Izindaba Ezinhle Nge-Internet
Kulenkathi yethu yezobuchwepheshe, abanye abantu bathola ukwaziswa ngemishini, kuhlanganise ne-Internet. Ngakho iNhlangano ifake ukwaziswa okunembile ngezinkolelo nemisebenzi yoFakazi BakaJehova kuyi-Internet.
I-Internet Web yethu inaleli kheli, http://www.watchtower.org futhi inamapheshana athile, izincwajana ezingangomagazini, nezihloko ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ngesiNgisi, isiShayina (Esilula), isiJalimane, isiRussia, iSpanishi nangezinye izilimi. Izincwadi ezikule-Web seziyatholakala kakade emabandleni futhi ziyasetshenziswa ensimini. Injongo yale-Web yethu iwukunikeza umphakathi ukwaziswa ngomshini, hhayi ukukhulula izincwadi ezintsha. Asikho isidingo sokuba noma ubani alungiselele ukwaziswa kokufakwa kuyi-Internet ngoFakazi BakaJehova, imisebenzi esiyenzayo noma izinkolelo zethu. Ingosi yethu esemthethweni inikeza ukwaziswa okunembile kunoma ubani okufunayo.
Nakuba ingosi yethu ingenalo ilungiselelo lemiyalezo efika ngomshini (E-mail), inohlu lwamakheli amagatsha asemhlabeni wonke. Ngakho abantu bangabhala ukuze bathole ukwaziswa okwengeziwe noma bathole usizo lomuntu siqu koFakazi bendawo. Zizwe ukhululekile ukumnikeza leli kheli elingenhla le-Internet noma ubani ongase athande ukufunda iqiniso leBhayibheli ngalendlela.