Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Dec. 15
“Ngalesi sikhathi sonyaka, abantu emhlabeni jikelele bakhumbula ukuzalwa kukaJesu ngezindlela eziningi ezahlukahlukene. Uthi bewazi nje ukuthi iziprofetho zeBhayibheli zihlanganisa ukuzalwa kukaJesu nokuthula okuhlala njalo? [Lindela impendulo, bese ufunda u-Isaya 9:6, 7.] Lo magazini uchaza indlela okuyofinyelelwa ngayo lokhu kuthula.”
INqabayokulinda Jan. 1
“Izinkolo eziningi zifundisa ukuthi abantu kufanele bathande omakhelwane babo. [Funda uMathewu 22:39.] Khona-ke, ucabanga ukuthi kungani izimpi nezingxabano eziningi kangaka emhlabeni zihilela inkolo? [Lindela impendulo.] Le Nqabayokulinda idingida umbuzo othi, Inkolo ingasenza yini isintu sibe munye?”
Phaphama! Jan. 8
“Ubungawuphendula kanjani lo mbuzo? [Funda umbuzo esembozweni, bese ulindela impendulo.] Umcebo womhlaba uncipha ngezinga elithusayo. Nokho, phawula lesi sithembiso esiqinisekisayo. [Funda iHubo 104:5.] Le Phaphama! ichaza indlela le planethi yethu eyovuselelwa ngayo ngokuphelele, futhi ngokushesha.”
“Uphawulile yini ukuthi umphakathi ubonakala ugcizelela kakhulu indlela abantu ababukeka ngayo? [Lindela impendulo.] Lo magazini uxoxa ngezinye zezingozi zokukhathazeka kakhulu ngobuhle. Ubuye ugcizelele uhlobo lobuhle obubaluleke kunabo bonke.” Funda eyoku-1 Petru 3:3, 4.