Gwema Ukuphishekela “Izinto Ezingasizi Ngalutho”
1 Enye indlela yokukhulumisana ethandwayo namuhla yi-E-mail. Nakuba ukwabelana nomkhaya nabangane okuhlangenwe nakho komuntu siqu namaphuzu athile ngokusebenzisa le ndlela kungase kufaneleke, yiziphi “izinto ezingasizi ngalutho” ezingase zihlanganiswe nokusebenzisa i-E-mail ngokungazithibi?—IzAga 12:11, NW.
2 Izixwayiso Nge-E-Mail: Abanye bathi bazizwa besondelene kakhulu nenhlangano kaJehova lapho bethola lokho abakubheka njengezindaba ezintsha nge-E-Mail. Lokhu kungase kuhlanganise okuhlangenwe nakho, amaphuzu ngezenzakalo zaseBethel, imibiko ngezinhlekelele noma ngoshushiso, ngisho nezindaba eziyisifuba okukhulunywe ngazo eSikoleni Senkonzo SoMbuso. Abanye babonakala bemagange ngokweqile ekuthumeleni imiyalezo enjalo, ngethemba lokuba abokuqala ukwembula leyo ndaba kubangane babo.
3 Ngezinye izikhathi, izindaba nokuhlangenwe nakho kuye kwahlanekezelwa noma kwenziwa ihaba. Noma ngenxa yemizamo yokunonga indaba, abanye baye badlulisela umuzwa oyiphutha. Ngokuvamile labo abashesha ukwembula izindaba ezinjalo basuke bengenawo umbono ophelele ngendaba. (IzAga 29:20) Kwezinye izimo, ngisho noma indaba ingakholeki, iyadluliswa ukuze nje kuvuswe ilukuluku. Imibiko enjalo enganembile noma edukisayo ‘iyizindaba ezingamanga,’ ezingakhuthazi ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kwangempela.—1 Thim. 4:6, 7.
4 Uma udlulisa indaba okutholakala kamuva ukuthi ayinembile, unecala ngosizi noma ukukhungatheka okungase kubangelwe yile ndaba. Lapho uDavide ethola umbiko oyihaba othi onke amadodana akhe ayebulewe, ‘waklebhula izingubo zakhe’ elusizi. Nokho, eqinisweni kwakufe indodana eyodwa kuphela emadodaneni akhe. Lwalwanele lolo sizi, kodwa leli haba labangela uDavide usizi olwengeziwe. (2 Sam. 13:30-33) Ngokuqinisekile asifuni ukuba nesandla kunoma yini engase idukise noma yenze abafowethu baphele amandla.
5 Umzila Omiswe NguNkulunkulu: Khumbula ukuthi uBaba wethu wasezulwini unomzila wokukhulumisana nathi awumisile, ‘isigqila esikholekile nesiqondayo.’ Leso ‘sigqila’ sinomthwalo wemfanelo wokunquma ukuthi yikuphi ukwaziswa okumelwe abendlu yokholo bakuthole, kanye ‘nesikhathi esifanele’ sokukusakaza. Lokhu kudla okungokomoya kutholakala kuphela ngenhlangano engokwasezulwini. Kufanele ngaso sonke isikhathi silindele lo mzila omiswe nguNkulunkulu ukuba usembulele ukwaziswa okunokwethenjelwa, hhayi iqembu labantu abasebenzisa i-Internet.—Math. 24:45.
6 Izingosi Ze-Internet: Sinengosi engokomthetho ye-Internet: www.watchtower.org. Le ngosi yanele ukuba inikeze umphakathi ukwaziswa okudingekayo. Asikho isidingo sokuba noma yimuphi omunye umuntu, ikomiti noma ibandla livule ingosi ye-Internet ngoFakazi BakaJehova. Abanye baye bafaka okuqukethwe yizincwadi zethu, bafaka nayo yonke imibhalo nezikhombo eziphelele baze basikisela nanokuthi izincwadi ezikhululwe emihlanganweni emikhulu zingatholakala ngomnikelo. Kungakhathaliseki ukuthi lokhu kuhilela inzuzo ethile ngokwezimali noma cha, umkhuba wokukhiqiza kabusha noma wokusakaza izincwadi zoFakazi BakaJehova nge-Internet uwukwephula imithetho yamalungelo okunyathelisa. Nakuba abanye bengase babheke lokhu njengokusiza abazalwane, akuvunyelwe futhi kufanele kuyekwe.
7 Ukusebenzisa ukwahlulela okuhle nokuhluzeka kwengqondo lapho sixhumana nge-Internet kuyoqinisekisa ukuthi izingqondo zethu zigcwaliswa “ngayo yonke ingcebo enqabileyo nemnandi.”—IzAga 24:4.