Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda May 15
“Nsuku zonke sizwa imibiko yobudlova. Ucabanga ukuthi izimo ezinjalo zake zaba khona ngaphambili? [Lindela impendulo.] Phawula lokhu okushiwo yiBhayibheli. [Funda uMathewu 24:37.] Izinsuku zikaNowa zazizimbi kangangokuthi uNkulunkulu wabhubhisa bonke abantu ngaphandle kukaNowa nomkhaya wakhe. Lo magazini ubonisa ukuthi lezo zenzakalo zisho ukuthini kithi namuhla.”
INqabayokulinda June 1
“Imibiko yokusetshenziswa kabi kwezimali ezinikelelwe ukusiza abahluphekile iye yenza abanye bazibuza ukuthi kusewukuhlakanipha yini ukunikela ezinhlanganweni eziqoqa iminikelo. Nokho, baningi kakhulu abantu abaswele. Ucabanga ukuthi yini engenziwa? [Lindela impendulo bese ufunda amaHebheru 13:16.] Lo magazini uchaza uhlobo lokupha olujabulisa uNkulunkulu.”
Phaphama! June 8
“Namuhla, izifo ezithwalwa izinambuzane zingezinye zezingozi eziningi empilweni yethu. Bewazi nje ukuthi zikhona izindlela zokuba sizivikele? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngalezo zindlela, nangethemba eliseBhayibhelini lesikhathi lapho ukugula kuyobe kungasekho khona.” Phetha ngokufunda u-Isaya 33:24.
“Kubonakala sengathi namuhla abantu abasenandaba nokuziphatha okuhle nemikhuba emihle njengoba kwakunjalo eminyakeni edlule. Ingabe uye waphawula ukuthi kuyiqiniso lokhu? [Lindela impendulo.] Kuyathakazelisa ukuthi iBhayibheli lakubikezela lokhu. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-5.] Le Phaphama! ixoxa ngokuthi kungani izindinganiso zabantu ziguquka nangokuthi ikusasa lisiphatheleni.”