Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/02 k. 8
  • Ongase Ukusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongase Ukusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 12/02 k. 8

Ongase Ukusho Ngomagazini

Phaphama! Dec. 8

“Yonke indawo bonke abantu balungiselela ukugubha uKhisimusi. Wazini ngomsuka kaKhisimusi? [Mvumele aphendule.] Kungakumangaza yini ukwazi ukuthi uJesu akazalwanga ngo-December 25? Ngithanda ukukufundela lo mbhalo kaJakobe 1:27. [Ufunde.] Uqaphele yini ukuthi ukukhulekela kwethu kufanele kuhlanzeke kungabi nakungcola? Lesi sihloko esithi ‘Okufanele Ukwazi NgoKhisimusi’ sidingida amanye amaqiniso athakazelisayo ngomsuka kaKhisimusi, futhi sisinikeza umbono weBhayibheli ngemikhosi enjalo.”

INqabayokulinda Dec. 15

“Ngalesi sikhathi sonyaka, abantu abaningi bacabanga ngokuzalwa kukaJesu. Bewazi yini ukuthi kunezifundo ezibalulekile esingazithola kulokho okushiwo yiBhayibheli ngokuzalwa kwakhe? [Mvumele aphendule. Yibe usuvula ekhasini 5, ufunde eyesi-2 Thimothewu 3:16.] Le Nqabayokulinda idingida ezinye zalezi zifundo.”

INqabayokulinda Jan. 1

“Lapho abantu beshonelwa othandekayo wabo noma lapho begula, bavame ukuzibuza ukuthi, ‘Kungani uNkulunkulu ekuvumele lokhu?’ Mhlawumbe nawe uye wabuza umbuzo ofanayo. IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu uyazwelana nabahluphekayo. [Funda u-Isaya 63:9a.] Lo magazini uchaza ukuthi kungani singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyokuqeda ukuhlupheka.”

Phaphama! Jan. 8

“Ingabe ucabanga ukuthi uhulumeni kufanele angenele enkululekweni yokukhuluma? [Mvumele aphendule.] Kuthiwani uma leyo nkululeko ihilela ukukhuluma nabanye ngenkolo, njengoba sifunda kulo mbhalo? [Funda izEnzo 28:30, 31.] Lo mbuzo usanda kwethulwa phambi kweNkantolo Ephakeme yase-United States. Ngicela ukuba ufunde ngale ndaba kule-Phaphama!”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela