Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/01 kk. 1-7
  • Masidumise UJehova NeNdodana Yakhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Masidumise UJehova NeNdodana Yakhe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Dumisa UJehova—Ngani Futhi Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Nikeza Udumo Kulowo Olumfanele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Dumisa Abantu Bazo Zonke Izinhlobo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Bonisa Abanye Udumo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 3/01 kk. 1-7

Masidumise UJehova NeNdodana Yakhe

Indlela Bonke Abayoba Khona ESikhumbuzweni Ngo-April 8 Abangazuza Ngayo Ngokugcwele

1 Ngobani namuhla abanikezwa udumo olukhethekile? Yilabo abafeza imisebenzi izwe eliyibheka njengebalulekile. Nokho, ngokuvamile abantu bayashesha ukuyikhohlwa imisebenzi yalabo bantu. Kodwa kuthiwani ngemisebenzi esizuzisa ngempela isintu? Sizobhekisisa omkhulu kunayo yonke kule misebenzi lapho sigubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngemva kokushona kwelanga ngo-April 8, 2001.

2 Ubani ofanelwe udumo olukhulu? IBhayibheli liyaphendula: “Uyakufanelekela, Jehova, . . . ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto.” (IsAm. 4:11) NjengoMdali, uJehova uyiNkosi EnguMbusi wendawo yonke. Ukufanelekela kwakhe udumo akusoze kwaphela!—1 Thim. 1:17.

3 UJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, wenza imisebenzi efanelekayo eyolethela isintu izibusiso ezingapheli. Wamlingisa ngokuphelele uYise. (Joh. 5:19) Ukulalela kwakhe okungenaphutha nenkonzo yokwethembeka kwamenza ‘wakufanelekela ukwamukela amandla nengcebo nokuhlakanipha nezikhwepha nodumo nenkazimulo nesibusiso.’ (IsAm. 5:12) UYise wamdumisa ngokuba ambeke esihlalweni sobukhosi njengeNkosi. (IHu. 2:6-8) Thina-ke, sizoba nethuba lokudumisa uYise neNdodana njengoba sigubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngo-April 8, 2001.

4 Ngokudabukisayo, bambalwa emlandweni wesintu abaye banikeza uJehova neNdodana yakhe udumo olubafanele. Ngezinye izikhathi, ngisho nabantu bakaNkulunkulu basendulo, ama-Israyeli, babenikela inkonzo yokugcina icala kuJehova. Lokhu kwakuwukungahloniphi okusobala. (Mal. 1:6) Inhlonipho efanele isho ukulalela okuqotho okusekelwe othandweni nasekwaziseni konke lokho uJehova neNdodana yakhe abasenzele kona. Ukubanika udumo nenhlonipho enjalo kusho ukuthi sibonisa ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu, kusho ukuqaphela uJehova noJesu kukho konke esikwenzayo. Ibandla lobuKristu lizama ukufundisa nokusiza abanye ukuba benze okufanayo.

5 Isenzakalo Esikhethekile Sokubonisa Udumo: Umkhosi weSikhumbuzo ungumhlangano wabantu bakaJehova ophawuleka kunayo yonke unyaka ngamunye. Wonke umuntu onesifiso sokukhonza nokudumisa uJehova kufanele abe khona. (Luka 22:19) Ngaphezu koFakazi abayizigidi eziyisithupha, silindele ukuba abathakazelayo bandise inani labayoba khona lidlulele ngalé kwezigidi ezingu-14. Yeka ithuba elihle lokudumisa uBaba wethu osezulwini! Nakuba lo mkhosi ugxile kuJesu, udumo nenhlonipho eboniswayo ngalokho akufeza ikhazimulisa uYise, owamthumela.—Joh. 5:23.

6 Yini esingayenza ukuze sisekele lesi senzakalo esikhethekile? Singasiza abathakazelayo ukuba bazuze ngokugcwele. Banxuse ukuba babe khona, futhi lapho kudingekile, bazise ukuthi ungathanda ukubasiza ukuze bakwazi ukuya lapho. Chaza injongo yenkulumo. Bethule kwabanye. Abakubonayo nabakuzwayo kungase kubashukumisele ukuba bafune ukuhlanganyela nathi ekudumiseni uJehova.

7 Ungalithathi kancane ithonya lesimiso. Umfundi waseyunivesithi wathi: “Sengike ngaya eMiseni izikhathi eziningi esontweni lakithi, kodwa lokhu kuhluke ngokuphelele. Ngiyabona ukuthi lokhu kufana nsé nalokho iBhayibheli elikushoyo, futhi ngicabanga ukuthi nineqiniso.” Waqala ukuba khona njalo emihlanganweni futhi ngokushesha wabhapathizwa.

8 Siza Abasanda Kuhlanganyela Ukuba Bathuthuke: Phawula abaqalayo ukuba khona eSikhumbuzweni futhi ubavakashele ngokushesha kamuva ukuze ubukeze nabo izinto eziqabulayo abazifundile nabaziphawulile. Bazise nangeminye imihlangano, lapho benganezela khona ulwazi lwabo lweBhayibheli. Ukubukeza isahluko 17 sencwadi Ulwazi esithi, “Thola Ukulondeka Phakathi Kwabantu BakaNkulunkulu,” kuzobabonisa amalungiselelo angokwasezulwini amaningi atholakala ebandleni, abangawathola kalula. Hlela ukuba babukele i-video ethi Our Whole Association of Brothers ukuze bazibonele ngawabo ubunye, injabulo nentshiseko yabantu bakaJehova!

9 Kubalulekile ukuba abathakazelayo bafunde ukuthi bangambonisa kanjani uJehova udumo nenhlonipho. Chaza ukuthi umthandazo osuka enhliziyweni uyamjabulisa uJehova futhi uwumthombo oqhubekayo wokuqabuleka okungokomoya. (1 Joh. 5:14) Usebenzisa isifundo 8 kuya ku-12 encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, chaza uhlobo lokuziphatha oludumisa uJehova. Ngokuxoxa ngalokho okushiwo encwajaneni ethi OFakazi Benza Intando KaNkulunkulu, amakhasi 30-1, khuthaza abasanda kuhlanganyela ukuba bacabange ngokudumisa uJehova ngokuba bahlanganyele mathupha emsebenzini wokushumayela.

10 Ukwazisa umhlatshelo kaJesu nelungelo lethu lokukhonza njengabafundi bakhe kuyamdumisa uBaba futhi kulethela abanye izibusiso. UJesu wathembisa: “Uma noma ubani eyongikhonza, uBaba uyomdumisa.”—Joh. 12:26.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela