Intsha Ekhanya Njengezinkanyiso
1. IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi amaKristu ayeyogqama, futhi lawo mazwi asebenza kanjani entsheni engamaKristu namuhla?
1 UJesu watshela abafundi bakhe: “Nina ningukukhanya kwezwe.” (Math. 5:14, 16) Babeyogqama njengomuzi owakhiwe phezulu egqumeni, okhanyayo ekukhanyeni kwelanga. Namuhla, intsha eningi engamaKristu ‘ikhanya njengezinkanyiso ezweni’ ngokuziphatha kwayo okuqotho nangokufakaza kwayo ngentshiseko.—Fil. 2:15; Mal. 3:18.
2. Iziphi ezinye izindlela ongafakaza ngazo kothisha nakulabo ofunda nabo ekilasini?
2 Esikoleni: Ungafakaza kanjani esikoleni? Enye intsha iye yazisebenzisa ngokunenzuzo izingxoxo zasekilasini ezikhuluma ngezidakamizwa, ukuziphendukela kwemvelo nokushisekela ubuzwe—uma sibala ezimbalwa nje. Lapho babelwe ukuba babhale indaba ekhuluma ngobuphekula, omunye udade wafakaza ngoMbuso kaNkulunkulu njengethemba langempela lesintu. Uthisha yamhlaba umxhwele indaba yakhe ecatshangelwe kahle, futhi lokhu kwavula elinye ithuba lokufakaza.
3. Ungakwenza kanjani ukukhanya kwakho kukhanye esikoleni ngokuziphatha kwakho?
3 Enye indlela yokukhanya njengenkanyiso ingokuziphatha kwakho nendlela yakho yokugqoka nokuzilungisa ngesizotha. (1 Kor. 4:9; 1 Thim. 2:9) Lapho abafundi nothisha bebona ukuthi ukuziphatha kwakho kuhlukile, abanye bangase badonseleke eqinisweni ngenxa yokuziphatha kwakho okuhle futhi bakunike ithuba lokubatshela amaqiniso aseBhayibhelini. (1 Pet. 2:12; 3:1, 2) Kungase kungabi lula ukuziphatha ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu, kodwa uJehova uyokubusisa ngokucebile. (1 Pet. 3:16, 17; 4:14) Ukuze uvuse isithakazelo ezindabeni ezinhle, ungase ufunde izincwadi zeBhayibheli ngesikhathi sekhefu noma uzibeke lapho abanye bengazibona khona.
4. Iziphi ezinye zezinzuzo zokufakaza esikoleni?
4 Ukwenza ukukhanya kwakho kukhanye esikoleni kuyaluqinisa ukholo lwakho futhi kukusize ukuba uziqhenye ngokukhonza uJehova. (Jer. 9:24) Kubuye futhi kube yisivikelo. Omunye udade wathi, “Enye yezinzuzo zokukhuluma ngezinkolelo zami ukuthi abafundi abazami ukungicindezela ukuba ngenze izinto ezingavumelani nalokho iBhayibheli elikushoyo.”
5. (a) Enye intsha iyandisa kanjani inkonzo yayo? (b) Iyini imigomo yakho engokomoya?
5 Ukwandisa Inkonzo: Enye indlela intsha eningi ekhanya ngayo njengezinkanyiso iwukwandisa inkonzo yayo. Ngemva kokuqeda esikoleni esiphakeme, omunye umzalwane wathuthela lapho kwakunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso. Wahlanganyela nebandla elincane elalinomdala oyedwa vó. Wabhalela umngane wakhe: “Ngikujabulela ngempela ukuphila kwami lapha. Inkonzo iqabula kakhulu! Sikhuluma cishe imizuzu engu-20 endlini ngayinye ngoba abantu bafuna ukuzwa konke ongabatshela kona.” Wanezela: “Ngifisa sengathi yonke intsha ingenza into enjengale futhi izwe lokho engikuzwayo. Ayikho into engcono ngaphezu kokukhonza uJehova ngakho konke esinakho.”
6. Yini ekwenza uyazise intsha esebandleni lakini?
6 Yeka ukuthi siziqhenya kanjani ngani basha enikhanya njengezinkanyiso ezweni! (1 Thes. 2:20) Njengoba nikhonza uJehova ngenhliziyo yenu yonke, ngomphefumulo wenu wonke, ngengqondo yenu yonke nangamandla enu onke, niyovuna “ngokuphindwe ngekhulu manje kule nkathi yesikhathi . . . futhi esimisweni sezinto esizayo ukuphila okuphakade.”—Marku 10:29, 30; 12:30.