Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/02 kk. 3-4
  • ‘Ceba Emisebenzini Emihle’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Ceba Emisebenzini Emihle’
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Shumayela Izwi LikaNkulunkulu Ngokugcwele’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Shisekela Okuhle!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • ‘Nikeza Ubufakazi Obuphelele Ngezindaba Ezinhle’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • ‘Yenza Okuhle Kubo Bonke’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 3/02 kk. 3-4

‘Ceba Emisebenzini Emihle’

1 Eminyakeni yokugcina yenkonzo yakhe yentshiseko, umphostoli uPawulu wayesebenzelana eduze noThimothewu noThithu. Walobela ngamunye wabo amazwi esikhuthazo acishe afane. Watshela uThithu ukuthi “labo asebeye bakholelwa kuNkulunkulu” kufanele “bagcine izingqondo zabo zisekulondolozeni imisebenzi emihle.” (Thithu 3:8) Watshela uThimothewu ukuthi labo abathembela kuNkulunkulu kufanele “bacebe emisebenzini emihle.” (1 Thim. 6:17, 18) Yiseluleko esihle lesi kithi sonke! Kodwa yini eyosishukumisela ukuba senze imisebenzi emihle ekuphileni kwethu? Futhi yimiphi imisebenzi eqondile esingayenza ezinsukwini ezingaphambili?

2 Okusishukumisela ukuba sicebe emisebenzini elungile ukukholelwa kwethu kuJehova nothando ngaye kanye nethemba elimangalisayo asinike lona. (1 Thim. 6:19; Thithu 2:11) Ikakhulukazi kulesi sikhathi sonyaka, sikhunjuzwa ukuthi uJehova wathumela iNdodana yakhe emhlabeni ukuze uJesu alwele uYise futhi alungiselele indlela eya ekuphileni kubo bonke abantu abafanelekayo. (Math. 20:28; Joh. 3:16) Lokhu kuyocaciswa kahle emkhosini weSikhumbuzo sokufa kukaKristu ngo-March 28. Ingabe asishukunyiselwa yini ukuba senze konke esingakwenza ukuze ‘sicebe emisebenzini emihle’ sibonga leli themba esinalo lokuzuza ukuphila okuphakade? Akungatshazwa! Yimiphi imisebenzi esingayenza manje?

3 Imisebenzi Emihle Engenziwa Ngo-March Nangemva Kwalokho: Akungabazeki ukuthi sizoba khona eSikhumbuzweni—isenzakalo esibaluleke kakhulu onyakeni koFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. (Luka 22:19) Kodwa sifuna ukuhlanganyela injabulo yaleso senzakalo nabaningi ngangokunokwenzeka. Bheka umbiko wenkonzo kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1, 2002, uyobona ukuthi ngonyaka odlule emazweni amaningi kuwo wonke umhlaba, inani lababekhona eSikhumbuzweni laliliphinde kathathu, kane, kahlanu nangaphezulu inani labamemezeli. Ngokuqinisekile kwadingeka umzamo wenkuthalo kubo bonke emabandleni ukuhambisa izimemo zeSikhumbuzo kakhulu kuyo yonke insimu yabo. Ngakho-ke, sifuna ukusebenzisa isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka kusukela manje kuze kube ngo-March 28, simemela abantu eSikhumbuzweni, sibasiza ukuba bafunde ngethemba lensindiso.

4 Ngo-April, isimo sezulu sisuke sisesihle. Singasisebenzisa kanjani kahle ukuze ‘sicebe emisebenzini emihle’? Ngokuqhubeka sihlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle, ‘sishisekela imisebenzi emihle.’ (Thithu 2:14; Math. 24:14) Uma ungakwazanga ukuphayona ngo-March, ungakwazi yini ngo-April noma ngo-May noma ngazo zombili lezi zinyanga? Uma uphayona manje ngo-March, ungakwazi yini ukuqhubeka?

5 Abanye abasebenzayo bathola ukuthi bangasebenzisa ihora elilodwa nangaphezulu enkonzweni lapho beya emsebenzini, ngokufakaza emgwaqweni noma ngokushumayela kulabo abasebenza ezindaweni zamabhizinisi ezisheshe zivule ekuseni. Abanye bahlela ukuhlephula ingxenye yesikhathi sabo sekhefu lasemini ukuze bafakaze. Abanye baye bathola ukuthi bayakwazi ukuqhuba isifundo seBhayibheli phakathi naleso sikhathi nomuntu abasebenza naye. Odade abaningi abangasebenzi baye bakwazi ukubekela eceleni isikhathi senkonzo yasensimini ngesikhathi izingane zabo zisesesikoleni. Ngokuvuka kusesekuseni kancane ngezinye izinsuku ukuze banakekele imisebenzi yabo yasekhaya, baba nesikhathi esengeziwe emini somsebenzi wokushumayela nokufundisa.—Efe. 5:15, 16.

6 Ngisho noma isimo sakho singakuvumeli ukuba ube iphayona elisizayo, mhlawumbe ungase uzihlelele esakho isimiso esiyokwenza ube nengxenye ethé xaxa enkonzweni, wenze konke ongakwenza ‘ekusebenzeleni okuhle, ucebe emisebenzini emihle, ube nesandla esivulekile, ulungele ukwabelana’ iqiniso nabanye.—1 Thim. 6:18.

7 Khumbula Umsebenzi Omuhle Wokwenza Abafundi: Unyaka ngamunye kunabathakazelayo abeza eSikhumbuzweni. Kungenzeka yini ukuba abanye ebandleni banake labo ababa khona kodwa njengamanje abangenaso isifundo? Kungaphindelwa yini kubo ngombono wokubasiza ukuba bathuthuke ngokomoya? Kungenzeka ukuthi abanye balaba ababa khona eSikhumbuzweni bayizihlobo zoFakazi. Abanye kungenzeka bangabantu abake bafundelwa ngaphambili okungenzeka ukuthi manje badinga nje ukukhuthazwa kancane ukuba bavuselele isifundo sabo futhi babe khona emihlanganweni yebandla njalo. Yeka ukuthi kuyosilethela injabulo engakanani ukubabona beba izinceku ezikhuthele zikaJehova kanye nathi!

8 Uma sandisa ingxenye yethu enkonzweni ngo-March nangemva kwalokho, cishe siyothola abantu abengeziwe abathakazelayo esingaphindela kubo. Zama ukubashiya nombuzo. Yibe usuthembisa ukuwuphendula ekuhambeleni okulandelayo. Uma senza kanjalo, sivula indlela yempindelo. Uma sishesha ukuphindela, kuba ngcono kakhulu. Uma singakwazanga ukuqala isifundo ekuhambeleni kokuqala, sifuna ukuzama ukusiqala lapho nje siphindela kubo uma kunokwenzeka.

9 Lapho sisemsebenzini wokufakaza emgwaqweni, kufanele siphaphamele ukuqala izingxoxo nabantu. Abamemezeli abaningi baye banikezwa amagama, amakheli nezinombolo zocingo ngabantu abathakazelayo abaye bahlangana nabo lapho befakaza emgwaqweni. Uma umuntu oxoxa naye engahlali ensimini yakini, thola ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43) eHholo LoMbuso, ligcwalise, ulinikeze unobhala webandla, oyolidlulisela ebandleni lensimu lo muntu ahlala kuyo. Uma unobhala engeke akwazi ukwenza kanjalo, uyolidlulisela ehhovisi legatsha ukuze linakekelwe khona. Ngale ndlela isithakazelo singahlakulelwa.

10 Uma kutholakala inombolo yocingo kodwa ikheli lingekho, khona-ke yenza impindelo ngokushayela lowo muntu ucingo. Lungiselela kusengaphambili lokho ofuna nixoxe ngakho. Incwadi yakho Ukubonisana mayibe seduze ukuze ukwazi ukubhekisela kuyo ngokushesha. Abanye bayaphumelela ngokufundela abantu ngocingo, kuhlanganise nalabo okwakunzima ukubathola emakhaya. Omunye udade waqala ukucela izinombolo zocingo kwabesifazane abathakazelayo abathola enkonzweni yendlu ngendlu, ngenxa yalokho wakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli ezimbili.

11 Bambisana Nabadala Ekusizeni Abapholile: Abadala banesithakazelo esikhulu sokubanaka ngothando laba. Abaningana kubo, kakade baye bakwazi ukuzisukumela ngokwabo baqala ukuba khona emihlanganweni yebandla. Bayasiqaphela isidingo sokuba seduze nenhlangano kaJehova ukuze bathole ukulondeka okungokomoya okuchazwe kumaHubo 91. Abanye babo manje sebekulungele ukuphinde bahlanganyele enkonzweni yasensimini. Uma abanye abapholile beba khona eSikhumbuzweni kule nyanga, bangase bakujabulele ukuba nesabo isifundo seBhayibheli. Uma kuba njalo, abadala bayohlela ukuba othile afunde nalabo abafuna usizo. Uma ucelwa ukuba usize ngale ndlela, bayokwazisa kakhulu ukubambisana kwakho nabo.—Roma 15:1, 2.

12 Qhubeka ‘Ulondoloza Imisebenzi Emihle’: Abaningi abaye bahlanganyela enkonzweni yamaphayona asizayo inyanga eyodwa noma ngaphezulu baye bathola ukuthi umsebenzi wabo wasensimini uye wanda ezinyangeni ezilandelayo. Baye bahlangana nabantu abathakazelayo ababa nomuzwa wokuthi kumelwe baphindele kubo. Lokhu kuye kwabashukumisela ukuba benze umzamo owengeziwe wokuya kaningi ensimini ukuze babuyele kulaba bantu abathakazelayo. Abanye baye baqala izifundo, okuye kwabasiza ukuba babe nengxenye ethé xaxa nakakhulu enkonzweni.

13 Kanti abanye bathola injabulo enkulu ekwenzeni okwengeziwe emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi kangangokuba baye bashukunyiselwa ukuba bahlaziye kahle izinto eziza kuqala kubo. Ngenxa yalokho abanye baye bakwazi ukunciphisa umsebenzi wokuziphilisa, baba amaphayona asizayo aqhubekayo. Abanye baye bakwazi ukungenela inkonzo yamaphayona avamile. Baye bakwazi ukubeka ithemba labo ngokugcwele nakakhulu kuNkulunkulu hhayi ezintweni ezinikezwa yileli zwe. Baye bathola ukuthi ukuba ‘nesandla esivulekile, ukulungela ukwabelana izinto nabanye,’ kwabalethela izibusiso ezicebile ezivela kuJehova, kwaqinisa nethemba labo lokujabulela ‘ukuphila okuyikho.’ (1 Thim. 6:18, 19) Yebo, njengoba abaningi bengenela inkonzo yamaphayona, kuzuza ibandla lonke. Amaphayona athambekele ekuxoxeni ngokuhlangenwe nakho kwawo ameme nabanye ukuba bahlanganyele nawo enkonzweni, futhi lokhu kuphakamisa izinga elingokomoya ebandleni.

14 Kwangathi sonke ‘singaceba emisebenzini emihle’ phakathi nale nkathi yeSikhumbuzo nangemva kwayo ngokwandisa ingxenye yethu enkonzweni yobuKristu. Masibonise ukwazisa kwethu ngalokho uJehova asenzele khona ngokusinika ithemba lokuphila phakade emhlabeni omusha wokulunga.—2 Pet. 3:13.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela