Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/03 k. 1
  • Umsebenzi Oqabulayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umsebenzi Oqabulayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Bekani Ijoka Lami Phezu Kwenu”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • “Wozani Kimi, . . . Ngizonenza Niqabuleke”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • ‘Ukufumana Impumuzo Yemiphefumulo Yenu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • “Ijoka Lami Ngelomusa Nomthwalo Wami Ulula”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 8/03 k. 1

Umsebenzi Oqabulayo

1 Isigijimi seBhayibheli siyabaqabula bonke abasamukelayo futhi basisebenzise ekuphileni kwabo. (IHu. 19:7, 8) Sibasiza ukuba bakhululeke ezimfundisweni zamanga nasemikhubeni elimazayo futhi sibanika ithemba eliqinisekile lekusasa. Nokho, abazuzi bodwa labo abamukela izindaba ezinhle. Labo abatshela abanye amaqiniso eBhayibheli nabo bayaqabuleka.—IzAga 11:25.

2 Inkonzo Ivuselela Amandla: UJesu wathi labo abamukela ijoka lokuba abafundi bakhe, elihlanganisa nomsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi, ‘babezotholela imiphefumulo yabo ukuqabuleka.’ (Math. 11:29) Naye ngokwakhe wakuthola kuvuselela amandla ukufakaza kwabanye. Kwakufana nokudla kuye. (Joh. 4:34) Lapho ethuma abafundi abangu-70 ukuba bayoshumayela, bajabula njengoba bebona uJehova esekela imizamo yabo.—Luka 10:17.

3 Ngokufanayo, amaKristu amaningi namuhla kuwavuselela amandla ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela. Omunye udade wathi: “Inkonzo iyaqabula ngoba inginika injongo ekuphileni. Izinkinga zami siqu nezingcindezi zansuku zonke ziphenduka ubala lapho ngisenkonzweni.” Esinye isikhonzi esishisekayo sathi: “Inkonzo . . . yenza uJehova abe ngokoqobo kimi nsuku zonke futhi inginika ukuthula nesilinganiso senjabulo yangaphakathi okungenakutholakala ngenye indlela.” Akuve kuyilungelo ukuba “yizisebenzi ezikanye noNkulunkulu”!—1 Kor. 3:9.

4 Ijoka LikaKristu Ngelomusa: Nakuba amaKristu eyalwa ukuba ‘azikhandle ngamandla,’ uJesu akafuni okungaphezu kwalokho esikwazi ukukwenza. (Luka 13:24) Ngempela, usimema ngothando ukuba ‘singene ejokeni lakhe kanye naye.’ (Math. 11:29, umbhalo waphansi we-Ref. bi.) Labo ababhekene nezimo ezinzima bangaqiniseka ukuthi inkonzo yabo yomphefumulo wonke, ngisho noma ilinganiselwe, iyamjabulisa uNkulunkulu.—Marku 14:6-8; Kol. 3:23.

5 Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukukhonza uNkulunkulu owazisa noma ngabe yini esiyenza ngenxa yegama lakhe! (Heb. 6:10) Kwangathi njalo singalwela ukumenzela okungcono kakhulu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela