Ukuzuza Ngokugcwele EMhlanganweni Wesigodi ‘Wabamemezeli BoMbuso Abashisekayo’
1 Isimiso Esishukumisayo: Yeka ukuthi sasishukumisa kanjani isimiso somhlangano wethu wesigodi esisanda kuba nawo! Sasihlangene ngenjongo eyodwa, ukukuhlomela kangcono ukumemezela uMbuso kaNkulunkulu ngentshiseko. Usakhumbula ukuthi isikhulumi sokuqala salichaza kanjani igama elithi “ukumemezela”? Usakhumbula ukuthi yini esakhuthazwa ukuba siyicwaninge enkulumweni ethi “Ningesabi Ngoba Niyazi Ukuthi UJehova Unathi”? Iziphi izindaba zokuphila kwabanye abantu osuzihlolile kuze kube manje?
2 Uchungechunge oluthi “Ukuqina Kokholo Lwethu Kuvivinywa Ngezindlela Eziningi” lwanikeza izizathu ezintathu eziyinhloko zokuba uJehova avumele ushushiso. Ungasho ukuthi yiziphi? Siyini isizathu esingokomBhalo sokungathathi kwethu uhlangothi njengamaKristu? Yini esakhuthazwa ukuba siyenze ukuze sizilungiselele izinkinga ezingadalwa ukungathathi kwethu uhlangothi? Ukukhuthazelela kwethu uvivinyo ngokwethembeka kungaluletha kanjani udumo kuJehova?
3 Iziphi izigcawu edrameni ethi “Yima Uqine Ngezikhathi Zobunzima” ezakukhuthaza ngokukhethekile? Singafana kanjani noJeremiya?
4 Inkulumo yeningi eyayithi, “Isimo Saleli Zwe Siyashintsha,” yachaza ziphi izinguquko ezibalulekile ezisazokwenzeka futhi ezizoholela osukwini lukaNkulunkulu olwesabekayo? Ngesikhathi ulalele inkulumo yokuphetha ethi “Masivame Emisebenzini Emihle Njengabamemezeli BoMbuso Abashisekayo,” wakuhlobanisa kanjani lokho kwaziswa nenkonzo yakho?
5 Amaphuzu Ayinhloko Esingawasebenzisa: Njengoba kwachazwa enkulumweni ethi “Zibonakaliseni Ningababongayo,” singakubonisa kanjani ukubonga kwethu uJehova ngokusuka enhliziyweni? Enkulumweni eyisihluthulelo ethi, “Abamemezeli BoMbuso Abanentshiseko Evuthayo,” intshiseko kabani esakhuthazwa ukuba siyilingise? Ikuphi ukuzihlola esacelwa ukuba sikwenze?
6 Uchungechunge oluthi “Isiprofetho SikaMika Sisiqinisela Ukuhamba Ngegama LikaJehova,” lwaqokomisa ziphi izimfuneko ezintathu okumelwe sihlangabezane nazo ukuze sithole umusa kaJehova? Ingabe ziyafinyeleleka? (Mika 6:8) Ngokwenkulumo ethi “Londoloza Ubumsulwa Ngokuqapha Inhliziyo Yakho,” singazigcina ngaziphi izindlela sihlanzekile ngokokuziphatha? Iziphi izici inkulumo ethi “Qaphela Ukukhohlisa” eyasixwayisa ukuba singakhohliswa kuzo futhi singakhohlisi abanye kuzo?
7 Imaphi amaphuzu awusizo esawathola ochungechungeni oluthi “Abamemezeli BoMbuso Abakhazimulisa Inkonzo Yabo” osuqalile ukuwasebenzisa enkonzweni yakho? Enkulumweni ethi “Ukuxoxa Ngezinto Ezingokomoya Kuyakha” kwahlaziywa eyabaseFilipi 4:8. Lowo mbhalo usisiza kanjani ukuba sixoxe ngezinto ezingokomoya, futhi kufanele sixoxe nini ngazo?
8 Inkulumo ethi “Methembe Ngokuphelele UJehova Ezikhathini Zokucindezeleka” yakhuluma ngezindlela zokubhekana nezehlakalo ezibuhlungu, izinkinga zezimali, impilo ebuthaka, izinkinga zomkhaya nokushiyeka okungokwenyama. Singakubonisa kanjani ukuthembela kuJehova lapho sibhekene nalezi zimo?
9 Amagugu Amasha Angokomoya: Sajabula ukuthola incwadi entsha ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso. Sakuthinta kanjani isaziso esasichaza injongo yayo? Kungani izosisiza emsebenzini wethu wokwenza abafundi njengencwadi yesibili esizofundisa ngayo?
10 Ngokulandelayo sathola incwadi enhle ethi Sondela KuJehova. Iziphi ezinye zezici zayo ezikhethekile? Imiphi imifanekiso oyithanda ngokukhethekile? Ingabe ukuyifunda kuye kwakusondeza kuJehova? Obani abanye abangazuza kuyo?
11 UMhlangano Wesigodi ‘Wabamemezeli BoMbuso Abashisekayo’ usinikeze isikhuthazo esingokomoya esisidingayo ukuze sibhekane nalezi zikhathi ezinzima. Ukuze sizuze ngokugcwele kuleli lungiselelo elingokomoya elihle kakhulu, kwangathi singenza konke okusemandleni ethu ukukhumbula okwashiwo, sazise esakuthola futhi senze esakufunda. (2 Pet. 3:14) Ukwenza kanjalo kuyosiqinisa ukuba sigcine ubuqotho bethu futhi sibe abamemezeli boMbuso abashisekayo njengeNkosi yethu uJesu Kristu, konke kube inkazimulo kuJehova.—Fil. 1:9-11.