Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/01 k. 4
  • Kuhleleke “Ngokufaneleyo Nangohlelo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuhleleke “Ngokufaneleyo Nangohlelo”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMhlangano Wesigodi WoFakazi BakaJehova Ka-2006 Onesihloko Esithi “Ukukhululwa Kuseduze!”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • “Zonke Izindaba Zenu Mazenzeke Ngothando”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Yiba Yisibonelo Emisebenzini Emihle
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Izinsuku Ezintathu Zokuqabuleka Okungokomoya
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 10/01 k. 4

Kuhleleke “Ngokufaneleyo Nangohlelo”

1 Ukuze umhlangano wesigodi ube yimpumelelo, kufanele kuhlangane imizamo eminingi. Abaphathi bomhlangano balungiselela indawo yomhlangano ekahle namalungiselelo ezindawo zokulala. Abantu ngabanye namaqembu emikhaya bahlela okokuhamba nezindawo zokulala. Kanti amabandla ahlela izisebenzi zokuzithandela ukuba zisebenze eminyangweni eminingi edingekayo ukuze kuqhutshwe umhlangano. Umgomo uwukuba “zonke izinto zenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.”—1 Kor. 14:40.

2 Njengoba nawe usebenzisana nalabo abahlela umhlangano, khumbula ukuthi kudingeka ukulungiselela okuthatha izinyanga—ngezinye izikhathi iminyaka. Amakhulu abazalwane achitha isikhathi eside ehlela izinto. Lokhu kuhlanganisa ukuqasha izinkundla, ukuthola imishini nokunye okudingekayo nokufuna izisebenzi. La malungiselelo enziwa kusengaphambili aphumela ezibusisweni ezingokomoya kubo bonke. Yini esingayenza ukuze sisize?

3 Sekela Amalungiselelo Ezindawo Zokulala: Kubalulekile ukuba sonke siwasekele amalungiselelo omhlangano. Lokhu kudingekile ikakhulukazi lapho kuhlelwa izindawo zethu zokulala. Kudingeka amakhulu ezindlu zokulala emhlanganweni ngamunye. Iningi labazalwane bethu alimile kahle ngokwezimali, ngakho linethemba lokuthola izindlu zokulala ezingambi eqolo. Ngakho sinxusa abafowethu abahlala emadolobheni omhlangano ukuba bavule imizi yabo bayivulele izihambeli zomhlangano ezisuka ngaphandle kwedolobha lomhlangano. Kufanele sicabangele izidingo zabanye ngothando ‘sinakekela, hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zethu kuphela, kodwa futhi sinakekela ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.’—Fil. 2:4.

4 Ukunamathela kwethu eziqondisweni zomhlangano zokuthola izindlu zokulala kuzuzisa bonke abathintekile. Ukungazinaki lezi ziqondiso kubangela izinkinga ezingadingekile. Kanjani? Lapho sibambisana nalokhu kusikisela, abaphathi bamahhotela nezinye izindawo zokulala bayokwazi kusengaphambili ukuthi bayokwamukela izivakashi ezingaki. Lokhu kuyobasiza ekuhleleni kwabo. Uma abaningi bethu bengasayi lapho bebhalise khona noma benza amanye amalungiselelo, lokhu kuyabaphazamisa abaphathi kanye nabafowethu nodade okungenzeka bebezifuna lezo zindawo ezifanayo. Yeka ukuthi kuhle kanjani uma sinamathela ezwini lethu ‘uYebo wethu abe nguYebo’!—Math. 5:37.

5 Cabangela Le Miphumela Emihle: Ngemva komunye umhlangano omunye umphathi wendawo yamakharaveni waphawula: “Ngiye ngaphawula ukuthi oFakazi BakaJehova bathembeke kakhulu kukho konke abakwenzayo. Ngesonto eliphelile benginabangu-40 endaweni yami, futhi abazange bahluphe nakancane. Ngokuphambene, yibo kuphela abezayo bakutshele uma benomuntu ongaphezu kwenani abalibhalisile okanye nabo ekharavenini yabo. Ngokwami, bangamakhasimende ahamba phambili.” Yeka ukuthi bekungaba kuhle kanjani uma bonke abasiqashisela izindawo bebengahlangabezana nokufanayo! Yeka ukuthi lokho kunganikeza ubufakazi obuhle kanjani!

6 Umphathi woxhaxha lwamahhotela wake wathi: “Angikhumbuli nakanye ngiba neqembu elikhulu kangaka elilandela izinkolelo zalo kangaka njengoFakazi BakaJehova. Siyethemba ukuthi niyobuya.” La mazwi abonisa ukuthi ukuziphatha okuhle akuqabuli nje kithina kodwa futhi nakwabaningi ezweni abasibhekile.

7 Izindlela Eziyisisekelo Esingabambisana Ngazo: Kunezinto ezilula esingazenza ukuze sibambisane nelungiselelo lomhlangano lokuthola izindawo zokulala. (1) Ungabhaliseli amakamelo angaphezu kwalawo ohlela ukuwasebenzisa. (2) Thumela isibambiso esanele sokubekisa ikamelo. (3) Ningawasebenzisi kabi amalungiselelo okudla kwasekuseni okungase kunikezwe izivakashi. (4) Khumbula ukuthi abanikazi balezi zindawo balindele ukuba sihambisane nemithetho yabo.

8 Njengezinceku zikaJehova uNkulunkulu, sinethuba lokubonisa ubuntu bakhe kukho konke esikwenzayo. Lokhu kuhlanganisa ukwenza amalungiselelo omhlangano nawokuba khona emhlanganweni lapho kuhileleke khona igama likaNkulunkulu. Khumbula, “unguNkulunkulu wokuthula hhayi wesiyaluyalu.” (1 Kor. 14:33) Ngakho, masizimisele ukuba bonke ababukelayo bayiqonde le mfanelo kaJehova ngalokho abakubona kithi—ukuziphatha nesimilo sethu njengoba sihlelela uMhlangano Wesigodi ‘Wabafundisi Bezwi LikaNkulunkulu.’ Kwangathi bonke ababukele abanhliziyo ziqotho bangaqaphela ukuthi izixuku ezihlanganiswe uJehova zihleleke “ngokufaneleyo nangohlelo.”—IHu. 68:26.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela