Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/03 k. 8
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 5/03 k. 8

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda May 15

“Nsuku zonke sizwa imibiko yobudlova. Ucabanga ukuthi izimo ezinjalo zake zaba khona ngaphambili? [Lindela impendulo.] Phawula lokhu okushiwo yiBhayibheli. [Funda uMathewu 24:37.] Izinsuku zikaNowa zazizimbi kangangokuthi uNkulunkulu wabhubhisa bonke abantu ngaphandle kukaNowa nomkhaya wakhe. Lo magazini ubonisa ukuthi lezo zenzakalo zisho ukuthini kithi namuhla.”

INqabayokulinda June 1

“Imibiko yokusetshenziswa kabi kwezimali ezinikelelwe ukusiza abahluphekile iye yenza abanye bazibuza ukuthi kusewukuhlakanipha yini ukunikela ezinhlanganweni eziqoqa iminikelo. Nokho, baningi kakhulu abantu abaswele. Ucabanga ukuthi yini engenziwa? [Lindela impendulo bese ufunda amaHebheru 13:16.] Lo magazini uchaza uhlobo lokupha olujabulisa uNkulunkulu.”

Phaphama! June 8

“Namuhla, izifo ezithwalwa izinambuzane zingezinye zezingozi eziningi empilweni yethu. Bewazi nje ukuthi zikhona izindlela zokuba sizivikele? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngalezo zindlela, nangethemba eliseBhayibhelini lesikhathi lapho ukugula kuyobe kungasekho khona.” Phetha ngokufunda u-Isaya 33:24.

“Kubonakala sengathi namuhla abantu abasenandaba nokuziphatha okuhle nemikhuba emihle njengoba kwakunjalo eminyakeni edlule. Ingabe uye waphawula ukuthi kuyiqiniso lokhu? [Lindela impendulo.] Kuyathakazelisa ukuthi iBhayibheli lakubikezela lokhu. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-5.] Le Phaphama! ixoxa ngokuthi kungani izindinganiso zabantu ziguquka nangokuthi ikusasa lisiphatheleni.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela