Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/01 k. 1
  • “KuNkulunkulu Kungenzeka Konke”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “KuNkulunkulu Kungenzeka Konke”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Akunakwenzeka!”—Kusho Ukuthini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • ‘Lezi Zindaba Ezinhle Ziyoshunyayelwa’!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Ingabe Kufezwa Ngamandla Omuntu? Noma Ngomoya KaNkulunkulu?
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Lingisa UJesu Ngokushumayela Ngentshiseko
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 4/01 k. 1

“KuNkulunkulu Kungenzeka Konke”

1 Umsebenzi oyinhloko webandla lobuKristu ukushumayela isigijimi soMbuso emhlabeni wonke. (Math. 24:14) Lowo umsebenzi omkhulu. Kwabaningi ababukele, ubonakala udinga okungaphezu kwalokho esinakho. Kwabanye, ukufeza lesi sabelo kucishe kungaqondakali ngoba siyahlekwa, siphikiswe futhi sishushiswe. (Math. 24:9; 2 Thim. 3:12) Abangakholwa bayaqiniseka ukuthi lo msebenzi uyinto engenakufezeka. Nokho, uJesu wathi: “KuNkulunkulu kungenzeka konke.”—Math. 19:26.

2 Izibonelo Ezinhle Zokulingiswa: UJesu waqala inkonzo yakhe eyedwa ebhekene nomhlaba wonke. Ukuze bazame ukumenza angaphumeleli, abaphikisi bamhlambalaza ngazo zonke izindlela ongase uzicabange, ekugcineni bambulala kabuhlungu. Nokho, ekugcineni, uJesu wamemezela ngesibindi: “Mina ngilinqobile izwe.” (Joh. 16:33) Wayefeze umsebenzi omangalisayo!

3 Abafundi bakaJesu babonisa umoya ofanayo wesibindi nentshiseko enkonzweni yobuKristu. Abaningi babhaxabulwa, bashaywa, bafakwa etilongweni baze babulawa nokubulawa. Noma kunjalo, ‘babejabula ngoba bebalwe njengabakufanelekele ukuhlaziswa ngenxa yegama lakhe.’ (IzE. 5:41) Nakuba izinto zazibamele kabi, bafeza umsebenzi owawubonakala ungenakwenzeka wokushumayela izindaba ezinhle “nasezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.”—IzE. 1:8; Kol. 1:23.

4 Indlela Yokuphumelela Osukwini Lwethu: Nathi siye sawamukela ngentshiseko umsebenzi wokushumayela ngoMbuso lapho sibhekene nezimo ezibonakala zingenakunqobeka. Naphezu kokuvinjelwa, ukushushiswa, ukugqunywa ejele neminye imizamo yokusiyekisa, siyaphumelela. Kwenzeka kanjani? “‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.” (Zak. 4:6) Njengoba uJehova esisekela, akukho okuyomisa umsebenzi wethu!—Roma 8:31.

5 Lapho sishumayela, asinasizathu sokuba namahloni noma sokwesaba noma sokuzizwa singafaneleki. (2 Kor. 2:16, 17) Sinezizathu ezinamandla zokuqhubekela phambili sisakaza izindaba ezinhle zoMbuso. Ngosizo lukaJehova, siyofeza “izinto ezingenakwenzeka”!—Luka 18:27.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela