwa ukuba siqale izifundo ngencwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, kungase kuthathe izinyanga ezimbili kuye kwezintathu ukuyiqeda ngaphambi kokuba sidlulele encwadini ethi Ulwazi. Uma sisebenzisa konke ukusikisela okwashiwo esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1996, kungase kuthathe ezinye izinyanga eziyisithupha kuya kweziyisishiyagalolunye ukuqeda incwadi Ulwazi. Abanye abamane baqala isifundo ngencwadi Ulwazi bashintshela encwajaneni engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ukuze basize umfundi awafunde ngokushesha amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo. Ngemva kwalokho-ke babuyela encwadini Ulwazi. Uma isifundo siqalwe ngencwadi Ulwazi futhi siqhubeka kahle, kungase kube yinzuzo ukufunda incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? lapho seniqedile ukufunda incwadi Ulwazi, ngaleyo ndlela nibukeza ngokushesha amaqiniso ayisisekelo eZwi likaNkulunkulu. Kunoma ikuphi, asifuni ukushiya umfundi engaziqondi kahle izinto ngoba siphuthuma ukuqeda incwadi. Umfundi ngamunye udinga isisekelo esiqinile sokholo lwakhe olusha eZwini likaNkulunkulu.
12 Ngenxa yokubona isikhathi esiphila kuso, kuphuthuma kakhulu kunanini ngaphambili ukusiza abanye ukuba bafunde iqiniso. Ngaphandle kokukuthandazela ngokuqhubekayo ukuba siqale izifundo zeBhayibheli ezintsha, masithandazele labo asebefunda nathi kakade. Ngaleyo ndlela siyokujabulela ukuqhubeka sibhapathiza abafundi abengeziwe “izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”—Math. 28:20.