Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Dec. 15
“Phakathi nalesi sikhathi sonyaka, abantu abaningi bacabanga ngalokho okwamenyezelwa izingelosi ngokuzalwa kukaJesu. [Funda uLuka 2:14.] Ucabanga ukuthi kuyoke kube khona ngempela ukuthula emhlabeni? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngendlela uJesu azoletha ngayo ukuthula kwangempela emhlabeni maduze.”
Phaphama! Dec.
“Kunemibono engokwenkolo engqubuzanayo maqondana nokuphuza utshwala. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngendlela obuphuzwa ngayo? [Lindela impendulo.] Nakuba isimangaliso sikaJesu sokuqala kwaba ukuphendula amanzi abe iwayini, iBhayibheli libuye linikeze lesi sixwayiso. [Funda izAga 20:1.] Lesi sihloko sichaza umbono weBhayibheli olinganiselayo ngale ndaba.” Mbonise isihloko esiqala ekhasini 18.
INqabayokulinda Jan. 1
“Ucabanga ukuthi impumelelo yomuntu ingalinganiswa ngengcebo anayo? [Lindela impendulo, bese ufunda eyoku-1 Thimothewu 6:9, 10.] Nakuba iBhayibheli lingayilahli imali, liyabonisa ukuthi impumelelo yangempela ayixhomekile engcebweni. Lo magazini uchaza lokho.”
Phaphama! Jan.
“Ucabanga ukuthi siyoke sikubone lokhu kwenzeka ngempela? [Funda u-Isaya 33:24, bese ulindela impendulo.] Lo magazini uchaza lokho okufezwa isayensi yezokwelapha nendlela esiyogcwaliseka ngayo isithembiso seBhayibheli.”