Zuza Kuyi-video Ethi No Blood—Medicine Meets The Challenge
Kungakanani okwaziyo ngezindlela zokwelapha ezikhona emkhakheni wokwelapha ngaphandle kwegazi? Uyaziqonda yini ezinye zezindlela zokwelapha ezisetshenziswa esikhundleni sokumpontshelwa igazi nokuthi zisebenza kanjani? Bukela le video bese uhlola ulwazi lwakho ngemibuzo elandelayo.—Phawula: Ngenxa yokuthi le video inezigcawu ezimfushane zokuhlinzwa, abazali kufanele basebenzise ukuhlakanipha lapho benquma ukuthi izingane zabo ezincane zingayibuka yini.
(1) Isiphi isizathu esiyinhloko esenza oFakazi BakaJehova bakwenqabe ukumpontshelwa igazi, futhi leso simiso sitholakalaphi eBhayibhelini? (2) Yini esiyifunayo kwezokwelapha? (3) Iziguli zinaliphi ilungelo eliyisisekelo? (4) Kungani kunengqondo futhi kuwukuvuthwa ukwenqaba ukumpontshelwa igazi? (5) Lapho isiguli sopha kakhulu, iziphi izinto ezimbili eziphuthumayo odokotela okudingeka bazenze kuqala? (6) Iziphi izingozi zempilo ezihlobene nokumpontshelwa igazi? (7) Iziphi ezinye izinqubo odokotela abahlinzayo abangazisebenzisa ukuze banciphise ukopha kakhulu phakathi nokuhlinza? (8) Yini okufanele ufune ukuchazelwa ngayo maqondana nanoma iyiphi indlela yokwelapha engasebenzisi igazi? (9) Ukuhlinza okuyinkimbinkimbi nokubucayi kungenziwa yini ngaphandle kokumpompela igazi? (10) Iziphi izinto inani elandayo lodokotela elizimisele ukuzenzela oFakazi BakaJehova, neziyinqubo engagcina isiyisimiso sokwelapha zonke iziguli?
Ukuthi umuntu uyazamukela yini izindlela zokwelashwa ezivezwe kule video kuyisinqumo umuntu azenzela sona ngonembeza wakhe.—Bheka INqabayokulinda ka-June 15, 2004, kk. 22-4, 29-31, neka-October 15, 2000, kk. 30-1.