Ingxenye 2: Ukulungiselela Ukuqhuba Isifundo
Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo
1 Ukufundisa ngokuphumelelayo esifundweni seBhayibheli kuhilela okungaphezu kokuxoxa nje ngendaba efundwayo nokubheka imiBhalo ekhonjiwe. Kudingeka sidlulisele ukwaziswa ngendlela eyothinta inhliziyo yomfundi. Lokhu kudinga ukuba silungiselele kahle ngendlela eyomzuzisa.—IzAga 15:28.
2 Indlela Yokulungiselela: Qala ngokuthandaza kuJehova maqondana nomfundi nezidingo zakhe. Cela uJehova ukuba akusize ufinyelele inhliziyo yakhe. (Kol. 1:9, 10) Ukuze uwuqonde ngokucacile umongo wendaba, cabanga kafushane ngesihloko sesahluko noma isifundo, izihlokwana nanganoma yiziphi izithombe. Zibuze, ‘Uyini umgomo oyinhloko walesi sihloko?’ Lokhu kuzokusiza ukuba ugxile emaphuzwini ayinhloko lapho usuqhuba isifundo.
3 Bukeza ngokucophelela isigaba ngasinye saleso sihloko. Thola izimpendulo zemibuzo esencwadini, udwebele kuphela amagama namabinzana ayinhloko. Hlaziya indlela imiBhalo ekhonjiwe ehlobana ngayo nephuzu eliyinhloko lesigaba bese unquma ukuthi yimiphi ozoyifunda lapho usuqhuba isifundo. Ungase ukuthole kuwusizo ukubhala amaphuzu kafushane eceleni encwadini. Umfundi kufanele abone ngokucacile ukuthi lokho akufundayo kuvela eZwini likaNkulunkulu.—1 Thes. 2:13.
4 Vumelanisa Isifundo Nezidingo Zomfundi: Ngokulandelayo, cabangela isifundo enizosifunda usenze sivumelane nezidingo zomfundi. Zama ukucabangela kusengaphambili imibuzo angase ayibuze namaphuzu angase abe nobunzima bokuwaqonda noma ukuwamukela. Zibuze: ‘Yini okudingeka ayiqonde noma asebenzele kuyo ukuze athuthuke ngokomoya? Ngingayifinyelela kanjani inhliziyo yakhe?’ Yibe usuvumelanisa indlela yakho yokufundisa nezidingo zakhe. Ngezinye izikhathi, ungase ubone isidingo sokulungiselela umfanekiso, incazelo, noma uhlu lwemibuzo ukuze usize umfundi aqonde okushiwo iphuzu elithile noma umBhalo. (Neh. 8:8) Kodwa gwema ukunezela ukwaziswa okwengeziwe okungenzeka ukuthi kuhlobene nesihloko kodwa okungadingekile. Ukubukeza kafushane amaphuzu ayinhloko ekupheleni kwesifundo kuyomsiza umfundi ukuba angawakhohlwa.
5 Asive sijabula lapho abantu abasebasha eqinisweni bethela isithelo sokulunga kube udumo kuJehova. (Fil. 1:11) Ukuze ubasize bafinyelele lowo mgomo, lungiselela kahle isikhathi ngasinye lapho uyoqhuba isifundo seBhayibheli.