‘Nikhanye Njengezinkanyiso’
1 Ebumnyameni obungokomoya nobokuziphatha balesi simiso sezinto, abakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso, uJehova, abangaba izigidi eziyisithupha ‘bakhanya njengezinkanyiso’ emazweni angu-234 emhlabeni wonke. (Fil. 2:15) Lokhu kusenza siqapheleke. Sikubonakalisa kanjani lokhu kukhanya okuyigugu okuvela kuJehova?—2 Kor. 3:18.
2 Izenzo Zethu: Abantu bayashesha ukuyiqaphela indlela esiziphatha ngayo. (1 Pet. 2:12) Owesifazane othile waqaphela ukuthi uFakazi ayesebenza naye wayenomusa futhi engumuntu osizanayo nokuthi wayengalusebenzisi ulimi olungcolile futhi engawahleki amahlaya angcolile. Lapho abanye bezama ukumcunula lo Fakazi ngokusebenzisa inhlamba lapho enabo, wayekumela ngokuqinile, nokho ngesizotha, okulungile. Kwamthinta kanjani lona wesifazane? Uyakhumbula: “Indlela ayeziphatha ngayo yangihlaba umxhwele kangangokuthi ngaqala ukubuza imibuzo ngeBhayibheli. Ngaqala ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kamuva ngabhapathizwa.” Uyanezela: “Ukuziphatha kwakhe yikho okwangenza ngahlola izinkolelo zoFakazi BakaJehova.”
3 Isimo sethu sengqondo ngeziphathimandla, umbono wethu ngemikhuba yezwe nenkulumo yethu ehlanzekile kwenza oFakazi BakaJehova bavelele njengabantu abaphila ngezindinganiso zeBhayibheli eziphakeme. Imisebenzi emihle njengaleyo ingakhazimulisa uJehova futhi yenze abanye bafune ukumkhulekela.
4 Amazwi Ethu: Yiqiniso, labo ababona imisebenzi yethu emihle ngeke bazi ukuthi kungani sihlukile uma singakhulumi nabo ngezinkolelo zethu. Ingabe osebenza nabo noma ofunda nabo bayazi ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova? Ingabe uyawafuna amathuba okushumayela naphakathi kwengxoxo evamile? Ingabe uzimisele ukuba ‘ukukhanya kwakho kukhanye phambi kwabantu’ ngazo zonke izikhathi?—Math. 5:14-16.
5 Ukufeza umsebenzi esiwuthunyiwe wokuba abaphathi bokukhanya kudinga umoya wokuzidela. Isimo sengqondo sokuzinikela ngomphefumulo wonke sizosenza sidele izinto ezingabalulekile kangako ukuze senze konke esingakwenza kulo msebenzi osindisa ukuphila wokushumayela nokwenza abafundi.—2 Kor. 12:15.
6 Kwangathi ngezenzo nangamazwi ethu singaqhubeka sikhanya njengezinkanyiso. Uma senza kanjalo, nabanye bangase bafune ukuhlanganyela nathi ekukhazimuliseni uJehova.