Lokho Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Sept. 15
“Abantu abaningi bafaka nala mazwi aziwayo emithandazweni yabo. [Funda uMathewu 6:10.] Ucabanga ukuthi ukuphila bekungaba njani ukube intando kaNkulunkulu seyifezeke ngokugcwele emhlabeni? [Lindela impendulo.] Lo magazini uhlola lokho okushiwo ingxenye ngayinye yoMthandazo WeNkosi, kuhlanganise nengxenye esisanda kuyifunda.”
INqabayokulinda Oct. 1
“Sonke siyakulangazelela ukuphela kobugebengu, ubudlova, nempi. Ucabanga ukuthi siyoke sikubone ukugcwaliseka kwala mazwi? [Funda iHubo 37:11, bese ulindela impendulo.] Lo magazini uxoxa ngokuthi lesi sithembiso sihlobene kanjani nenjongo kaNkulunkulu yokuqala ngesintu, nangokuthi yini thina esingayenza kuleyo njongo.”
Phaphama! Oct. 8
“Akudabukisi yini ukuthi unyaka ngamunye izigidi zamantombazane asemasha angashadile ziyakhulelwa? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngezinyathelo angazithatha ukuze ahlangabezane nezinselele eziningi zokuba umama oseyingane. Uhlaziya nendlela abazali abangasiza ngayo izingane zabo ukuba zigweme le nkinga zisuka nje.” Funda eyesi-2 Thimothewu 3:15.
“Abantu abaningi iyabakhathaza le nkinga eyandayo entsheni—ukuzitika ngophuzo. Wake wezwa ngayo? [Lindela impendulo, bese ufunda izAga 20:1.] Ukuzitika ngophuzo kuchaya intsha ezingozini eziningi. Lesi sihloko sinamaphuzu angayisiza yenqabe ukucindezelwa ukuba iphuze yeqise.”