IBhokisi Lemibuzo
◼ Ingabe usilungele isimo esiphuthumayo?
Ezweni lanamuhla ngokuvamile ukushayisana ‘kwesikhathi nethuba’ kwakha isimo esiphuthumayo sezokwelapha, kuhlanganise nokucindezelwa kokuba uvume ukumpontshelwa igazi. (UmSh. 9:11) Ukuze silungele leso simo, uJehova uye wasilungiselela usizo ngezindlela eziningi ngenhlangano yakhe, kodwa ulindele ukuba nathi senze ingxenye yethu. Ngezansi kunohlu lokukusiza.
• Njalo phatha ikhadi lamuva i-Advance Medical Directive/Release.
• Qikelela ukuba izingane zakho ziphethe i-Identity Card yamuva.
• Bukeza isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1993, uprakthize ukuthi ungabonisana kanjani nodokotela kanye namajaji ngokuphathelene nokwelashwa kwengane yakho.
• Bukeza izihloko eziphathelene nezakhi zegazi kanye nezinye izindlela zokwelapha ezingalisebenzisi igazi. (Nazi ezituswayo: INqabayokulinda ka-October 1, 1994, ikhasi 31; June 1, 1990, amakhasi 30-1; March 1, 1989, amakhasi 30-1; i-Phaphama! ka-December 8, 1994, amakhasi 23-7; August 8, 1993, amakhasi 22-5; November 22, 1991, ikhasi 10; nezenezelo ze-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1993 neka-June 1992. Zigcine efayelini ukuze ukwazi ukuzithola kalula.)
• Nquma ngokucophelela ukuthi ungakuvumela yini ukusetshenziswa kwemishini egcina igazi lijikeleza seliphumile emzimbeni noma ukuthi ungayamukela yini imikhiqizo enezakhi zegazi.
• Uma kungenzeka, ngaphambi kokuba uye esibhedlela, yazisa abadala ukuze bakwazi ukukusekela futhi bathinte neKomiti Yokuxhumana Nezibhedlela (HLC) uma kudingeka. Uma kuhilela ingane yakho, cela abadala ukuba basheshe bathintane ne-HLC.
Kwenze Kucace Ukuthi Awulifuni Igazi: Eminye imibiko ibonisa ukuthi abazalwane nodade balinda kuze kube umzuzu wokugcina ngaphambi kokuba batshele odokotela ababelaphayo ukuthi abalifuni igazi. Lokhu akubonisi ukuzicabangela izisebenzi zezokwelapha futhi kukubeka engcupheni yokumpontshelwa igazi. Uma odokotela bazi ukuthi izinkolelo zakho nezifiso zakho zisekelwa amaphepha owasayinile anikeza iziqondiso zakho ngokuqondile, kuyabasiza ukuba bakwelaphe kungakephuzi futhi ngokuvamile kubenza bacabange ngezinye izindlela zokwelapha ezingalisebenzisi igazi.
Njengoba isimo sezokwelapha esiphuthumayo singaphakama noma nini, ngokuvamile ngesikhathi obungasicabangi, thatha izinyathelo manje ezizovikela wena nezingane zakho ekumpontshelweni igazi.—IzAga 16:20; 22:3.