Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/01 k. 8
  • Ongase Ukusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongase Ukusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 12/01 k. 8

Ongase Ukusho Ngomagazini

INqabayokulinda Dec. 15

“Ngalesi sikhathi sonyaka, abantu abaningi bacabanga ngoJesu Kristu, kungakhathaliseki ukuthi bayakholelwa kuye noma cha. Abanye bathi wayengeyena umuntu ongokoqobo. Wena ubona kanjani? [Ngemva kwempendulo, funda uMathewu 16:15, 16.] Ngiyaqiniseka ukuthi uzokujabulela ukufunda lesi sihloko esithi ‘UJesu Ongokoqobo’ ukuze ubone indlela akuthinta ngayo namuhla nayokuthinta ngayo esikhathini esizayo.”

Phaphama! Dec. 22

“Awuvumi yini ukuthi ukuze ukuphila kulondeke, bekungadingeka sibe nomthombo wokudla ophephile nonokwethenjelwa? [Mvumele aphendule.] Phawula ukuthi uNkulunkulu wabathembisani abantu bakhe emuva lé ezikhathini zeBhayibheli. [Funda uLevitikusi 26:4, 5.] I-Phaphama! ikhulumela ukukhathazeka okukhona namuhla ngokudla kwethu. Iphinde ibhekisele esikhathini lapho uNkulunkulu eyosinikeza khona ukulondeka emhlabeni wonke.”

INqabayokulinda Jan. 1

“Ingabe uyazibuza ukuthi kungani abanye abantu bebonakala bephila ngokunethezeka kuyilapho abanye bezabalaza kanzima ukuze baphile? Kukhona okushiwo yiBhayibheli ngalokhu. [Funda uJobe 34:19.] Kulo magazini kuyachazwa ukuthi uNkulunkulu uhlose ukukuqeda kanjani ukuhlukana ngezigaba.”

Phaphama! Jan. 8

“Sonke siyazi ngale nhlekelele edabukisayo enyakazise umhlaba. Kusukela ngaleso sikhathi abantu baye bayidinga kakhulu induduzo nosizo. Phakathi kokunye, lesi sihloko sichaza lokho oFakazi BakaJehova abaye bakwenza ukuze basize abasindile, izisebenzi zosizo oluphuthumayo kanye nabashonelwe.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela