Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Dec. 15
“Ngenkathi yamaholidi, abaningi bazama ukubonisa umusa nobubele. Ingabe ucabanga ukuthi izwe belingaba indawo engcono ukube abantu bebebonisa ububele unyaka wonke? [Lindela impendulo, bese ufunda eyoku-1 Petru 3:8.] Lo magazini uchaza ukubaluleka kobubele nezindlela ezithile ezingokoqobo esingabubonisa ngazo.”
Phaphama! Dec.
“Ingabe ucabanga ukuthi abathandekayo bethu abafileyo bayophinde baphile? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lithi kunendlela yokuphuma ekufeni. [Funda iHubo 68:20.] Lo magazini ubonisa ukuthi kungani kungafanele sesabe ukuthi ukufa kuwukuphela.”
INqabayokulinda Jan. 1
“Abantu abaningi bathandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze. Ngokwesibonelo, phawula lo mthandazo odumile uJesu awufundisa abalandeli bakhe. [Funda uMathewu 6:9, 10.] Wake wazibuza yini ukuthi uyini lo Mbuso nokuthi uyofika nini? [Lindela impendulo.] Lo magazini ubonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba.”
Phaphama! Jan.
“Phakathi nawo wonke umlando abesifazane baye bacwaswa futhi baphathwa ngobudlova. Ucabanga ukuthi kubangelwa yini lokho? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi iBhayibheli liyala amadoda ukuba abaphathe kanjani omkawo. [Funda eyoku-1 Petru 3:7.] Lo magazini ubonisa indlela uNkulunkulu noKristu abababheka ngayo abesifazane, ngokwalokho okuchazwa iBhayibheli.”