Ongase Ukusho Ngomagazini
INqabayokulinda Sept. 15
“Izigidi zabantu zikholelwa ukuthi ‘osanta’ banamandla akhethekile nokuthi kuyasiza ukuthandaza egameni labo. Ucabangani? [Lindela impendulo.] Phawula lokho uJesu Kristu akusho. [Funda uJohane 14:6.] Lokhu kwenza abanye bazibuze ngokufaneleka kokuthandaza egameni ‘losanta.’ Le Nqabayokulinda idingida leyo ndaba ebalulekile.”
INqabayokulinda Oct. 1
“Abaningi bayazibuza ukuthi ziyoke ziphele yini zonke izinkathazo ezisizungezile—izimpi, ubugebengu nezenzo zobuphekula. Ucabangani ngalokhu? [Lindela impendulo.] IBhayibheli linikeza lesi siqinisekiso esiduduzayo. [Funda iHubo 37:10, 11.] Lo magazini uchaza ukuthi kungani uNkulunkulu engakabuqedi ububi nokuhlupheka obukubangelayo.”
Phaphama! Oct. 8
“Abantu abaningi namuhla bakhathazekile ngobuphekula, kuhlanganise nokusetshenziswa kwezikhali zamagciwane. Ingabe ucabanga ukuthi ohulumeni babantu bangabuqeda ubuphekula kuleli zwe? [Lindela impendulo.] IBhayibheli libonisa lokho uNkulunkulu ahlose ukukwenza. [Funda uHezekeli 34:28.] Le Phaphama! ihlola ezinye zezinkinga ezihilelekile.”
“Namuhla imikhaya enomzali oyedwa ibonakala yanda ngokuphawulekayo. IBhayibheli libonisa ukuthi uMdali wethu uyazwelana nayo. [Funda iHubo 146:9.] Le Phaphama! ibonisa indlela izimiso zeBhayibheli ezingabasiza ngayo abazali abangabodwa ukuba bakhulise izingane zabo ngokuphumelelayo.”