Usizo Ngesikhathi Esifanele
1 Lapho umphostoli uPetru ebona isidingo sokuqinisa ayekholwa nabo, ukubakhathalela kwamenza wabanikeza izikhumbuzo nesikhuthazo sothando. (2 Pet. 1:12, 13; 3:1) Wakhuthaza labo ‘ababezuze ukholo’ ukuba baqhubeke behlakulela izimfanelo ezingokomoya ukuze ‘bangabi abangasebenzi noma abangatheli ngokuqondene nolwazi olunembile ngeNkosi yethu uJesu Kristu.’ (2 Pet. 1:1, 5-8) Injongo kaPetru kwakuwukubasiza ukuba baqinisekise ukubizwa nokukhethwa kwabo nguJehova, ukuze ‘ekugcineni abathole bengenabala, bengenasici futhi besekuthuleni.’ (2 Pet. 1:10, 11; 3:14) Kwabaningi, isikhuthazo sakhe saba usizo olufike ngesikhathi esifanele.
2 Namuhla, ababonisi abangamaKristu babakhathalela ngendlela efanayo abantu bakaNkulunkulu. Kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” izinceku zikaJehova eziningi kudingeka zibhekane nezimo ezinzima. (2 Thim. 3:1) Ngenxa yezinkinga ezingapheli zezimali, zomkhaya, noma zomuntu siqu, abanye bangase bazizwe njengoDavide: “Izinhlekelele zangihaqa kwaze kwangabikho ukuzibala. Ngaficwa yiziphambeko zami eziningi ngaphezu kwengingakwazi ukuzibona; zaba ziningi kunezinwele zekhanda lami, futhi inhliziyo yami yangishiya.” (IHu. 40:12) Lezi zingcindezi zingaba nkulu kangangokuthi labo ababhekene nazo bangase badebeselele izinto ezingokomoya ezibalulekile bese beyeka ukuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni yobuKristu. Nokho, naphezu kwezinkinga abanazo, ‘abazange bayikhohlwe imiyalo kaJehova.’ (IHu. 119:176) Manje yisikhathi esifanele sokuba abadala babanike usizo abaludingayo abantu abanjalo.—Isaya 32:1, 2.
3 Ukuze benze lokhu, abadala bakhuthaziwe ukuba benze umzamo okhethekile wokusiza labo njengamanje abangahlanganyeli emsebenzini wokushumayela. Kusukela ngenyanga ezayo kuze kube ngu-May kuzokwenziwa yonke imizamo ukuze kufezwe lokhu. Ababonisi bezifundo zencwadi bayacelwa ukuba bahambele asebepholile babanikeze usizo olungokomoya ukuze babasize baphinde bahlanganyele emisebenzini yebandla. Lapho kukhona isidingo, kungase kuhlelwe isifundo seBhayibheli. Kungase kucelwe nabanye ukuba basize. Uma ucelwa ukuba usize, imizamo yakho ingaba usizo kakhulu, ikakhulukazi uma unikeza isikhuthazo ngendlela enomusa nenokuqonda.
4 Sonke siyajabula uma othile ephinda ehlanganyela emisebenzini yebandla. (Luka 15:6) Imizamo yethu yokukhuthaza abapholile ingase ibe “izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele.”—IzAga 25:11.