‘Phishekelani Okuhle Ngaso Sonke Isikhathi’
1 Indlela yokuphila yobuKristu ihilela ‘ukuphishekela okuhle kubo bonke abantu ngaso sonke isikhathi.’ (1 Thes. 5:15) Lapho sisemihlanganweni yethu yesigodi, sinamathuba amaningi okwenzela abanye okuhle. Ngalezo zikhathi, sisuke sisemehlweni abantu, futhi bonke esihlangana nabo baba nemibono ethile ngathi ngokusekelwe endleleni esibaphatha ngayo. Ukuze silondoloze idumela elihle njengoFakazi BakaJehova, kudingeka sibonise ngezenzo zethu ukuthi ‘sidumisa abantu bazo zonke izinhlobo.’ (1 Pet. 2:17) Lokho kuhlanganisa ‘ukungabi nesithakazelo somuntu siqu ezindabeni zethu kuphela, kodwa nokunakekela ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.’ (Fil. 2:4) Cabangela indlela lokhu okusebenza ngayo elungiselelweni lezindawo zokulala emhlanganweni.
2 Ingabe seniwenzile amalungiselelo endawo yokulala? Uma ningakawenzi, celani ifomu Lendawo Yokulala kunobhala webandla lakini, niligcwalise bese nilibuyisela kuye. Kungakhathaliseki ukuthi nifuna nhloboni yendawo yokulala, sizani nikhumbule okulandelayo uma kufaneleka: (1) Yibani nesineke futhi nihloniphe izisebenzi noma umninikhaya. (2) Thobelani imithetho ephathelene nokusetshenziswa kwaleyo ndawo. (3) Shiyani ithiphu evamile yomninikhaya noma yezisebenzi ezihlanzayo.
3 Ukufundisa Abantwana Ukwenza Okuhle: Ngezinye izikhathi, abantwana abashiywa bodwa kungekho muntu omdala obaqondisayo ezindaweni abalala kuzo baye badala izinkinga. (IzAga 29:15) Kwezinye izimo, abazali babematasa ngezinye izinto bashiya abantwana bengenamuntu obabhekile ekamelweni, echibini lokubhukuda noma kwenye indawo emagcekeni. Abanye abantwana bábanga umsindo kakhulu baze baphazamisa nezinye izivakashi, ezingoFakazi nezingebona oFakazi.
4 Bazali, ngaphambi komhlangano, kungaba usizo ukuzinika isikhathi esithile sokubukeza nabantwana benu ukuziphatha kobuKristu okulindeleke kubo noma nini noma bekuphi. (Efe. 6:4) Ngokwesibonelo, baboniseni ukuthi uthando lobuKristu oluqotho “aluziphathi ngokuhlazisayo, aluzifuneli izinzuzo zalo siqu, alucasuki.” (1 Kor. 13:5) Abantu abadala bangasekela la mazwi ngokubeka isibonelo esifanele kubo bonke. Bantwana, ningaphishekela okuhle ngokulalela abazali benu, nihloniphe impahla yasehhotela, futhi nicabangele abanye abanizungezile. (Kol. 3:20) Njengoba ngobunye silwela ukwenza okuhle kubo bonke, ‘sihlobisa imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu, ezintweni zonke.’—Thithu 2:10.
5 Ukuziphatha kwethu okuhle akunalo ithonya elihle kubantu abasibukele nje kuphela kodwa nakulabo abebelokhu besigxeka ngenxa yesizathu esithile. Kukho konke esikwenzayo emhlanganweni wesigodi nakuyo yonke indawo yomhlangano—kungakhathaliseki ukuthi sihamba emgwaqweni, siyadla, siphumule endaweni esilala kuyo, noma sisebenzisa amathuba okufakaza ngokwethukela—inkulumo yethu nezenzo zethu njengamaKristu kufanele zifakazele ukuthi sifuna ukuphishekela okuhle.
[Ibhokisi ekhasini 4]
Sizani Nikhumbule:
■ Yibani nesineke futhi nihloniphe izisebenzi.
■ Thobelani imithetho yendawo, ukuze kuzuze zonke izivakashi.
■ Ningawasebenzisi kabi amalungiselelo okudla kwasekuseni enikulungiselelwe.
■ Bhekisisani okwenziwa yizingane zenu.